Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Nansi inhlekelele yembuleka kwabanye
bomasipala abaqavile ezingeni lasekhaya kanye nakulelo lesifunda.
Lenhlekelele ikhomba izimpawu zesibhicongo esikhokhobela
uhulumeni wesifundazwe.
Ikomkhulu lalesisifundazwe
liseMgungundlovu. Yilapho kwembulwa khona amahlazo phambi
kwesigungu sikahulumeni. Sikhuluma ngomasipala
abalandelayo: uMsunduzi, uMngeni kanye
nomasipala wesifunda uMgungundlovu.
Bonke labomasipala sebevuthukile ngenxa
yendlela yokuphatha ekhombisa ukwehluleka, inkohlakalo, ukweba
kanye nokubhekelwa kwalabo basebenzi abasondelene
neziphathimandla.
Umasipala wesifunda saseMgungundlovu
wehluleke ukuqoqa imali engu- R70 million yezikweledu zamanzi
asetshenzisiwe. Yingakho nje lomasipala engakwazanga ukukhokhela
inkampani ebaphakela amanzi ebizwa ngo-Mngeni Water izigidi
ezingaphezu kweziyishumi zama-Randi (R10 million). Ingxenye
enkulu yalesisikweledu samanzi ikhonjwa kumasipala waseMngeni.
Yiwo kanye lomasipala osubhule imililo eyesabekayo ngenxa
yokungeneliswa kwabaningi abadala abakhile bekhononda
ngokukhuphuka kwezintela ngendlela engagculisi.
Phezu kwalesisisimo esingemukeleki
kunokusetshenziswa kwezimali ukukhokhela izidingo nemisebenzi
ethile okukhomba incithakalo eyedlula ukwenza. Kukhona
abasebenzi bemikhandlu yomasipala abanesandla kulemikhonyovu.
Siphawula ukuthi izikhulu ezifana noNkosikazi Monica Mngadi
zishiye iphunga lenkohlakalo nokuqashwa kwazo okungenelisi.
Siyakuqaphela ukuthi izinkinga
ezikhungethe lemikhandlu yomithathu zidedelwe nguNgqongqoshe
weZohulumeni baseKhaya ukuba zimile izimpande.
UNgqongqoshe uMike Mabuyakhulu udume
ngokudedela isimo sokonakala kwezinto komasipala abaholwa
yiqembu lakhe le-ANC. Ubonakala ehola izinyawo kwenye inkathi
kungasasizi lutho ukungenelela kwakhe. Izigangi ziyaphunyula
futhi ingabikho indlela yokuqoqwa kwezimali ezilahlekile.
Ngokunjalo imiphumela yocwaningo lochwepheshe ikakhulu
eMgungundlovu iyagodlwa ukuze ingenekelwa iqembu eliphikisayo
kanye nomphakathi.
Lenqubo engemukeleki ilandlela isibonelo
sikahulumeni wesifundazwe obonakala enyonyobisa okonwabu
ukuphenya ngezenzo zenkohlakalo. Yilokho kanye okwenzeka
eMnyangweni wZolimo. Sekungumlando ukuthi kwagcina kuphenye
ochwepheshe. Phezu kwalokho umphumela walolophenyo olunzulu
ugodliwe ekucutshungulweni yiphalamende nokwembulelwa umphakathi.
Siphawula ukuthi kulula nje ukuphunyula
kwezigilamkhuba ezinjenga lowo owayeyinhloko yoMnyango uDokotela
Jabulani Mjwara. Phela wagcina ngomhlomulo wokumbonga.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902