Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Unyaka omusha ka-2008 ucebe kakhulu
ngesinselele kanye namathuba amangalisayo.
Umlayezo wengquthela yonyaka ye–ANC
eyayibanjelwe ePolokwane ngasekupheleni kwenyanga ka-December
2007 wawusobla futhi ungadingi ukuhumushwa. Izakhamizi
zaseNingizimu Afika ezisezingeni eliphansi zalibeka lema
ngesihloko elithi kazenelisiwe yisivinini nomthamo wokwethulwa
kwezinsiza zentuthuko. Lesisimo sifakazelwa ngokwenzekile
kusukela ngo-1994 lapho uhulumeni we-ANC aqhoqhobala uhulumeni
wezwe lakithi.
Ngikholwa ukuthi abantu bakhathele
ukubona abaholi bombusazwe kanye nezinhloko zeminyango
kahulumeni zitetemuka phansi phezulu ngezimoto zakwanokusho
kuhlolwa izinto okudingeka ukuba zenziwe kodwa kube kungekho
nhloso yokwenza utho.
Phezu kwezinselele zeminyaka zobuphofu,
izifo nobugebengu, ukuhola izinyawo okwenziwa ngabasebenzi
eminyangweni kahulumeni eminyakeni eyi-13 sekudale ezinye
izinkinga. Ukwehluleka nokusilela emuva ukuhlinzeka umphakathi
ngezindlu, ezempilo kanye nemfundo sekudale okukhulu ukungabaza
ngezisekelo zemigomo kahulumeni okwakhelwe kuyo lezizinhlelo.
Iqembu leNkatha yeNkululeko njengeqembu
eliphikisayo seligqolozele ukhetho oluzayo oluyoba yinkundla
yokwenekela izwe ukwehluleka kukahulumeni oqhoqhobele amandla
ezweni. Silangazelela ithuba lokuphosela uhulumeni inselele.
Sizimisele ukwenza umnikelo njengohulumeni wethuba elizayo
okholelwa emisebenzini ebonakalayo kunokuchitha imali nesikhathi
kucikozwa ngezinhlelo ezingasukumi phansi. Lesisihlekehleke
sikahulumeni ozinze ePitoli sehlulekile ukufeza izidingo
zomphakathi ezikoleni, ezibhedlela, eziteshini zamaphoyisa kanye
nasezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu. Siphawula ukuthi lokhu
kwehluleka kukahulumeni kakudalwa ngukungeneli kwezimali kodwa
ukungakwazi ukuphuthuma izidingo ngendlela ekhombisa ukushiyana
kwazo. Ngokunjalo kunokwehluleka ngenxa yokuntuleka kwamakhono
abasebenzi kanye nokuzimisela.
Akungatshazwa ukuthi umphumela wokhetho
luka-2009 uyobuyisa KwaZulu Natal uhulumeni onomlando wokwenza
kunokucikoza. Silibeka ngembaba elithi loluguquko luyodalwa
yivoti labavoti besifundazwe nalabo bezwe lakithi. Asikho
isidingo sokwesekela iqembu elizibambezele ngemigomo
engabenzelanga lutho abantu.
Sekungangakho ukuba amandla ombuso
abuyele kulabo abayokwenza umehluko.
Iqembu leNkatha yeNkululeko libuka
phambili kunohulumeni owehlukile futhi okhetha iphela emasini
nosebenza ngendlela engenasizotha. I-IFP iphokephele ukuba
nguhulumeni ongasebenzisi izintela zabakhoklintela ngendlela
yokuba babaphathe futhi babalawule nokuba zigqila zeqembu
elinguhulumeni wesifundazwe. I-IFP ilangazela ukuba nguhulumeni
wesifundazwe saKwaZulu Natal ngo-2009 oyophatha ngendlela
engcono kakhulu kunalokhu okwenziwa yi-ANC.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902