| |
Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswekubantu BaKwaZulu
Natali
June 11, 2007
Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,
Leminyaka emithathu leliphalamende likhona
igqamise izindlela ezihlelwe ngokukhulu ukucophelela
kanye nobuqili. Kunamaqhinga okuhlukumeza nokubamba
amaqembu aphikisayo isamuku. Kunezinqumo zikaSomlomo
ezinenhloso yokwenzelela kanye nokuthuntubeza
amagalelo amaqembu amelene nohulumeni. Singofakazi
bamaqhinga okuguqulwa kwemithetho yeNdlu ukuze
kufezwe izinhloso zeqembu elibusayo. Iqembu leNkatha
lithi sekwenele.
Ngeke sibekezelele ukuqhoqhobalwa nguSomlomo
ngalendlela.
Iqembu leNkatha alikholwa ukuthi uSomlomo uMnumzane
Willes Mchunu, futhi ongusihlalo wenhlangano
yamaKhomanisi kulesisifundazwe, ukufanele ukuhola
leliphalamende phezu kwemigomo yokuhloniphana
kwamaqembu ehlukene, ukubekezelelana kanye
nokungachemi.
Sithi labo asebebenethuba lokwethamela izinkulumo-
mpikiswano zaleNdlu ehloniphekile bangofakazi
bokuthi uSomlomo akalishayi mkhuba iqembu
eliphikisayo. Sekucace kwathi bha ukuthi uSomlomo
akakuthakaseli ukuphikiswa enkundleni yombusazwe.
Noma yikuphi ukuhlaba izenzo nezinqumo zongqongqoshe
noNdunankulu kubukwa ngeso lokuvukela umbuso.
Kuyishwa ukuthi ukuphikisa uhulumeni ngokulawula
kwentando yeningi kwenza abanzenjalo kuthiwe
bayizitha zikahulumeni. Thina beqembu leNkatha sithi
umshikashika wokuphikisa uhulumeni ngobuqotho
uzoqhubeka kuleliphalamende ngisho angathini
uSomlomo.
Akukho ukukhululeka kuleliphalamende. Akukho
ukuthokoza kuleliphalamende. Ithuba likaSomlomo
lokuhola leliphalamende lichumise ukuzizuzela
amandla kanye nokubeka engcupheni intando yeningi.
Isimo senqubo yaleliphalamende sehluke kakhulu
kuleso sika 1994-2004.
Ngaleyominyaka iphalamende laliholwa nguSomlomo
owayengeyona indlovu kayiphendulwa. Kodwa
wayebambisene nozakwabo abamele amaqembu ehlukene
ngaphansi kwesakhiwo esabizwa ngokuthi yi Executive
Board. USomlomo wangalesosikhathi nozakwabo benza
iphalamende lahlonipheka. Futhi babezinikele
emigomeni elandelayo: ukungachemi naluhlangothi,
ukubekezelelana kanye nokuvuleleka emaqenjini
ombusazwe ehlukene.
Sekunesimo sokungeneliswa yindlela aziphethe ngayo
uSomlomo njengoba sekuvele naseqenjini
likaKhongolose. I- IFP ithuma. I-ANC ukuba
icabangisise ngezimfuno zamaqembu aphikisayo
njengoba zilotshwe encwadini evulekile eqondiswe
kuSomlomo. Sithuma i-ANC ukuba ibonisane nozakwabo
uSomlomo ukuba ehlise isimo sokuphakama kwemimoya
ephalamende ukuze kuqhubeke intando yeningi
ephalamende laKwaZulu Natal kanye nangaphandle.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende
leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902
|