MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

05 NOVEMBER 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal 

Kusukela ngokuvalwa kophiko Lokunqanda iNkohlakalo olwaluqapha umnyango wamaphoyisa ngeso lokhozi ngo-2002, amacala aphathelene nenkohlakalo kulomnyango adlodlabale kakhulu. 

Lesisenzo sivula ithuba lemibuzo engaphenduleki. Konje uhulumeni ongakagxili futhi osantengantenga uyolekelelwa yisiphi isakhiwo soqapha ukuthi konke kuhamba ngendlela ehleliwe? Esimeni esinjalo konje isakhamuzi sezwe lakithi singalibeka kuphi ithemba laso? 

Ake ngendlalele loludaba kanje. Phakathi kuka 1997 no 2002 kwabikwa okungenani amacala alinganiselwa emashumini amane nantathu Ophikweni Oluzimele olwamukela izikhalo ngokuziphatha kanye nokusebenza kwamaphoyisa. Lezizikhalo sezenyuka zafika ekhulwini elevayo ngonyaka phakathi kuka 2002 no 2006. Ngiphawula ukuthi lesisbalo yileso salawomacala asuke ebikiwe. Angiwabali lawo aphelela ezeni kuhle kwesithukuthuku senja. Siqaphela ukuthi ucwaningo lochwepheshe seludalule izinga lenkohlakalo eliphakeme futhi okuvamise ukuba kungenziwa lutho ukuthathela izinyathelo. 

Kuthe ukuba kuvalwe uphiko Lokulwa neNkohlakalo, uphiko Oluzimele olwemukela izikhalo ngokuziphatha nokusebenza kwamaphoyisa lwathatha isinyathelo sokusungula uphiko olubizwa phecelezi ACC lokulwa nenkohlakalo . Siphawula ukuthi akusizi lutho ukusungula uphikolwabaphenyi macala abathathu ezweni lonke. Lesisibalo singeqhathaniswe nabaphenyi macala abangama-250 ababeqashwe wuphiko lokuphenya olwalubizwa ngokuthi ACU. Kuyethusa ukuthi inani lamacala abikwa ophikweni oluzimele lokuphenya amaphoyisa lwakhula phakathi kweminyaka 1997 kuya ku 2006. Ngo-1999 isibalo sasifike ku 5119. 

Uma sibhekisisa lesisimo sifaka emqondweni othi i-ANC ibonakale idlulisa umyalezo okhomba imiphakathi ngenjumbane. Kuthiwa inkohlakalo idlange kangaka nje emaphoyiseni kungenxa yokukhuthazwa ngumphakathi. Iqembu leNkatha yeNkululeko liyazi ukuthi amaholo amaphoyisa kawenelisi. Kungashiwo ukuthi amaphoyisa ahola kangcono kunabacishimlilo, abahlengikazi kanye nothisha.

Kuyingozi futhi kudida umqondo ukwemukela ukuthi amaphoyisa angena esilingweni senkohlakalo ngenxa yokuyengwa ngumphakathi. Iqiniso lithi iningi lomphakathi kalizona izigebengu. 

Uma sigxila ngodaba lwenkohlakalo emaphoyiseni siyothola ukuthi isizathu sikude kunalokho okushiwoyo. Ubunzima budalwa ukungabikho kwabaphenyi abenele ophikweni lokulwa nenkohlakalo kanye nokungabambisani phakathi kwaloluphiko namaphoyisa. Kukhona ukubukana ngeso lengulube. Siphawula ukuthi kusukela ngo-

2002 amaphoyisa awabanganalo uhlelo okungathenjelwa kulo lokunqanda imkohlakalo kanye nokulwa nayo.

nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902