Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal Kusukela
ngokuvalwa kophiko Lokunqanda iNkohlakalo olwaluqapha umnyango
wamaphoyisa ngeso lokhozi ngo-2002, amacala aphathelene
nenkohlakalo kulomnyango adlodlabale kakhulu.
Lesisenzo sivula ithuba lemibuzo
engaphenduleki. Konje uhulumeni ongakagxili futhi
osantengantenga uyolekelelwa yisiphi isakhiwo soqapha ukuthi
konke kuhamba ngendlela ehleliwe? Esimeni esinjalo konje
isakhamuzi sezwe lakithi singalibeka kuphi ithemba laso?
Ake ngendlalele loludaba kanje. Phakathi
kuka 1997 no 2002 kwabikwa okungenani amacala alinganiselwa
emashumini amane nantathu Ophikweni Oluzimele olwamukela
izikhalo ngokuziphatha kanye nokusebenza kwamaphoyisa.
Lezizikhalo sezenyuka zafika ekhulwini elevayo ngonyaka phakathi
kuka 2002 no 2006. Ngiphawula ukuthi lesisbalo yileso
salawomacala asuke ebikiwe. Angiwabali lawo aphelela ezeni kuhle
kwesithukuthuku senja. Siqaphela ukuthi ucwaningo lochwepheshe
seludalule izinga lenkohlakalo eliphakeme futhi okuvamise ukuba
kungenziwa lutho ukuthathela izinyathelo.
Kuthe ukuba kuvalwe uphiko Lokulwa
neNkohlakalo, uphiko Oluzimele olwemukela izikhalo ngokuziphatha
nokusebenza kwamaphoyisa lwathatha isinyathelo sokusungula
uphiko olubizwa phecelezi ACC lokulwa nenkohlakalo . Siphawula
ukuthi akusizi lutho ukusungula uphikolwabaphenyi macala
abathathu ezweni lonke. Lesisibalo singeqhathaniswe nabaphenyi
macala abangama-250 ababeqashwe wuphiko lokuphenya olwalubizwa
ngokuthi ACU. Kuyethusa ukuthi inani lamacala abikwa ophikweni
oluzimele lokuphenya amaphoyisa lwakhula phakathi kweminyaka
1997 kuya ku 2006. Ngo-1999 isibalo sasifike ku 5119.
Uma sibhekisisa lesisimo sifaka
emqondweni othi i-ANC ibonakale idlulisa umyalezo okhomba
imiphakathi ngenjumbane. Kuthiwa inkohlakalo idlange kangaka nje
emaphoyiseni kungenxa yokukhuthazwa ngumphakathi. Iqembu
leNkatha yeNkululeko liyazi ukuthi amaholo amaphoyisa kawenelisi.
Kungashiwo ukuthi amaphoyisa ahola kangcono kunabacishimlilo,
abahlengikazi kanye nothisha.
Kuyingozi futhi kudida umqondo
ukwemukela ukuthi amaphoyisa angena esilingweni senkohlakalo
ngenxa yokuyengwa ngumphakathi. Iqiniso lithi iningi lomphakathi
kalizona izigebengu.
Uma sigxila ngodaba lwenkohlakalo
emaphoyiseni siyothola ukuthi isizathu sikude kunalokho
okushiwoyo. Ubunzima budalwa ukungabikho kwabaphenyi abenele
ophikweni lokulwa nenkohlakalo kanye nokungabambisani phakathi
kwaloluphiko namaphoyisa. Kukhona ukubukana ngeso lengulube.
Siphawula ukuthi kusukela ngo-
2002 amaphoyisa awabanganalo uhlelo
okungathenjelwa kulo lokunqanda imkohlakalo kanye nokulwa nayo.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902