| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
April 10, 2007
Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu
Natal
Njengomuntu onikele yonke impilo yakhe emzabalazweni
wokuzilawula kwabantu esifundazweni sakithi, ngikuqonda kahle
kakhulu ukuthi kusho ukuthini ezinkulungwane ezilikhulu zalabo
baseMatatiele nezindawo ezakhelene nabo ukuphoqelelwa endaweni
esilele emuva.
Kungumlando ukuthi indawo yase East Griqualand ehlanganisa
oMaluti, Matatiele ne- Cedarville ineminyaka iyingxenye
yesifundazwe saKwaZulu Natal.
Ukuphoqelelwa ukuba yingxenye yaseKoloni eseMpumalanga
kuyohlukumeza lemiphakathi ngokufakwa kumasipala wesifunda –
Alfred Nzo odume ngokusilela emuva entuthukweni
nasekuhlangabezweni kwezidingo nqangi. Lolufuduko oluphoqelelwa
kubantu luyoba nomphumela wokunqanda izinhlelo zentuthuko
ezihlelwe KwaZulu Natal.
Kunezizathu okufanele ukuba zicatshangisiswe futhi zihlonishwe
ezenza lemiphakathi iqhubeke nokubayizakhamizi zaKwaZulu Natal.
Bakhe ezweni lemfuyo nokulima ukudla. Uma siqhathanisa
nelaseKoloni eseMpumalanga baya ekuhluphekeni lapho uhulumeni
wakhona ehluleka ukuphatha nokusebenzisa izintela zabantu
azabelwa nguhulumeni kazwelonke ePitoli. Siyakuqaphela ukuthi
baseduze nohulumeni wesifundazwe eMgungundlovu kunase Bisho.
Ibanga phakathi kwaseMatatiele naseMgungundlovu lingamahora
amabili kunaseBisho okungamahora ayisikhombisa.
Siyawuhlonipha umzabalazo wabantu baseMatatiele wokulumela
ngezinyawo loludaba beya emgwaqeni ngobuningi babo bephethe
izingqwembe futhi benza isethulo sabo kuhulumeni. Lokhu kwenza
kwabo kuyimpumelelo yemiphakathi egqilazwayo. Iqembu le-Nkatha
lizwelana nabo futhi liyawusekela umkhankaso wabo. Inkatha ithi
isenzo sokuphoqa abantu kasehlukene nalokho okwakwenziwa
nguhukumeni wobandlululo ethuthela abantu ezindaweni abangazazi
futhi behlukaniswa namagugu omlando wabo.
Phezu kokuziqhayisa ngesenzo sokuxoxisana nabantu abathintekayo,
uhulumeni waKwaZulu Natal oholwa yi- ANC wehlulekile ukuyozwa
uvo lwabantu ngendlela eyenelisayo njengokulawula komthetho
sisekelo wezwe. Inkantolo yomthetho sisekelo ikhiphe isinqumo
esivimba ukusebenza komthetho olawula imingcele phakathi
kwezifundazwe ezimbili ezakhelene- KwaZulu Natal naseKoloni
eseMpumalanga.
Ukuzinikela kweqembu le-IFP ekuhlonipheni ilungelo labantu
lokuzilawula kuyaliphoqa ukuba lizihlanganise nomzabalazo
wokubhekana ezinhlamvini zamehlo nesenzo esikhombisa ukuntula
ukulungisa. Sizinikele ukusekela ilungelo labantu baseMatatiele
ukuzikhethela lapho beyizakhamizi zakhona. Umlayezo wami namuhla
usobala futhi awungatshazwa. I-IFP ibambisene nani bafowethu
nodadewethu baseMatatiele kuze kuxazululwe udaba lwemingcele.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |