MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

8 September 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Inhlekelele yomlilo wequbula ehlasele isifundazwe saKwaZulu Natali ishiye kukhalwa. Kwedlule emhlabeni okungenani abantu abangama – 34. Kubhube amadlelo alinganiselwa kumahectari angu – 22 000. Lenhlekelele iyaqhubeka icekela phansi imizi nezimphahla zabantu ikakhulu ezindaweni zasemakhaya ezakhelwe imiphakathi ekhungethwe yindlala, ubuphofu nokuntula imisebenzi. 

Sekuqubuke ukujikijelana ngamazwi phakathi kukaNgqongqoshe  weZolimo uMhlonishwa Mtholephi Mthimkhulu kanye nabalimi abangabanikazi bemihlaba.

Siphawula ukuthi uNgqongqoshe ukhomba ngenjumbane abanye abanikazi bemihlaba ehlaselwe ngumlilo wequbula. Ubabheca ngobende inyama bengayidlanga lapho esola ukuthi abanye babo babanesandla emililweni yequbula kulezo ndawo esezifakelwe izicelo ukuba zibuyiselwe kubanikazi abamnyama. Sekuqubuke umsindo nenkombankombane phakathi kukaNgqongqoshe weZolimo nehlangano yabalimi ehizwa ngokuthi Kwanalu. 

UNgqongoshe ukhwele wadilika kulabo balimi abakhiqizela izimakethe.

Ulimise ngesihloko elezinsolo zokuthi eminye yemililo yequbula ingahlanganiswa nesimo sonwabu sokuphothulwa kwezicelo zokubuyiselwa komhlaba kulabo abafaka izicelo. Kunenkulumo ethi isimo sokusetshenzwa kwezicelo zokubuyiswa komhlaba sesidale okukhulu ukukhathazeka nokuphelelwa yithemba. Abalimi baqiniseka ngokuthi banobufakazi obulotshwe phansi abazimisele ukubethula emaphoyiseni. 

Siphawula ukuthi kulilungelo labalimi ukwethula loludaba kuziphathimandla.

Ngokunjalo kwakumlingene uNgqongqoshe ukuba axwayise abalimi ukuba bangafiki ezinqumeni ngaphandle kobufakazi obubambekayo futhi obungagcizelelwa ngemiphumela yophenyo oluzimele 

Sigcizelela ukuthi phezu kwentukuthelo kaNgqongqoshe, asikho isizathu sokungabekwa icala uhulumeni kakhongolose waKwaZulu Natali. Phela ukuhlinzekelwa kwezinhlekelele kusemnyangweni woHulumeni baseKhaya ophethwe nguMhlonishwa Michael Mabuyakhulu. Kuyishwa ukuthi uhulumeni wesifundazwe ubonakala eqhuba umlando omubi wokungazihluphi ngalabo abalinyalelwe emililweni yequbula. Lokhu kusukela ezinhlekeleleni ezedlule kanye nalezi zamuva nje. 

Phezu kokumpongoloza nokusho ukuthi uhulumeni uzwelana nalabo abalinyalelwe, iqiniso lithi uhulumeni kakhongolose wehluleke wabhuquza ukufeza izethembiso kulabo abavelelwa yinhlekelele yomlilo wequbula ngonyaka odlule. Akuphathwa ukwelekelelwa ngokugcwele kulemililo yequbula okubhekwene nayo. Isenzo sikaNdunankulu Sibusiso Ndebele sifane nokukhetha iphela emasini lapho ebonakale egqamisa isifunda saseNkandla okumenyezelwe ukuthi sikhungethwe yinhlekelele. Kushiywe ngaphandle ezinye izifunda ezikhahlamezwe ngumlilo wequbula. 

Impendulo yeqembu leNkatha kulesisimo sokushiywa ngaphandle kwezinye izindawo ithi uNdunankulu uNdebele akakhe imigomo ecacile esetshenziswa lapho kumenyezelwa ukuthi izindawo ziyilezo ezikhungethwe yinhlekelele.

Kungabikho izindawo ezisala ngaphandle ngezizathu zombusazwe. Futhi iqembu leNkatha Yenkululeko lizophoqa uhulumeni wesifundazwe ukuba ethule ezithebeni zephalamende uhlelo oluphelele futhi olubalula izinyathelo eziyothathwa ukunqanda izinhlekelele zomlilo wequbula ngesikhathi esizayo.

nguDokotela Lionel Mtshali                       
UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902