Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Inhlekelele yomlilo wequbula ehlasele
isifundazwe saKwaZulu Natali ishiye kukhalwa. Kwedlule emhlabeni
okungenani abantu abangama – 34. Kubhube amadlelo alinganiselwa
kumahectari angu – 22 000. Lenhlekelele iyaqhubeka icekela
phansi imizi nezimphahla zabantu ikakhulu ezindaweni zasemakhaya
ezakhelwe imiphakathi ekhungethwe yindlala, ubuphofu nokuntula
imisebenzi.
Sekuqubuke ukujikijelana ngamazwi
phakathi kukaNgqongqoshe weZolimo uMhlonishwa Mtholephi
Mthimkhulu kanye nabalimi abangabanikazi bemihlaba.
Siphawula ukuthi uNgqongqoshe ukhomba
ngenjumbane abanye abanikazi bemihlaba ehlaselwe ngumlilo
wequbula. Ubabheca ngobende inyama bengayidlanga lapho esola
ukuthi abanye babo babanesandla emililweni yequbula kulezo ndawo
esezifakelwe izicelo ukuba zibuyiselwe kubanikazi abamnyama.
Sekuqubuke umsindo nenkombankombane phakathi kukaNgqongqoshe
weZolimo nehlangano yabalimi ehizwa ngokuthi Kwanalu.
UNgqongoshe ukhwele wadilika kulabo
balimi abakhiqizela izimakethe.
Ulimise ngesihloko elezinsolo zokuthi
eminye yemililo yequbula ingahlanganiswa nesimo sonwabu
sokuphothulwa kwezicelo zokubuyiselwa komhlaba kulabo abafaka
izicelo. Kunenkulumo ethi isimo sokusetshenzwa kwezicelo
zokubuyiswa komhlaba sesidale okukhulu ukukhathazeka
nokuphelelwa yithemba. Abalimi baqiniseka ngokuthi banobufakazi
obulotshwe phansi abazimisele ukubethula emaphoyiseni.
Siphawula ukuthi kulilungelo labalimi
ukwethula loludaba kuziphathimandla.
Ngokunjalo kwakumlingene uNgqongqoshe
ukuba axwayise abalimi ukuba bangafiki ezinqumeni ngaphandle
kobufakazi obubambekayo futhi obungagcizelelwa ngemiphumela
yophenyo oluzimele
Sigcizelela ukuthi phezu kwentukuthelo
kaNgqongqoshe, asikho isizathu sokungabekwa icala uhulumeni
kakhongolose waKwaZulu Natali. Phela ukuhlinzekelwa
kwezinhlekelele kusemnyangweni woHulumeni baseKhaya ophethwe
nguMhlonishwa Michael Mabuyakhulu. Kuyishwa ukuthi uhulumeni
wesifundazwe ubonakala eqhuba umlando omubi wokungazihluphi
ngalabo abalinyalelwe emililweni yequbula. Lokhu kusukela
ezinhlekeleleni ezedlule kanye nalezi zamuva nje.
Phezu kokumpongoloza nokusho ukuthi
uhulumeni uzwelana nalabo abalinyalelwe, iqiniso lithi uhulumeni
kakhongolose wehluleke wabhuquza ukufeza izethembiso kulabo
abavelelwa yinhlekelele yomlilo wequbula ngonyaka odlule.
Akuphathwa ukwelekelelwa ngokugcwele kulemililo yequbula
okubhekwene nayo. Isenzo sikaNdunankulu Sibusiso Ndebele sifane
nokukhetha iphela emasini lapho ebonakale egqamisa isifunda
saseNkandla okumenyezelwe ukuthi sikhungethwe yinhlekelele.
Kushiywe ngaphandle ezinye izifunda ezikhahlamezwe ngumlilo
wequbula.
Impendulo yeqembu leNkatha kulesisimo
sokushiywa ngaphandle kwezinye izindawo ithi uNdunankulu
uNdebele akakhe imigomo ecacile esetshenziswa lapho kumenyezelwa
ukuthi izindawo ziyilezo ezikhungethwe yinhlekelele.
Kungabikho izindawo ezisala ngaphandle
ngezizathu zombusazwe. Futhi iqembu leNkatha Yenkululeko
lizophoqa uhulumeni wesifundazwe ukuba ethule ezithebeni
zephalamende uhlelo oluphelele futhi olubalula izinyathelo
eziyothathwa ukunqanda izinhlekelele zomlilo wequbula
ngesikhathi esizayo.
nguDokotela Lionel
Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902