Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Kuthe ngeviki eledlule iphalamemnde
laKwaZulu Natal laguqa ukuze amalungu alo ahlabe ikhefu.
Kulelothuba lokuphumula kulindeleke ukuba kubuyelwe kinina
bavoti nethulelwe imibiko futhi niphathise amalungu izindaba
okuphuthumayo ukuba kubhekanwe nazo onyakeni omusha.
Siphawula ukuthi ukuhlala kwephalamende
okuphele ngomhlaka 29 November 2007 kukhombise impumelelo
engababazekile ekuhlangabezeni izidingo nqangi zomphakathi.
Okugqame kakhulu kube yizigigaba ezikhombisa ukuhlehlela emuva
kulokho obekulindelwe.
Ake ngiphawule lokhu okulandelayo:
Iphalamende lavota ngobuningi ukweseka umthetho-sivivinywa
obizwa ngokuthi 13th Constitutional Amendment Bill. Kwakungeke
kwenzeke lokhu ukuba inqubo eyenyanyekayo yokugcogcoma namavoti
amanye amaqembu kayinikanga iqembu lika- Khongolose umhlomulo
ngalabo abangenawo unembeza. Ngikhuluma lapha ngomthetho ophoqa
abaseMatatiele ukuba yingxenye yesifundazwe saseKoloni
eseMpumalanga esikhungethwe ububha nenkohlakalo engakaze ibonwe
emlandweni wezwe lakithi.
Angikaze ngiyibone impicabadala
yokukhohlisa abantu kuthiwa kulalelwa uvo lwabo. Konke okwashiwo
abantu baseMatatiele/Maluti akuzange kwenze umehluko
kunkulumo-mpikiswano ephalamende laKwaZulu Natal. Isinqumo kwaba
yileso esasivuma ikomkhulu leqembu elibusayo.
Ngokunjalo abantu baKwaZulu Natal
baphoqeke ukubekezelela insakavukela yomantunta-nendishi
bamajadu okugcaluzisa iphalamende kanye nalokho okubizwa
ngokuthi yizimbizo. Iqiniso elisobala ngisho enganeni ekhasela
eziko ukuthi lemikhankaso kuqondwe ngayo ukuzuzela iqembu
elibusayo ukwesekwa ezinkethweni. Kungamanga aluhlaza cwe ukuthi
lamajadu anenhloso yokuhlangabeza izidingo zabantu nokuletha
intuthuko abayidinga kakhulu.
Kuyethusa ukuthi iphalamende lehlulekile
ukusebenzisa onke amathuba ebelinawo ukwenza umsebenzi wokuqapha
ngeso lokhozi ukusebenza kweqembu elibusayo. Ukwehluleka ukwenza
umsebenzi kwadalwa ngamathuba amaningi okucasha ngomkhwani.
Lezizenzo zikhonjwa esigungwini sikahulumeni wesifundazwe kanye
nakubaphathi nabalawuli bephalamende. Ngethula esidlangaleni
somphakathi imisebenzi ebalulekile esizweni engazange ibekwe
ezithebeni zephalamende: umbiko wophenyo olwenziwa ngabakwa
Ernst and Young, bephanda bembulula ngokuhluleka kwenhloko
eyayikhona ukuphatha umnyango kanye nenkohlakalo, umphumela
wophenyo olwenziwa ngenhloko yoMnyango weZempilo uDokotela Busi
Nyembezi, umphumela wophenyo ngalokho okuthiwa kwenzeka ebhodini
yokongiwa kweMvelo.
Kunemibiko yophenyo eyenziwa ngesikhathi
nginguNdunankulu engazange yethulwe ezithebeni zephalamende.
Ngibala lapho lemibiko elandelayo:
owenziwa yijaji u- Alexander ngezinkinga
ezadala udlame nokuchitheka kwegazi embonini yezokuthutha,
owenziwa yijaji uBooysen ngodaba lokuthengwa kwezindlu, izibhucu
zamahhotela, namapulazi. Kuyethusa ukuthi lohulumeni
kaKhongolose usephathe izintambo zombuso iminyaka emithathu
nezinyanga eziyisithupha kodwa wehluleka ukwethula lemibiko
ephalamende lesifundazwe. Uyifunda ivaliwe ukuthi lohulumeni
wehluleka kangakanani emgomeni wokubusa ngendlela ephumele
eshashalazini. Lapho kungekho lutho olufihlwayo.
Njengomholi weqembu eliphikisayo
ngizibophezela emgomeni wokuqinisa umsebenzi omqoka wephalamende
wokuqapha ngeso lokhozi uNdunankulu nesigungu sakhe.
Lesisibophezelo sami ngiqonde ngaso ukwenelisa izidingo
zezakhamizi kanye nabakhokhi bentela. Ngiyowufeza lomgomo
enyakeni ozayo ka-2008
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902