MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswekubantu BaKwaZulu Natali

June 4 - 10, 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,

I-IFP iyaziqhenya ngokumbulula incithakalo elinganiselwa esigidini namashumi amahlanu amarandi (R125m) eMnyangweni weZolimo KwaZulu Natal. Yiyo futhi i-IFP ethathe isinyathelo sokunyakazisa iphalamende ukuba kwenziwe uphenyo lochwepheshe ekuhlolweni kwamabhuku oselubenomphumela wokwesula ezikhundleni kwalabo abangabasolwa abakhulu.

Ngeviki eledlule lapho iphalamende belingcogcomele eMsinga iqembu leNkatha likhathazeke kakhulu ngokungabikho koguquko eMnyangweni weZolimo phezu kombiko omubi wophenyo lwangaphakathi olandelwe ngukuthunyelwa kwezikhulu ezibambile. Luselude ukhalo oluzohanjwa ukuze kukhucululwe amafuhlufuhlu ashiywa nguDokotela Jabulani Mjwara owayeyinhloko yomnyango.

I- IFP izwe ngomphakathi waseMsinga ukuthi intuthuko kwezolimo iyaqhubeka ukuphathiswa okwenkundla yombuso yekhansela likaKhongolose uMnumzane Phikamanga Dlamini. Lo Dlamini oqhoqhobele isikhundla sikasihlalo wekomidi lendawo lentuthuko uyazitapela futhi asine azibethele empahleni yomnyango kanye nezimbewu.

Umphakathi uyaphoqeka ukukhokhela amakhadi obulungu bukaKhongolose ukuze usizakale ngezimbewu nemishini kahulumeni. Akufihliwe ukuthi Lo Dlamini ukhokhisa umphakathi ukuze usizakale ngogandaganda abanikelwa nguMnyango weZolimo.

I-IFP ikhungathekile ngalokhu okuthiwa kwenzeka kwezolimo eMsinga phezu kokuba sekunezikhulu ezibambile ezizibophezele ekubukeni isimo ngeso lokhozi.

Ungqongqoshe omusha uMhlonishwa uMthimkhulu wazibophezela ekufundeni isifundo ngalokho okwezeka kusaphethe uzakwabo amelamayo. Wathi ungqongqoshe omusha uzohambisa izinto ngohlelo oluzokwenza ukuba kubenokuguquka kwesimo. Ihlazo esilibone eMsinga liphikisa izinhloso ezinhle.

I-IFP ayikwemukeli ukuthi intuthuko ibeyinketha ezigodini zamalungu athile kaKhongolose. Akusoze kwemukeleka ukwenza sengathi umphakathi wenzelwa umusa ngezinto ezithengwe ngezintela zabantu. I-IFP ithi awuphele umkhuba wokukhetha iphela emasini.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902