MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

18 - 14 OCTOBER 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Udaba obelusematheni kumabonakude ezinhleni zakusihlwa zakwa SABC TV ngeviki eledlule lungithinte kakhulu ezindabeni zohwebo. Kwandelelwe ngesingeniso esinenhloso yokuvuma yukuthi umgomo wokuhlinzekela abantulayo abanmnyama kwezohwebo (BEE) awukaze wenabe ngendlela engathathwa njengaleyo ezuzisa abaswele kakhulu kunabanye. Ngibuke ukuziqhayisa kwabakwa SABC ngendlela abathule ngayo udaba oluthinta imizwa yabantu.

Kusetshenziswe isibonelo senhlangano yohwebo lwezinqola ezinkulu ezithutha impahla zakwa Barworld. Kulemboni kuphenywe umsebenzi ofakelwe u R20-million ukwakha isisekelo sengqalasizinda ukwelekelela labo ababengabasebenzi kulemboni ukuba bazuze njengabanikazi. Siyasitusa lesi sinyathelo esiyogcina sikhomba ngokwempela ukuthi kwezohwebo labo ababeswele amathuba bayahlomula.

Lesi sibonelo sakwa Barworld sikhomba ukulahlwa ngunembeza kwenhlangano yokusakaza. Siphawula ukuthi uHulumeni odayiselwa umphakathi yilenhlangano yokusakaza esekelwe zintela zeSizwe uyalazi iqiniso lokungamukeleki kohlelo lokutakula ababencishwe amathuba. Sikhuluma lapha ngabantula kakhulu futhi sebephelelwe yithemba ukuthi kukhona okungazuzwa.
Lesi sibonelo sakwa Barworld sikhonmbisa ngokusobala ukuthi inhlangano yokusakaza isizama ukubambelela kunoma yiluphi udwani ehlangana nalo.lokhu kwenzelwa ukuziba nikufihla ihlazo nokuhlaselwa kulezinhlelo zohwebo olokhetha iphela emasini kwabathile enhkanganweni yeANC. Akungatshazwa ukuthi lesisibonelo siduduza abakhethiweyo ababutha imvuthuluka ematafuleni ezicebi.

Akungatshazwa ukuthi u R20-million awuhlukene nokucakula ulwandle ngokhezo kulezozogwili ezingomacaphuna kusale kuqhathaniswa nezigidi eziphindiwe ezitholwa ezimbonini zomcebo ombiwa phansi. Konje zingaki izinqola zokuthutha impahla ezingathengwa ngo R20-million? Konje bangaki abanikazi balezo zinqola abayozuza? Kuyasolisa ukuthi lolubadlana kungenzeka ukuba kuxoxwe ngalo ngisho ubusuku obubodwa nje.
Uma uHulumeni ezimisele ukuzihlanza kulesisimo futhi elekelelwa yinhlangano yokusakaza uyophoqeka ukwenza okungcono kunalokho osekuzuzwe yingcosana yabanikazi abasha bezinqola zokuthutha. Ukuveleka kwamathuba kufanele kwehlele emazingeni aphansi alabo ababencishwe amathuba okuhlanganyela emnothweni weZwe. Uma kwenzeka lokho izifiso zethu sonke impela zifezekile.

nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902