MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

7 April 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Isehlo sokudlwendulwa kowesifazane waseShallcross obudala bakhe bulinganaselwa eminyakeni engama 21 sesiholele okuboshweni nokuma phambi kwenkantolo yemantshi ePinetown. Lababasolwa bethuka izanya futhi benza yonke imizamo yokucashela iqulu lababhikishela ukudlwengulwa kwabesifazane bemi ngaphandle kwenkantolo. 

Sekungumlando ukuthi abasolwa badlwendula lowesifazane esimobeni eHillcrest ngomhlaka 02 March 2008. Lesisenzo esenyanyekayo sokuhlukumeza owesifazane senzeka nkenkathi uyise ekhonjwe ngesibhamu bude buduze nalapho okwehla khona lesisigameko. Phela uyise nendodakazi babeyodoba izinhlanzi ngenkathi bevumbukelwa yizuhambi. 

Siphawula ukuthi ukudlwengulwa kowesifazane kwenze ukuba kudume izihosha namawa amazwi alabo abazwelana nalo wesifazane. Inhlokomo ihlanganisa izwi lalowo owayengizime wezwe laseNingizimu Afrika. Izihlwele kazipheli enkantolo zilandela lelicala. Siphawula ukuthi isenzo sokudlwengulwa nokunukubezwa kwabesifazane siyangokubhebhetheka kuhle komlilo wequbula.

Futhi lesisenzo sesivuse enkulu intukuthelo. Ukuhola izinyawo okwenziwa nguhulumeni ukulwa nalamacala egazi ehlisa isithunzi sabantu besifazane sekufike ezingeni elibi kakhulu nesimo sokuphelelwa yithemba nentukuthelo ikakhulu kazi eHillcrest. 

Siyakuqaphela ukuthi lendlundlu esuswa ngamacala okudlwengula eHillcrest kanye nakwezinye izindawo kuyinselele kuhulumeni ukuvuka ebuthongweni abhekane ngqo nalesisimo. Kuyaphuthuma ukusukuma kukahulumeni kulesisimo esibucayi. Siyathuthumela ukucabanga ukuthi ukunganqandwa kwalesisimo kubikezela ingozi yokuziphindisela komphakathi. Siyakwemukela ukuthi ababhikishi bathunukwa emizweni yabo yesimo sokudlwengula lapho abasolwa baziwa. Bakhathazeka kakhulu ngezigwebo ezihlinzekelwe yimithetho yezwe nanokuba abagwetshiwe bephulelwe izigwebo. Lokhu kukhuthaza ukuba isihlava siye phambili. 

Iqembu leNkatha yeNkululeko lizibophezela emgomeni oqotho wokuzwelana nomphakathi ezweni ukuzabalazela izixazululo ngokulandela imigudu

efanele nokuqhubeka ukubuza imibuzo efanele ephalamende.       

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902