OKUPHAKATHI
SIYINI ISIZATHU SOBUKHONA BENKATHA?
I-IFP njengeQembu leZombusazwe ikhonela ukusebenzela abantu baseNingizimu ne-Afrika ngomoya wobuntu. Injongo yethu enkulu wukusebenzela abantu. Yileso isizathu sobukhona bethu. Sibanga izinketho sifune amandla khona sizosebenzela abantu ngokuhlangabezana nezidingo zabo futhi lokhu sikwenze kangcono ukwedlula bonke abanye. Siyizisebenzi zabantu, hhayi obasi babo.
Siyakwemukela ukuthi ubuntu buyisisekelo sakho konke ukusebenzisana esintwini. Akukho muntu oyisiqhingi esizimele sodwa. Phela siyilokhu esiyikho ngenxa yokuphilisana nabanye abantu. Sihlonipha bonke abantu futhi sibaphathe ngozwelo nangokubacabangela, sibaphathe ngendlela ezokwenza babenesithunzi sobuntu obupheleleyo.
SIDINGEKE NGANI?
Intando yeningi eNingizimu ne-Afrika izulelwa amanqe. Noma ngubani okumbusazwe ophikisayo iQembu elibusayo limthatha njengevukelambuso emkhankasweni walo wokuqoqela kulo onke amandla. I-IFP wukuphela kweqembu eliphikisayo elingacwasi ngobuhlanga, elineningi labantu abamnyama, elingagcina seliphethe izintambo zombuso kuleli zwe. Yithina esimele inkundla yezombusazwe ephakathi nendawo. Simelene nakho kokubili, ubusoshiyali obungungqoshishilizi kanye nesimo sokuzenzela umathanda. Lezi zinqubo ezisemaceleni azilisizi kahle izwe laseNingizimu ne-Afrika. Siyiqembu ongaguqukela kulo.
I-IFP iyadingeka ekuvikeleni intando yeningi esafufusa, ukuze ingakhandabezwa wubungqoshishilizi beqembu elilodwa. Futhi iyadingeka ukuze iholele iNingizimu ne-Afrika egagasini lesibili lokuvuselela intando yeningi nasekuyigxiliseni futhi isondezwe eduze kwabantu. Lokhu wumsebenzi owubizo lwethu.
IQembu leNkatha elinamandla leNingizimu ne-Afrika enamandla!
SINGOBANI THINA FUTHI AMAGUGU ETHU YIMAPHI?
Amagugu elusa indlela oziphatha ngayo. Yiwona adala ukuba okwenzayo kube nomqondo. Aveza isithombe sokuthi ungubani nokuthi yikuphi okholelwa kukho. Ngakho-ke amagugu ayisisekelo sanoma iyiphi imigomo nezinhlelo zenhlangano.
I-IFP inamagugu nqangi amathathu. Yilawa: ukuzwelana, inkululeko kanye nobunye bokwehlukeneyo. La magugu axhumene futhi yilelo nalelo lihlangene namanye amagugu angaphansi kwalo.
Ukuzwelana. Ekusebenzeleni kwethu umphakathi, i-IFP iyokwenza umfelandawonye nalabo abakhungethwe ububha, ukuntuleka kwemisebenzi, ubelelesi, indluzula, nezinye izimo zenhlalo ezinganambitheki, kanye nobandlululo. I-Ningizimu ne-Afrika inabantu abaningi okungathi uma bebukelelwa nengcindezi yokusebenza kwemakethe, noma kombuso kazimele-ngayedwan, bangahlupheka ukwedlula ngisho lokho abakudalelweyo. I-IFP kayisoze yakhe umkhanya, ibukele lapho abantu bakithi behlupheka. Kunalokho iyosebenzisana nabo, ukukhombisa ububele kanye nobudlelwane, ngenkathi inikezela ngosizo.
Inkululeko. Sifuna i-Ningizimu ne-Afrika lapho amandla kanoma ubani ophila impilo ehloniphekileyo nenesithunzi, eyofezeka khona ngobuqotho engaphansi kokubusa kwentando yeningi. Ngaphakathi eqenjini sikholelwa ekuthini yilowo nalowo unelungelo lokubamba iqhaza ezindabeni zeqembu nokuzithuthukisa inqobo nje uma izenzo zakhe ziphezu kwesisekelo sobuqotho. Yilowo nalowo eqenjini lethu unelungelo lokukhuluma nelungelo lokulalelwa, aphathwe ngendlela enesithunzi futhi avunyelwe ukubanga noma isiphi isikhundla. Siyayemukela intando yeningi yangaphakathi, ukubeka amaqiniso obala, nokuziphendulela. Eshashalazini likazwelonke sikholelwa embusweni owesekelwe eSakhiweni sezwe lapho amalungelo omuntu ngamunye evikelwe khona kuhulumeni onomkhuba wokubhozomela lawo malungelo. Sikholelwa embusweni lapho abampofu nababuthaka belekelelwa khona, lapho amagunya omphakathi engeqiwa khona.
