MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

1 September 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Inkatha yenkululeko iyayihlaba iyayihlikiza imibiko yemfundisoze kaKhongolose ephume ezindabeni muvanje ngodaba lwesondlo sezingane.

Iqiniso lithi yiqembu leNkatha Yenkululeko elimi lingagudluki emgomeni wokusekela isondlo sezingane. Lomgomo uhlinzekelwe kumthetho-sisekelo wezwe oqinisekisa ngelungelo lanoma yimuphi umuntu ukuba athole isihlinzekelo sempilo kanye nalokho okufanele ukumelekelela.

 

Siphawula ukuthi yithina beqembu leNkatha esikumele ngazo zombili ukukhushulwa kwezihlinzekelo zikahulumeni kubo bonke abakufanele lokho.

Sikholwa ukuthi ukwelekelelwa kwalabo abakudingayo lokho kungumgomo oqotho. Iqembu leNkatha Yenkululeko lilimisa ngesihloko elithi izihlinzekelo zikahulumeni kufanele ukuba zihlale njalo zibukezwa futhi zibhekisiswa ngendlela engalawulwa yimigomo engaguqulwa kalula.

Izihlinzekelo zikahulumeni kufanele ziqhathaniswe nesimo somnotho esiguquguqukayo kanye nezidingo zabantu.

Thina beNkatha ekuqhubeni phambili umkhankaso wokukhokhwa kwezihlinzekelo zikahulumeni sihamba phambili kunabanye esiqhudelana nabo. Kwathi lapho iqembu elibusayo lichitha isikhathi liphika iqiniso elimsulwa ngenhlekelele yegciwane nengculaza uqobo, thina beNkatha sakuqaphelisisa ukuthi lolubhubhane lwase ludale isigaba esisha salabo abadinga izihlinzekelo. Sikhuluma lapha ngezintandane zengculaza kanye nemindeni esiphethwe zingane. Yilezizigaba zabaludinga kakhulu usizo lwezihlangabezo esinomlando omude wokubakhuthaza ukuba babhalise eMnyangweni Wokuthuthukiswa Komphakathi.

Kukodwa nje kuphela thina beNkatha esiqwashisa ngakho. Thina silibeka ligcwale elithi ukungahlungisiswa kwezicelo zezihlangabezo kungase kudale inkinga yalabo asebeyohlala benqiba. Yingakho nje umgomo wethu kwezokuhlinzekelwa komphakathi uthi izihlinzekelo kufanele ziqondane nabadingayo, futhi abadlule ekuhlungweni ngokwamaholo. Ngokunjalo kube nohlelo lokulandela ukukhokhwa kwezihlangabezo futhi zikhushulwe lapho kudingeka.

Siphawula ukuthi phezu kokuba umgomo wethu weminyaka usekeleke phezu kwezinsika zokuzisiza nokuzethemba, siyakwemukela ukuthi kuhamba kuhambe kufikwe esimeni sakwangqingetshe. Siphawula ukuthi kukhona izingane, abadala abathile, izinhlobo ezehlukene zalabo abadinga ukwelekelelwa kanye nezintandane ezingenawo amandla anele ukufeza imigomo yokuzisiza nokuzethemba.

 

Umlayezo wethu kulabo abakulesosimo, ezihlotsheni zabo nakulabo ababhekene nokondla ucacile. Iqembu leNkatha Yenkululeko lithi ukuhlinzekelwa kwabadingayo kulilungelo eliqoshwe phansi kumthetho-sisekelo. Ngokunjalo lelilungelo lingumthwalo emahlombe kahulumeni ukuba lifezeke.

nguDokotela Lionel Mtshali                       
UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902