MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

3 March 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal 

Nansi inhlekelele yembuleka kwabanye bomasipala abaqavile ezingeni lasekhaya kanye nakulelo lesifunda. Lenhlekelele ikhomba izimpawu zesibhicongo esikhokhobela uhulumeni wesifundazwe.

Ikomkhulu lalesisifundazwe liseMgungundlovu. Yilapho kwembulwa khona amahlazo phambi kwesigungu sikahulumeni. Sikhuluma ngomasipala

abalandelayo: uMsunduzi, uMngeni kanye nomasipala wesifunda uMgungundlovu.

Bonke labomasipala sebevuthukile ngenxa yendlela yokuphatha ekhombisa ukwehluleka, inkohlakalo, ukweba kanye nokubhekelwa kwalabo basebenzi abasondelene neziphathimandla. 

Umasipala wesifunda saseMgungundlovu wehluleke ukuqoqa imali engu- R70 million yezikweledu zamanzi asetshenzisiwe. Yingakho nje lomasipala engakwazanga ukukhokhela inkampani ebaphakela amanzi ebizwa ngo-Mngeni Water izigidi ezingaphezu kweziyishumi zama-Randi (R10 million). Ingxenye enkulu yalesisikweledu samanzi ikhonjwa kumasipala waseMngeni. Yiwo kanye lomasipala osubhule imililo eyesabekayo ngenxa yokungeneliswa kwabaningi abadala abakhile bekhononda ngokukhuphuka kwezintela ngendlela engagculisi. 

Phezu kwalesisisimo esingemukeleki kunokusetshenziswa kwezimali ukukhokhela izidingo nemisebenzi ethile okukhomba incithakalo eyedlula ukwenza. Kukhona abasebenzi bemikhandlu yomasipala abanesandla kulemikhonyovu. Siphawula ukuthi izikhulu ezifana noNkosikazi Monica Mngadi zishiye iphunga lenkohlakalo nokuqashwa kwazo okungenelisi.

Siyakuqaphela ukuthi izinkinga ezikhungethe lemikhandlu yomithathu zidedelwe nguNgqongqoshe weZohulumeni baseKhaya ukuba zimile izimpande.

UNgqongqoshe uMike Mabuyakhulu udume ngokudedela isimo sokonakala kwezinto komasipala abaholwa yiqembu lakhe le-ANC. Ubonakala ehola izinyawo kwenye inkathi kungasasizi lutho ukungenelela kwakhe. Izigangi ziyaphunyula futhi ingabikho indlela yokuqoqwa kwezimali ezilahlekile. Ngokunjalo imiphumela yocwaningo lochwepheshe ikakhulu eMgungundlovu iyagodlwa ukuze ingenekelwa iqembu eliphikisayo kanye nomphakathi.

Lenqubo engemukeleki ilandlela isibonelo sikahulumeni wesifundazwe obonakala enyonyobisa okonwabu ukuphenya ngezenzo zenkohlakalo. Yilokho kanye okwenzeka eMnyangweni wZolimo. Sekungumlando ukuthi kwagcina kuphenye ochwepheshe. Phezu kwalokho umphumela walolophenyo olunzulu ugodliwe ekucutshungulweni yiphalamende nokwembulelwa umphakathi.

Siphawula ukuthi kulula nje ukuphunyula kwezigilamkhuba ezinjenga lowo owayeyinhloko yoMnyango uDokotela Jabulani Mjwara. Phela wagcina ngomhlomulo wokumbonga.

 nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902