Ubunye bokwehlukeneyo. Siyavuma ukuthi sehlukahlukene futhi siyawuchitha umqondo othi siyinto eyodwa efanayo. Siyalingana ngaphansi komthetho, kodwa nanxa kunjalo, iNingizimu ne-Afrika yakhelwe abantu abanobuzwe obehlukene futhi abayizinhlanga ngezinhlanga, amaqembu ngamaqembu, ezinkolo ngezinkolo ezehlukene nemiphakathi eyehlukene. Akukho kulokhu okusemqoka kunokunye naphezu kokuba siyemukela inkolo yobuKrestu namanye amagugu agxile kwezinye izinkolo. I-IFP ibemukela bonke emndenini. Akekho okhishwa inyumbazana, siphumelelisa ukwehlukana ngobuzwe, futhi sikhuthaze ukwabelana amandla kuzo zonke iziyingi zethu. I-IFP iyikhaya labantu bonke baseNingizimu ne-Afrika abemukela amagugu kanye nemigomo yayo. Bonke bemukelekile ukuba ngamalunga ethu kulo mkhankaso omkhulukazi wokwenza iNingizimu ne-Afrika ibe yizwe elingcono.
La magugu aveza isithombe sokuthi singobani, futhi ayinkomba yendlela esiziphatha ngayo njengeqembu lezombusazwe. Aphinde aveze isithombe salokho esiphokophele kukho ezweni lonkana.
Luhlobo luni lomphakathi esizifunela lona thina kanye nezizukulwane ezizayo? Kafushane nje, wumphakathi onobulungiswa nempumelelo futhi onesimilo futhi onabantu abaphilisana phezu kwesisekelo sobuntu.
Umphakathi onobulungiswa yilowo ophatha kahle abantu, osuphumelele ekuxazululeni izinqinamba zesikhathi esedlule, kanye nalezo esineshwa lokuthi zisaphikelele namanje. Sisho ukuthi impumelelo ayingakanani mayelana nezidingo nqangi, kanye nemisebenzi enganqamukiyo. Imfundo nezempilo okusezingeni eliphezulu, kanye nokuphepha. Umphumela walo mphakathi kuba ukukhululeka nokulingana ngaphansi komthetho, kungakhathalekile ukuthi ungubani wakwabani.
Umphakathi onempumelelo yilowo ongasakhungethwe wububha, kunalokho abantu bakhona bayakwazi ukuziphilisa kangcono, kuyilowo nalowo ezithuthukisa ngokungangamandla akhe. Umphakathi onempumelelo uvezela uwonkewonke amathuba , uhlinzekele ngezinsiza eziseqophelweni eliphezulu, ubambe iqhaza ekuletheni uzinzo nobunye.
Umphakathi onesimilo yilowo obuswa imigomo yokuziphatha kahle yamandulo, kungafani nesimo esivamile sakule Ningizimu ne-Afrika yamanje ebonakala ngokwesaba, indluzula, ubelelesi, ukuhaha kanye nokonakala. Sikholelwa kubantu abazisa umndeni oqotho nomphakathi oqotho. Kunomehluko othile phakathi kwabaholi abangenasimilo kodwa abayizicukuthwane, kanye nabantu abazilungele ngokwendalo, okuyiningi labantu baseNIngizimu ne-Afrika. Sikholelwa ekuthini wonke uwonke uneqhaza okumele alibambe ekwenzeni iNingizimu ne-Afrika ibe yizwe elingcono.
Umphakathi owesekelwe esikweni lobuntu nakanjani uphumelelisa ubulungiswa nempumelelo kanye nesimilo esihle kubantu bonke. Sikholelwa ekuthini umphakathi onjalo ungabakhona, ngakho lokhu akusilo iphupho nje. Sikholwa ukuthi amagugu ethu okuzwelana, inkululeko nobunye, kanye nezimiso nemigomo yethu, sekuhlangene nobuholi obunesibindi kwezombusazwe kungawuphumelelisa lo mbono.
UKUVEZA IMISEBENZI NGOKUTHUTHUKISA KAKHULU UKUKHULA KOMNOTHO.
Ngaphandle kokukhula komnotho ngesivinini esithe thuthu, inselelo yokuveza imisebenzi eqhubekayo eminingi ingeke iphumelele. Okwamanje, naphezu kokukhula komnotho ngo-5% isibalo salabo abangaqashiwe sikhula minyaka yonke
Siyavumelana nezingcwepheshi zezomnotho ezithi ukuze sikhiqize izikhala zemisebenzi ezidingekayo, kumele umnotho wethu ukhule ngo-8% kuya ku-9% nangaphezulu, ukuze uqhathaniseke neminotho esafufusa kodwa ebonakala idlondlobala.
Iqiniso lithi i-Ningizimu ne-Afrika idinga umnotho ozokhula ngesivinini sika-9% ngonyaka, hhayi indaba ka-5%. Kule minyaka emihlanu ezayo, uma umnotho ubuzokhula ngo-9%, ubuyobamkhulu kakhulu kunalokhu oyikho njengoba ukhula ngo-5%, futhi lokho bekuyokwenza ukuba wonke umuntu asizakale, osebenzayo nongasebenzi.
Iphuzu elimqoka wukuthi nanxa ukukhula komnotho ngokwakho kungeke kwazixazulula zonke izinkinga zokungaqashwa, ububha, noma ukungalingani, kuyabanikeza abakha imigomo amathuluzi okubhekana kangcono nezinkinga ezahlukahlukene zesimo senhlalo kwezomnotho.
I-IFP ikholwa ukuthi empeleni singawukhulisa umnotho ngo-9% ngonyaka. Okudingekayo ukukhuphula izinga lanamuhla elincane kangaka yilezi zinyathelo ezilandelayo:
(ama-MMSE) akhiqiza isibalo esikhulu semisebenzi, kodwa eNingizimu ne-Afrika akunjalo ngoba sigxile kakhulu ezinkampanini ezinkulukazi.
