MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

1 October 2007

Umthetho omusha odala ukwehlukana kwemibono eNingizimu Africa ugunyaza amantombazane aneminyaka engaphansi kweshumi nesishiyagalombili (18) ukuba azithathele isinqumo esinzima sokuhushula isisu ngaphandle kwemvume yabazali.

Siphawula ukuthi umthetho awunaso isihlinzekelo sokwelulekwa nokusekelwa esimeni esibucayi. 

Ngokwezibalo ezikhishwe nguMnyango weZempilo alinganiselwa ku- 72 000 amantombazane angaphansi kweminyaka engu- 18 ahushula izisu kuzozonke izifundazwe ngo 2006. Siphawula ukuthi abasebenzi boMnyango weZempilo kulindeleke ukuba beluleke izingane ukuba zithole iziyalo zabazali noma zababheki bazo. Akukho okuqoshwe phansi ngokomgomo okuphoqa ukuba abezempilo bahlinzeke noma iyiphi intombazane ngezeluleko nokwesekwa uma izohushula isisu. 

Iningi lamantombazane kungenzeke ukuba azise abazali ngenhloso yawo. Ngakhoke iningi lalamantombazane azithathela isinqumo ngaphandle kweseluleko nokusekelwa ngabazali. 

Ngisho kungehlukanwa ngemibono ngokuhushulwa kwezisu, ukuthathwa kwesinqumo ngalolu daba akulula futhi kushiya amanxeba empilweni nasengqondweni yalowo odlule kulesosimo. Ukwehluleka koMnyango weZempilo ukuhlinzeka amantombazane ngezeluleko nokusekelwa kudlavaza kakhulu impilo nengqondo yalabo abazithathela lesosinqumo. 

Siphawula ukuthi uMnyango weZempilo ukwenza kube mqoka ukwelulekwa nokusekelwa kwalabo abahlolelwa igciwane lengculaza. Lokhu phela kulandela umgomo kahulumeni. Akukho ukuzikhethela esimeni segciwane. Umgomo ulandelwa njengokulawula komthetho. 

Thina be-IFP sikholwa ukuthi igebe elidalwa nguMnyango weZempilo esimeni sokuhushulwa kwezisu ngokungagcizelelwa kwezaluleko nokwesekwa kwabakudinga kakhulu lokho lingavalwa ngezeluleko zochwepheshe ngokunqanda ukukhulelwa kanye nokuya ocansini ngendlela ephephile. 

Ukwehlukana kwemibono ngodaba lokuhushulwa kwezisu kalwehlukile kulokho okwenzeka kwamanye amaqembu ezombusazwe. Singakuchaza ngokuthi yilowo nalowo ulawulwa ngunembeza wakhe. Umthetho wezwe lakithi uyakuvumela ukuhushulwa kwezisu. Sinomthwalo wokuthi lomthetho ulandelwa ngendlela enokubhekelela nobuqotho.

nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902