Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Ngike ngabamba iqhaza njengosihlalo
weKomidi lezokuPhepha nokuVikela umphakathi. Ukuqhuba kwami
lomsebenzi kunginike ithuba lokusondelela eduze ezokuphepha
nezokuvikeleka komphakathi. Yingakho nje imiphumela yocwaningo
eyenziwe yisigungu esibizwa ngokuthi "Institute for Security
Studies"
ingasethusanga. Sisho phela labo
abacwaninga ngezindaba zokuvikelwa komphakathi abadalule isimo
esethusayo esilandela ukuhlukumezeka kwamaphoyisa. Futhi
bembulele izwe ukwehluleka kombutho wamaphoyisa ukwehlisa
umthwalo osemahlombe alabo abedlula ezimeni ezishaqisayo.
Izimo ezihlasimulisa umzimba ezidalwa
ngukugqolozela ukuchitheka kwegazi nokubulawa kwabantu
kwemukelwa njengalokho okuyingxenye yempilo yamaphoyisa. Futhi
kuvamile ukuba umbutho wamaphoyisa ubonakale ungakuhlomele
ngokuzimisela nangezinsiza ukweseka lawo malungu asuke
ehlukumezekile edinga nezeluleko ezifanele.
Kukhona phela nokwesaba ukukhombisa
isimo esigqamisa imizwa kwamanye amaphoyisa. Lokhu kuphambene
nezinselele nobunzima bokulwa nobugebengu.
Okwethusa kakhulu yisimo sokuntuleka
kobuholi embuthweni wamaphoyisa kanye nokuvivela ukugqolozela
ubugebengu. Lokhu okuphawulwayo kubonakala kuhulumeni kazwelonke
kanye nakhona ezifundazweni. Izimo ezinjenga lezi zifaka
amaphoyisa uvalo nokuhlukumezeka kwemizwa. Sikhuluma lapha
ngalawo maphoyisa abhekana nubugebengu usuku nosuku.
Ngiphosa inselele yobuqotho uma
sikhuluma ngobugebengu obudlondlobele ngendlela eyesabisayo
futhi obubonakala bunganakiwe noma kungathi buyemukeleka. Awekho
amaqhinga amasha nemikhankaso ehleliwe yokulwa nesimo
sobugebengu. Kubonakala songathi akukho ukuphuthuma ukulwa
nobugebengu nokunqoba izigebengu. Uma sibuka uhulumeni wezwe
lakithi ozinikele ekungeneleleni ezindabeni kanye nasekubekeni
imigomo enqunyelwe isikhathi, sibona uhulumeni kaKhongolose
ekude kakhulu nokunquma lokho okungathenjelwa kukho ekulweni
nobugebengu.
Iqembu leNkatha yeNkululeko likhuthaza
umbutho wamaphoyisa kuzwelonke nasezifundazweni ukuba ukhuphule
izinga lezinhlelo nezikhungo zokweseka amaphoyisa ahlukumezekile
ezingqondweni kanye nasemizimbeni. Sikhuthaza uhulumeni ukuba
acele usizo kosonhlalakahle, abaholi bezenkolo kanye
nochwepheshe kwezengqondo. Okwedlula konke iqembu leNkatha
yeNkululeko likhuthaza uhulumeni ukuba akhombise ukuzimisela
ukulwa nobugebengu.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902