I-IFP ayikukhuthazi ukuqhuba umnotho okungafakiwe amatomu okuvame embusweni lapho uhulumeni engangeneleli nhlobo kwezomnotho. Akungatshazwa ukuthi singumnotho osakhulayo. Nokho lokho akusho ukuthi sekufuneka uhulumeni angene aze agamanxe agcine esenqinda amandla okudlondlobala komnotho. Nokho-ke nanxa siwuvuma umsebenzi obalulekile owenziwa nguhulumeni sikholwa wukuthi kumele kugcizelelwe umsebenzi owenziwa wosomabhizinisi abazimele, kube yibona abengamele ukukhula komnotho namathuba emisebenzi. Futhi kumele senze isiqiniseko sokuthi noma ngabe kuhle kangakanani esikwenzayo mayelana nokuthuthukisa umnotho nokudala imisebenzi, kumele sibavikele abethu ababuthaka futhi sibe nenethi elizokwenqaka labo abadla imbuya ngothi.
Ingxenye enkulu yabantu bakithi ibhajwe kunoxhaka wobubha. Empeleni lokhu kubathunaza ngokuphindiwe. Okokuqala nje abafinyeleli ezintweni eziyizidingo nqangi kanti okwesibili ububha lobu buyasehlisa isithunzi sabo njengabantu.
Empeleni i-IFP ikholwa wukuthi icala elikhulu elinokwethweswa intando yeningi eNingizimu ne-Afrika ukuthi ububha sebedlulele kakhulu manje kunakuqala. Ngisho namazinga aphakeme okukhula komnotho esehlangene nezinyathelo ezahlukene ezithathwa uhulumeni kungeke kwenela ukukhulula abantu kulo noxhaka wobubha ababhajwe kuwo.
Nanxa i-IFP ikwesekela ukunikezelwa koxhaso kwabampofu , lokhu kumele kuhambisane nokungenelela ngesu lokuzethemba nokuzisiza okuyinto esimama isikhathi eside esizayo. Indlela okuqhutshwa ngayo kumanje nje, eqinisa ukwethembela kuhulumeni idale nenkolelo yokuthi abantu banamalungelo, iyabavilaphisa abampofu bangabe besaba nawo umdlandla wokuzisiza ngokwabo, benze ngcono isimo sabo sempilo. Njengamanje abampofu bakhungethwe ukubandlululwa nokuphelelwa umdlandla nethemba.
I-IFP iyokushintsha lokhu.
Ngenxa yokuthi abampofu bantula amakhono kwezomnotho kanti futhi basezindaweni zasemakhaya ezingamaphandle angenantuthuko kwezomnotho badinga izinyathelo ezizogxila ekulweni nobubha ukuze isimo sempilo yabo senziwe ngcono. I-IFP ikholelwa ekuthini kudingeka amasu anqamulelayo kanye nalawo azothatha isikhathi eside.
Ngendlela enqamulelayo, abampofu badinga kuthathwe izinyathelo ezizokwenza ngcono amazinga empilo yabo, ezibandakanya nalezi:
· Izingqalasizinda ezenziwe ngcono – imigwaqo engcono, amanzi, ugesi, nokukhucululwa kwetshe lentaba
· Uhlelo lwezimpesheni olwenziwe ngcono – uxhaso olungcono kwabadala, ezinganeni eziphethe imizi, ababheki bezintandane , nezingane
· Isimo sezempilo esingcono – imishanguzo yokuvimbela nokwelapha izifo ngamanani aphansi
Esikhathini eside, abampofu badinga ukuhlonyiswa ngamakhono ukuze bazakhele bona isitayela sempilo abafuna ukuyiphila. I-IFP ikholwa ukuthi:
Naphezu kokungenelela okuhle kukahulumeni kula mahlandla amathathu uphethe izintambo zombuso, wehlulekile ukubhekana ngqo nobubha ngendlela ezoba nempumelelo. Empeleni ububha nokungalingani sekudlondlobale kwaze kwafika emazingeni angemukeleki. Ngeshwa akukho zimpawu ezinika ithemba lokuthi isimo sizoba ngcono. Kunjalo nje akukho ngisho uhlaka nje lwamasu okuguqula lesi simo sibengconywana.
Ngakolunye uhlangothi, i-IFP yona inobubele kanye nombono wokwenza okulungileyo nokudingekayo ukulwa nempi yobubha.
INSELELO
Umthwalo omqoka kunayo yonke osemahlombe anoma ngumuphi uhulumeni wukuphepha nokulondolozeka kwezakhamuzi zawo. Ngaphandle kwalokho, noma ngabe yiziphi ezinye izinhloso-mgomo kazisho lutho. Ngakho-ke singayidaza inkani singananazi ekuthini ukwakha izwe elinabagcinimthetho wumgomo nqangi obaluleke kunayo yonke.
Izinselelo ezibhekene nohlelo lobulungisa oselwehlulekile ukunqanda ubelelesi ziningi kakhulu. Nazi ezinye izibonelo zazo: izinkantolo zithatha isikhathi eside
kakhulu ukunquma amacala; imali yokwenza imisebenzi yamaphoyisa kayenele; imisebenzi yamaphoyisa ilawulwa wuhulumeni omkhulu ngisho namasu okunqanda ubelelesi imbala; imingcele yezwe lakithi iyavuza, izelelesi ziphuma zingene ngokuthanda; kuntuleka izindlela eziyizonazona zokuqeqesha amaphoyisa; kukhona ukugaxela kwabezombusazwe ezinhlelweni zomthetho; kunesiminyaminya esikhulu emajele; amaphoyisa anqindwe izimpondo ngoba awavunyelwe ukusebenzisa izikhwepha ukuze abophe izelelesi; ukonakala kudlangalele.
