MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
 

May 7, 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Ngibonga kakhulu kulezozinkumbi ezibalwa ngezinkulungwane ezeva eshumini nambili zabalandeli beqembu lethu kanye nezinye izakhamuzi zikaMasipala weTheku ezikhathazeke ngokuqanjwa kabusha kwamagama emigwaqo nezakhiwo.
Sibonga ukwenza imashi yethu ibeyimpumelelo. Lemashi idonse abasha nabadala bezinhlanga ezehlukene. Iqembu elibusayo liyaxwayiswa ngokuba ngondlovukayiphendulwa emkhandlwini kamasipala.

Imibiko yamaphephandaba yakhe umfanekiso omubi ngalemashi. Lokhu kwenza kuyadabukisa. Angisiboni isizathu sokubeka kabi imashi ye-IFP. Abanye abahlonishwayo enkundleni yokucoshela izindaba behlele ezingeni lokushovuza imfundisoze yongqeqe kwahulumeni. Ngisho abahleli imbala bashicilele okuqhelelene neqiniso lalokho engizibonele khona njengomunye wabamashi.

Ngingufakazi wemashi ehleleke kahle futhi efeze inhloso yethu. Singakhohlwa ukuthi akukho soka lingenasici. Kube njalo nakulemashi yethu. Iziphoxo namazambane abolile ayohlale egxambukela kuhle kwempukane obisini. Ngakhoke sibabaza ihaba lamaphephandaba. Kuyisimanga ukuthi izenzo zodlame ezibikwayo asizazi thina. Singemangale ukuthi lokho kungamaphupho alabo abangalifiseli lutho oluhle iqembu le-IFP. Akuzange kubeyinhloso ye-IFP ukuhlela imashi enodlame. Siyaziqhelelanisa nezenzo ezingemukeleki ezenzeka ngaphandle kwezinhlelo zethu.

Sedlulisa umlayezo wokuthi izenzo zokugcwaneka zivame ezimashini nasemibuthanweni ye-ANC. Ngithi uyobhema ukholwe emibuthanweni ye-ANC lapho bengahlonishwa khona abaholi, nezikhulu zikahulumeni zehliswa isithunzi njengalokho okwehlela uNdunankulu ngo 16 June 2005 lapho umchamo wawudla lubi.

i-IFP ithi ayikabhalwa indaba okuyiyona yona ngemashi yethu. Ayikaze ibonwe imashi enabantu ababulala inyoka. Lemashi ithumela umlayezo wokuthi abantu bakhathele ukuqhoqhobalwa nokubanjwa ngobhongwane yiqembu elibusayo. Eyethu imashi ingeqhathaniswe neze-ANC lapho kuthuthezelwa abantu ngamabhasi bevela ezindaweni ezingaphandle kwemingcele yalapho kunemashi khona. Eyethu yayisekelwe yilabo okwakufanele babeyingxenye yayo. Kuyishwa ukuthi i-ANC eklabalasa ngesidingo sokwenza ukuba umphakathi ubambe iqhaza isimi emagqumeni ngemashi yeNkatha ekhombise ngokuloba incwadi engenakukhohlakala.

Sithi ivumeni. Nishayeke uduma.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902