MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

02 June 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Kuyadabukisa ukuthi ishwa lokuhlaselwa kwalabo abangabokufika eNingizimu Afrika selikhuthaze osomathuba kwezombusazwe ukuba bakhombe ezindaweni ezehlukene ngaphandle kokuzikhomba kwabona. Ngenkathi kubheduka lolubhici olwenyanyekayo eGauteng, ubuholi buka-Khongolose e-Alexandra abuchithanga sikhathi ukukhomba iqembu leNkatha njengabaphehli baloludundunyane ngaphandle kokwenekela izwe ubufakazi.

Emavikini amabili emva kokubheduka kokuhlaselwa kwezifiki eMlazi kwezwakala isitatimende esishaqisayo sikhishwa nguNgqongqoshe weZokuphepha noKuxhumana koMphakathi uMnumzane Bheki Cele. Lapho akhomba i-IFP njengababhebhezeli bodlame emalokishini aseThekwini. Ungqongqoshe uCele ubuye waphika abekushilo kungasekelwe bufakazi. Isenzo esinjalo sibukelwa phansi. Okubi kakhulu ukuthi umonakalo wase wenzekile. I-IFP yase ithelwe ngodaka.

Ngokunjalo sekuphinde umasumpa. Ngeviki eledlule uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya uMnumzane Mike Mabuyakhulu usakaze ilumbo ngokuhlaselwa kwezifiki eNquthu nakwaNongoma. Izehlakalo ezinjalo kazenzekanga. Ngale kwalokho amahhovisi eqembu lethu kwaNongoma abhacise izifiki ezibalekela udlame lobuzwe ezindaweni ezehlukene zalesisifundazwe. Kuyishwa ukuthi izitatimende zalabongqongqoshe uCele noMabuyakhulu bezidida imiqondo futhi ziyingozi.

Iqembu leNkatha yeNkululeko likhathazeke kakhulu ngesibhicongo sokuhlaselwa kwezifiki okwenzeke ngesonto eledlule. Ihhovisi leqembu elikhulu eliseThekwini licelwe ukuba likhoselise abesifazane nezingane abayizakhamizi zaseBurundi. Sizwakalisa ukubonga umkhandlu wabenkolo yamasulumane ngokubhacisa lababaleki ezakhiweni zabo zokukhonza.

Iqembu leNkatha yeNkuleleko alikwemukeli lokho okwenziwa ngosopolitiki ukuphawula ngodlame lobuzwe olubhekiswe kwabokufika kulelizwe.

Ukumpongoloza ngaphandle kwemvume nolwazi olugcwele kubhebhezela isimo esibucayi sombhedukazwe esifundazweni nakwezinye izingxenye zezwe laseNingizimu Afrika.

Akungatshazwa ukuthi iqembu elibusayo laliphezu kohlelo lokuhlinzela ezibini izimbangi zombusazwe. Ukungafezeki kwalenhloso kushaye enyameni kwase kuphuthunywa kucingwa ezinye izizathu zokuhlukunyezwa kwezifiki.

Uhulumeni uthi ngokomthetho lolubhici lubhebhezelwa zigebengu. Uphenyo oluseqophelweni eliphezulu yilona oluyoxazulula ngokuphelele ngalensambatheka yempicabadala.

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902