Ngokuvamile izinkantolo ziyesindwa ngoba umbuso awunawo amandla okushushisa ngempumelelo labo ababoshelwe amacala abucayi nayingxaki; amajele nawo yizidleke ezinkulu zobelelesi nokonakala.
Njengamanje njengoba u-70% wawo onke amacala awashushiswa ngempumelelo, izelelesi eziningi ziphunyula zingajezisiwe, zizithole sezikhululekile ukuba ziphinde zelelese futhi. Ngaphezu kwakho konke ubelelesi kwelakithi buphawuleka ngokusebenzisa kakhulu indluzula okuyinto ephazamisa kakhulu engqondweni, ufice abantu bezibuza ukuthi kazi elanamuhla liyoshona besaphila yini.
ISIXAZULULO
Kuningi okumele kwenziwe ukuze kuguqulwe lesi simo. Nanxa ibekhona inqubekelaphambili ezindaweni ezithile, empeleni kayenele neze, kumele sibhukule impela.
Ezobulungiswa
Ezamaphoyisa
Kusukela ngo-1994 uhlelo lobulungisa emnxeni wezobelelesi lubonakala lwehluleka ukusebenza kangangokuthi kubantu bakithi abaningi isimo sibonakala sisibi ukwedlula ngisho ezikhathini zobandlululo. Lokhu okubonakala kwabaningi kuyindlela yokutotosa iziboshwa ayisebenzi nakancane. Sekuyisikhathi sesu elisha neliqinile futhi elisingethwe endaweni lapho kuliwa khona nobelelesi.
INSELELO
Ezemfundo eNingizimu ne-Afrika zisesimeni esibucayi. Nazi ezinye izibonelo:
Uhulumeni sewehluleke wancama ukuhlinzekela ezemfundo ezilungiselela abafundi ukuba baqasheke emsebenzini. Njengamanje izwe lintula kakhulu abafundisi abaqeqeshwe ngokwenele futhi abahola kahle bebe benentshisekelo ngomsebenzi wabo. Ngaphansi kohlelo lwemfundo lwamanje kunendlala emangalisayo yokusatshalaliswa kwezimali. Abaphathi bohlelo lwezinhlaka zemfundo abasakwazi nakwenzani. Uhlelo lwemfundo njengamanje luyehluleka ukuxazulula inkinga yokwentuleka kothisha bematimathiki nesayense, kanye nezifundo zobuchwepheshe. Izikhungo zethu zemfundo seziphenduke izidleke zokusebenzisa izidakamizwa, indluzula, ukukhulelwa kwezingane nokuphelelwa wukuziphatha kahle nesimilo. Imikhandlu yemfundo ayinalo iqhaza elibonakalayo elibambile. Uhlelo lonke lusesimeni esibucayi ngenxa kahulumeni othatha ubhubhane lwengculaza njengento engekho.
Singalisho ngokugcwele elokuthi isimo semfundo kasijabulisi neze.
ISIXAZULULO
Izingqinamba ezithile okumele kubhekwane nazo ngqo zibandakanya nalezi:
Nanxa kuyiqiniso ukuthi uhulumeni wafica uhlelo lwemfundo lugcwele ubandlululo kakhulu, kumele sikusho ukuthi wehlulekile ukuhlinzekela zonke izakhamuzi ngemfundo esezingeni eliphezulu, kangangoba liselikhulu igebe phakathi kwemfundo ehlinzekela abahlwempu kanye nowonkewonke. I-IFP ikholelwa ekuthini kusekuningi okumele kwenziwe ekulungiseni ukungalingani okuyifa eleza nobandlululo bese siqinisekisa uhlelo lwemfundo oluzofezekisa amaphupho kawonkewonke.
INSELELO
Uma kungukuthi uphawu olulodwa nje esingachaza ngalo ezempilo wukuthi izakhamuzi ziyafinyelela yini ohlelweni lwezempilo oluyikhwalithi futhi olulungile, ngeshwa impendulo ngu-‘cha’. Uhlelo lwezempilo lubhekene nezinselelo ezixakile. Naphezu kokuba iNingizimu ne-Afrika ichitha imali ephezulu kakhulu kwezempilo uma kuqhathanyiswa namanye amazwe, imiphumela yona ithena amandla. Ubude bempilo obuvamile selo kwaqedwa ubandlululo buyancipha unyaka nonyaka esikhundleni sokuba bukhule.
Okufike kushaqise kakhulu wukuthi lokhu kwehluleka okungaka kwezempilo kubuye kubhebhezelwe ubuholi obungagculisi neze bukahulumeni ikakhulukazi odabeni lokusingatha ubhubhane lwengculaza lapho ubukhona balesi sifo sebudlondlobale kusuka ku-3% kuya phakathi kuka-11% no-17% kusukela ngo-1994. Ubuholi boMnyango Wezempilo ophikisana nokushiwo zincithabuchopho nososayense nohambisana nobuwaka bobudokotela kwezengculaza usuphendule iNingizimu ne-Afrika yaba yigidigidi lehlaya emhlabeni wonke, futhi usugwebe intambo izinkulungwane zabantu bakithi abafe kabuhlungu kungadingekile.
