Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,
Ngeviki eledlule uMhlonishwa ophathiswe
uMnyango wamaPhoyisa uCharles Nqakula wehlelwe yisehlo
sokutholwa ekhombise ukungahloniphi isinqumo senkantolo
wafanelwa ukuboshwa.
IJaji kaligcinanga nje ngokuthethisa
abasebenzi bomnyango wamaphoyisa, kodwa ledlulele ekubekeni
icala kuNgqongqoshe Charles Nqakula siqu sakhe ngokungahloniphi
isinqumo esenziwa evinkini elendulela lelo. Inkantolo yanquma
ukuba amaphoyisa akhe imijondolo yabantu eMoreleta Park. Lokho
kwenziwe engakapheli amahora alishumi nambili. Isinqumo
senkantolo salandela isenzo samaphoyisa sokucekela phansi
imijondolo ngesikhathi kuvinjezelwe kuleyandawo.
Ngenkathi uNgqongqoshe ephambi
kwenkantolo abasele dengwane phakathi kwabo kukhona abesifazane
nezingane babengenayo indawo yokukhosela. IJaji uBill Prinsloo w
agweba uNgqongqoshe ukuba afakwe ejele ngaphndle kokuchitha
isikhathi.
Ukudedelwa kwakhe kwakuzohambelana
nesinqmo sokuvuselelwa kwemijondolo. IJaji lengeza ngenhlawulo
ka R10,000.
Ngabe loluchungechenge lwezehlakalo
lwedlulisa muphi umlayezo ngezwe lakithi kanye nohulumeni
wethu?
Akungatshazwa ukuthi singofakazi
bokuqoqelwa kwamandla ndawonye ekomkhulu likahulumeni. Umbuso
usuqhoqhobele onke amandla angabe asemphakathini. Amandla
asezinze ndawonye kusukela komasipala kuya ezifundazweni kugcine
kuzwelonke.
Ngokunjalo ezokulungiswa, ezokushaywa
komthetho kanye nokuphathwa kukahulumeni kulawulwa komkhulu
ePitoli. Isenzo sikaNgqongqoshe uNqakula sifakazela lesisimo
esingazihluphi ngezimfuno zalabo abahlukumezeke.
Yilesisimo sokuqhoqhobalwa kwamandla
nokulawulwa yingcosana ebambisene neqembu elibusayo
esesibenomphumela wokungahlangabezwa kwezidingo zabantu
ngendlela egculisayo. Umbuso awenzi okwenele ukukhuthaza
ukudaleka kwamathuba omsebenzi, ukuhlangabeza izidingo ezinqala
zabantu kanye nokuvikela umphakthi. Konke lokhu kubeka
ukuvikeleka komphakathi engcupheni.
Kulesisimo esibi isekhona inhlansi
ekusebenzeni kwezinkantolo namajaji, Lokhu kufakazelwa yisinqumo
sejaji elinesibindi. Sithi phambili Jaji Prinsloo.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu
lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo
Dr Lionel Mtshali MPP
Leader of the Official
Opposition
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902