Ezinye izinselelo ezibhekene nohlelo lwethu lwezempilo yilezi: isimo esethusayo semitholampilo nezikhungo zempilo kwelakithi lapho kuntuleka khona izinto zokusebenza nemishanguzo; ukuntuleka kwezisebenzi zempilo eziqeqeshiweyo ezibhedlela zikahulumeni jikelele, okuyisimo esibucayi kakhulu kulezo zibhedlela ezisemakhaya; indlela engagculisiyo okuphethwe ngayo izisebenzi zezempilo ezibhedlela ezisemakhaya ezigcina zehlulekile ukwenza umsebenzi okanye zesule emsebenzini; nendlela ekhombisa ukwehluleka mayelana nezifo ezithathelwanayo enomqondo othi “engingakubonanga” kufana nokuthi “akukho”, nokunye okunjalo.
IGCIWANE LENGCULAZA NENGCULAZA
OKUNYE:
Ibekhona inqubekelaphambili ohlelweni lwethu lwezempilo kusukela ngo-1994, kodwa lokhu akube kusagqama ngenxa yokuhluleka kukahulumeni ngendlela emangalisayo ekusizeni labo abanengculaza. Umphumela owukubhubha kwesizwe uyohlala njalo uyicashaza elimnyama eliyofilisa konke ukwethembeka kukahulumeni.
INSELELO
Kusukela ngo-1994 intuthuko kwezombusazwe eNingizimu ne-Afrika ibilokhu iphikisana. Phela bekuba nesikhathi senqubekelaphambili, kubuye kume nsi, bese kubuye kuhlehlela emuva. Siyishayela ihlombe inqubekela phambili; siyakukhesa ukuma kwezinto ndawonye; kanti siyakujivaza ukuhlehlela kwazo emuva. Ngeshwa, selo sathola inkululeko ngo-1994, kunezinkambiso ezivelile ezikhombisa ukuthi intando yeningi eNingizimu ne-Afrika izulelwa amanqe:
Amandla amakhulu ngokwethusayo eqembu elibusayo kumele athitshwe. I-IFP inaso isixazululo. Eqinisweni i-IFP iyisixazululo. Esikhathini esimaphakathi kuya kwesikude, i-IFP njengeqembu labamnyama lesibili ngobukhulu, linamandla okuthuthuka lilithathelele iqembu elibusayo. Ngakho-ke kusemqoka ukuba i-IFP izihlele futhi yesekelwe ngabavoti ukuba yenze lo msebenzi.
Sifuna ukuzuza lokhu okulandelayo:
- ukuveza obala ukusebenzisa amandla ngokungemthetho.
- ukudalula ubuwaka nenkohlakalo
- ukuvikela abantu ekwephucweni kwabo amalungelo wumbuso
- I-IFP iyoqhubeka nokuphikisana nokuqoqela ndawonye amandla ombuso. Siyokwenza konke okusemandleni ukuvikela izifundazwe kuyo yonke imizamo yokusobozela amandla azo, futhi kuyomele sibukise ngekhono lethu ekuletheleni abantu izidingonqangi.
- Uhulumeni we-IFP uyoba isibonelo sikahulumeni obusa kahle
- Sithatha isinqumo sokuthi siyosichibiyela iSakhiwo sezwe ukuhlinzekela amagunya athe thuthu emphakathini, okuhlanganisa nenkululeko yezabezindaba.
- Siyosondeza uhulumeni kubantu sinike abantu igunya elithe xaxa mayelana nokuthi babuswa kanjani.
- Kuyomele siguqule uhlelo lokuvota ukuze kuthuthuke ukuziphendulela kwalabo abangabameleli bomphakathi kubavoti babo.
Ubungozi kuhulumeni oyintando yeningi busobala ngenxa yokwesabisa, ukungabi nasineke nokuzigabisa kweqembu elibusayo. Yebo khona! Nanxa iNingizimu ne-Afrika iwadinga amaqembu aphikisayo, umqondo othi noma yiliphi kula maqembu aphikisayo kumele lizigodlele umsebenzi wokuba kube yilo kuphela okungaguqukelwa kulo awulona iqiniso. I-IFP inekusasa eliqhakazile futhi iyobamba iqhaza elikhulu izimele yodwana futhi ingaxheguli ukufeza umthwalo eyawethweswa ngumlando wokwenza iNingizimu ne-Afrika ibe indawo engcono okuyophila kuyo bonke abantu bayo.
INSELELO
Inkathi edlule yobandlululo eNingizimu ne-Afrika isaphila enkathini yamanje, yize kungasenjalo kwezombusazwe kodwa kunohlu olude lwamafa obandlululo asalokhu eyingcindezi kulabo ababevele becindezelwe, ngeshwa lokhu kwenzeka nasezinganeni nakubazukulu babo abazalwe ngemuva kuka-1994. Ngokwamazinga empilo, ezempilo, ezemfundo, nezokufinyelela emathubeni ezomnotho, njalonjalo, nasekuqedeni ukusilela emuva okukhulukazi, kudingeka umgomo ofanele nezimali ezinkulu ezizosetshenziselwa ukwenelisa lezizidingo kulesisizukulwane kanye nakulezo ezizayo.
Ngeshwa, yize iqembu elibusayo seliqale uhlelo lokulungisa amaphutha, loluhlelo alwenele kanti futhi luthatha isikhathi eside anduba lusebenze. Umphumela-ke, uma silinganisa, baningi abantu abahlwempu kuleli lakithi namhlanje, kunango-1994, kanti futhi esilinganisweni seNhlangano Yezizwe Ezihlangeneyo (United Nations Human Development Index) izinga ekulo iNingizimu ne-Afrika lilokhu lehle njalo unyaka nonyaka. Njengoba lona kunguhulumeni obuse ngemuva kwesikhathi sobandlululo lokhu akwenelisi neze neze. Uma siqondana ngqo nomkhakha wezenhlalo nezomnotho imiphumela yobandlululo kufuneka kuliwe nayo ngendlela ehlelekile futhi ebanzi.
I-IFP ikholwa ukuthi izimpendulo zingafunyanwa kulokhu okulandelayo:
- Akuphakwe impi ezoqondana ngqo nobubha nokungalingani nanxa uhulumeni esezibophezele ekwehliseni izinga lobubha ngohhafu onyakeni ka-2014, iNingizimu ne-Afrika isalokhu inezinga eliphakeme kakhulu lokungalingani phakathi kwezicebi nezimpofana ukwedlula noma yiliphi elinye izwe emhlabeni. Phela lapha ufica abadla izambane likapondo ngapha belinganisene nabadla imbuya ngothi ngale. Ingcebo enkulu kayilona iphutha. Okubi wukuba kuthi abanye becebe beyizinana abanye bebe bengontembuzane ndawonye.
- Akunqunywe izikhathi ezimfishanyana futhi ezicacile ezinezinjongo zalokho okumele kwenziwe ukuze sinqobe ububha. Umqondo wokuthi lezi zinkinga zingaxazululwa ngezinguquko ezide zithi thuthu kancane kancane kuze kupghele iminyakanyaka, akubagculisi abampofu nalabo asebelinde izinsizakalo isikhathi eside abanye bona bebe sebezitholile.
- Ukukhula komnotho ngezinga elithe thuthu kudingekile ngoba lokho kuyosihlinzekela ngezimali ezizosetshenziswa nguhulumeni kanti nomnotho okhulayo ngapha uzoveza amathuba okuzithuthukisa. Ukukhula okusendimeni kunika uhulumeni amazinga esendimeni okusebenzisa imali (okuyinto eyenzekayo njengamanje), kanti amazinga athe thuthu azonika uhulumeni imali ethe thuthu azoyisebenzisa.
- Kumele kwenziwe into ebonakalayo ngempela ukubhekana nokuthuthukisa amalungelo esizukulwane sesibili njengoba ehlinzekelwe esakhiweni sezwe. Kuningi osekuzuziwe kusukela ngo-1994, kodwa okuningi kakhulu yilokho okusafanele kwenziwe. ISakhiwo sezwe sivumela abantu ukuba bakwazi ukufinyelela ezinkonzweni ezahlukene zikahulumeni ngaphansi kombandela wokuthi la malungelo azotholakala ngokuqhubeka kwesikhathi . Nokho uma sesibheka emkhakheni wokufinyelela ekuhlinzekelweni kokwelashwa okunekhwalithi, emfundweni, nasezinsizakalweni zomasipala, njalo njalo, umbuso uphoqekile ukuba uchithe imali eningi kunakuqala.
- Kumele kube nesiqinisekiso sokuthi umbuso uqhuba izinhlelo zokulungisa okwakonakele –
- Ngokuhlinzekela ngezimali ezibhekiswe ngqo kulabo ababencishekile phambilini. Kube noxhaso oluqondiswe kubo ngqo, kanjalo futhi nemalimboleko etholakala kalula, nezinsizakalo ezenziwe ngcono, namathuba enziwe ngcono okufinyelela kwizidingo ezifana namathenda nezinto eziphathekayo njengomhlaba nezindlu uma sibala izibonelo zezinto okumele zisetshenziswe.
- Kukhuthazwe ukuzenzela nokuzethemba kube yizinto ezingukhiye.
- Uhulumeni akumele aphike ngokubafunza abantu. Kumele abelekelele ukuba bakwazi ukuzifunza bona. Zikhona izinhlelo ezithile ezakhele phezu kwalesi sisekelo (singalinganisa nge-sweat equity housing) okumele zisetshenziswe.
- Kuhlinzekelwe ngesimo sezenhlalo esihambisana nokuzithuthukisa kwabantu. Umphumela esiphokophele kuwo wukuba kube nomnotho okhulayo kanye nabantu abaphile kahle, abanamakhono, abavikelekile, futhi abajabulile abazokwazi ukuphuma ngendlela yabo, bazimele emhlabeni. Uhulumeni kumele enze kangconywana ukuze kufinyelelwe kulesi simo senhlalo.
- Makuqondanwe nezindawo ezibucayi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya nasemikhukhwini kusetshenzwane nezidingo zazo ngomdlandla nangendlela ephelele kwizidingo ezifana nezemfundo, ezempilo, ezemihlaba nezengqala-sizinda nezinsizakalo ezivela komasipala.
Ekulweni nokungalingani kanye nokwenza okuphambene nobulungiswa enkathini edlule, iqembu elibusayo alenzi okwenele futhi alenzi okumele kwenziwe ngesikhathi esishesha ngokwanele, nokho liyazama, bandla! Nokho-ke, i-IFP, ebalandeli bayo baludinga kakhulu usizo lokulungisa okwakonakele, ikholwa ukuthi uhulumeni uyisisebenzi sabantu futhi kumele ibasize ukwedlula lokho okwenziwa iqembu elibusayo njengamanje.
INSELELO
Iningizimu ne-Afrika iyakuvuma ukuthi iyingxenye yezwekazi lase-Afrika kanti futhi ineqhaza okumele ilibambe emphakathini womhlaba.
Kunezinselelo ezinkulu ezibhekene nezwekazi, i-Afrika. Nokho masiphawule lezi: ukwehluleka ukubusa ngokomthetho, ukuntuleka kokhondolo lokubusa ngentando yeningi, izinhlaka zokubusa ezingekho esimeni esihle, ukuntuleka kokhondolo lokuhlonipha amalungelo esintu, izinxushunxushu ezithe chithi saka, izimpi nokubhubhisana kwezinhlanga, ubhubhane lwegciwane lengculaza kanye nengculaza, indlala, izifo, ukuntuleka kwentuthuko, ukucwasana ngobuhlanga, nokwexwaya izifiki okuvame kwabakithi eNingizimu ne-Afrika.
Ngokufanayo, ziningi futhi nezinselelo ezibhekene nomhlaba wonke okumele siqondane nazo ngqo: ukuntuleka kokuzinikela kwamazwe athuthukile ekusizeni i-Afrika; inkinga yamaphekulazikhuni; ukushushumbiswa kwezidakamizwa nabantu; izimpi; ukuxhashazwa kwezimakethe zomhlaba ngodlayedwa abayizizwe ezicebile; ukusebenzisa ngobuqili izinhlangano zomhlaba, okwenziwa amazwe ayizikhondlakhondla; ukucwasana ngobuhlanga okwenza imiphakathi yomhlaba yehluleke ukukhuluma ngazwi linye; nokudingidana nomqondo wokumisa umbuso ohlangene wezizwe zase-Afrika.
I-IFP yiqembu laseNingizumu ne-Afrika elimele i-Afrika. Amagugu ethu ayayiphoqa i-IFP emkhakheni wobudlelwane bamazwe ngamazwe ukuba:
- Iqinise futhi ifake intando yeningi ezinhlakeni zeziyingi nezezwekazi lase-Afrika njenge-SADC ne-AU.
- Yakhe amasu okuncenga izizwe ezingamalunga ukuba zenze futhi zihloniphe izivumelwano ezizokhuthaza intando yeningi nokubusa okuhle - isib.: izinketho ezihlale zenziwa, ezikhululekile futhi ezilungileyo.
- Ikhuthaze ukubusa ngokwezakhiwo zamazwe futhi igxilise ukhondolo lokuhlonipha amalungelo esintu emazweni ase-Afrika
- Iqhubeke nokudlala indima ebonakalayo ekuxazululeni izinxushunxushu nasekugcineni ukuthula ukuze kuqedwe izingxabano nezimpi.
- Ifake isifo segciwane lengculaza kanye nengculaza kwi-Ajenda yezifunda nezwekazi lilonkana, futhi imemezele ukuthi igciwane lengculaza kanye nengculaza uqobo yinhlekelele e-Afrika yonkana.
- Yakhe izinhlangano namanye amazwe ase-Afrika ukugqugquzela ucwaningo emkhakheni wegciwane lengculaza nengculaza, nezinye izifo kanye namasu okulondoloza ukudla.
- ENingizimu ne-Afrika inkinga yokuxwaya izifiki ibhebhezelwa wukuthi sinomngcele ovuzayo obangela ukungena ngokungemthetho kwabantu abavela emazweni angaphandle. Uhulumeni we-IFP uyothatha izinyathelo ezinqala ukuvimbela ukungena ngokungemthetho kwabantu abavela kwamanye amazwe.
- Ibambisane neminye imibuso yamazwe ase-Afrika ekubekeni phambili intuthuko yase-Afrika ezinhlakeni zomhlaba
- Iqinisekise intando yeningi ezinhlakeni zomhlaba ezifana ne-UN ukuqinisekisa ukulingana phakathi kwezizwe zomhlaba.
- Ibambisane neminye imibuso yamazwe ekulweni nokucwasana ngobuhlanga emhlabeni.
- Yemukele ukuthi asikafiki isikhathi senkulumo-mpikiswano ngesihloko se-“United States of Africa” okwamanje. I-IFP iyoqinisekisa ukuthi kubekhona ukuzwana okuvamile kuqala emazweni ase-Afrika ngaphambi kokuba kudingidwe eyobumbano.
INingizimu ne-Afrika iyazidinga izimpendulo nge-Afrika. I-IFP nanxa ilihlonipha ilungelo lalelo nalelo zwe lokuziphathela izindaba zalo zangaphakathi , kodwa iyakholwa futhi ukuthi iNingizimu ne-Afrika idinga yenze okungaphezulu ukuze imelele izakhamizi ngazinye kulo lonke izwekazi lase-Afrika uma izidingonqangi zazo zingavikelwa wohulumeni bazo. Sidinga ukuba sikhulume kuzwakale uma sibhekene nohulumeni abangawahloniphi amalungelo esintu bese bebusa ngendlela engekho emthethweni. Kungumthwalo wethu ukuvikela umbuso wentando yeningi hhayi umbuso wawondlovukayiphendulwa.
INSELELO
INingizimu ne-Afrika yizwe eselifike enhlukanandlela manje mayelana nesimilo esihle. Uma siqhubeka ngayo leyo ndlela ebesihamba ngayo kusukela ngo1994, isiphetho sethu kuyoba yizwe eseliphelelwe yisimilo.
Kuyo yonke indawo, sibona imiphumela yokuziphatha okungenasimilo. INingizimu ne-Afrika ayigcini nje ngokuba yikomkhulu lobelelesi emhlabeni, okuvele kuyinto embi kakhulu, kodwa futhi sibuye sihambe phambili kwazo zonke izelelesi ezenza amacala angahambisani nesimilo esihle njengokubulala, ukuhlukumeza ngendluzula abesifazane izingane, nasebegugile. Izelelesi zifukanyelwa wumphakathi. Izindawo zomphakathi njengezikole zicekelwa phansi. Othisha nabafundi benza ukonakala kunokuba benze umsebenzi wesikole. Ubundindwa budla lubi. Ukonakala kudlebelekile kuhulumeni nakumabhizinisi. Izingane ezincane zihushula izisu abazali bengakazi nokuthi sezikhulelwe. Izingane azisabahloniphi abazali. Amagenge ezigebengu ethulelwa isigqoko. Ubugovu nokuvulela abangani amathuba kudlangalele yonke indawo futhi kuthathwa njengesizathu esihle sokweqisa kukho konke okwenziwayo. Abadala emphakathini abasahlonishwa. Nokunye okunjalo.
Lokhu kulahlekelwa yisimilo iqembu elibusayo alikaze libhekane nakho ngqo. Kunalokho libhebhezela inkululeko engenazithiyo, kanye nenkohlakalo nokubukela phansi imibono eyakha isimilo yabantu phaqa besilisa nabesifazane. Lokhu kubhebhezela le nkinga.
Esikhundleni sokuqhubeka ngale ndlela kumele sivume ukuthi sedukile ekuziphatheni okunesimilo ngakho kumele sishintshe indlela esihamba ngayo. Lena yinselelo yesimilo ebhekene neNingizimu ne-Afrika.
I-IFP ayisoze ivumele izenzo zokonakala lapho ikhuluma ngokuhlumelela izimilo. Sikholelwa ngeqiniso emalungelweni esintu esiwahlinzekelwe yiSakhiwo futhi asiboni isidingo esingako sokuphumelelisa ukuziphatha kwasemandulo okunqala futhi okuyisidala. INingizimu ne-Afrika ayidingi ukususa indlela yokuziphatha enqala ngokweqile bese endaweni yayo ifake enye futhi enqala ngokweqile. Nokho-ke i-IFP ifuna ukuba kubenezinguquko ezinqala ekuziphatheni kwabantu ukuze iNingizimu ne-Afrika ibe izwe elingcono. Lezi ngezinye zezinyathelo ezikhethekile okumele zithathwe:
- Makubuyiswe ukufundisa ubuntu ezikoleni. Imfundo yomphakathi esekelwe ubuntu yiwona khiye wokuguqula ukuziphatha kwentsha.
- Ukuziphatha kothisha nabafundi ngokunganaki umsebenzi wesikole kumele kushintshe. Othisha abadakwayo nabashiya umsebenzi wabo nabaya ocansini nabafundi ababengamele kumele bajeziswe kanzima. Abafundi abawuvanzi emgwaqeni esikhundleni sokuba babesesikoleni kumele kubhekwane nabo ngqo. Abazali kulindeleke ukuba kube umthwalo wabo ukuqondisa izingane.
- Inkohlakalo kumele ishatshalaliswe. Iqembu elibusayo elibekezelela inkohlakalo yamalunga alo aphinde ahlomulise abangani ikakhulukazi kuhulumeni, kumele sonke siwuchithe lowo mgomo. Amaphoyisa oMnyango we-SAPS, kubandakanya nosigaxamabhande abenza izenzo zenkohlakalo kumele bajeziswe kanzima.
- Makuchithwe umthetho wokugcogcoma nezihlalo owonakalisa intando yeningi.
- Makukhuliswe ukuzinikela kukabani nobani ekulweni nobelelesi. Amaphoyisa awavunyelwe ukusebenzisa izikhwepha uma kunesizathu esifanele. Amalungelo alabo abahlaselwayo akumele abe ngaphansi kwawezelelesi njengoba kwenzeka manje. Umphakathi akube yiwona owemukela inselelo yokunikezela ngabasolwa emaphoyiseni .
- Makuphunyeleliswe imindeni kanye nawo onke amagugu aqinisa imindeni.
- Makucatshangisiswe ngokubuyiselwa kokujezisa ngokushaya uma lokhu kunobulungiswa futhi kungaphansi kolawulo olunqala ezikoleni nakhona emajele kusetshenziswe njengesijeziso.
- Makuvunyelwe amasiko asiza ekuqiniseni isimilo.
- Inhlonipho nokuziphatha kahle makuphunyeleliswe futhi kuhlonyuliswe. Makusetshenziswe imali yombuso ukuklomelisa abaziphatha kahle (isib. Imiklomelo yempumelelo ezikoleni).
Umbono we-IFP womphakathi onesimilo uyaphikisana nokuningi okwenzeka eNingizimu ne-Afrika namhlanje. Iqembu eibusayo selikhombisile ukuthi alinamandla okuvimba lesi sihlava. Kodwa-ke i-IFP nokuzinikela kwayo emgomeni wobuntu, nendinganiso enhle phakathi kwesidala esinqala nenkululeko yesimanje kanye namagugu omphakathi nokuzimisela kwayo ekuguquleni isimo sibengcono kwelakithi, inawo amandla okuvula indlela eya phambili bese ihola lo mkhankaso wokuhlunyeleliswa kwezimilo.