MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

12 - 18 NOVEMBER 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal 

Isimo esibucayi emfundweni ezweni lakithi sesifike ezingeni elethusayo.

Konakele ngendlela eyenza kubelukhuni ukukhomba ukuthi ubuthakathaka baqala kusiphi isigaba. Ukuhlaziya kwami isimo kukhomba ukuthi isisekelo asiqinile emazingeni aphansi ezikoleni.

 

Siphawula ukuthi ucwaningo olwenziwe isikhungo esinohlonze futhi esihlonishwa kakhulu sakwa- Institute of Race Relations lukhomba ukuthi umhlolo usekhaya laphaya emabangeni ayisisekelo semfundo ezikoleni. Ngokwalolucwaningo izikolo zamabanga aphansi ziyihlazo uma ziqhathaniswa nezingozakwabo ezweni kazi lase-Africa.

 

Imiphumela yalolucwaningo ihlasimulisa umzimba. Emazweni aseNingizimu nalawo aseMpumalanga yezwekazi lase-Africa ayengenele lolucwaningo iNingizimu Africa yazuza imiphumela engagculisi ekufundeni kanye nekhono lokubala. Sikhuluma lapha ngebanga lesithupha. Kwagqama ukuthi oyedwa vo kwabahlanu abafundi wafika eqophelweni elifanele lukufunda lokho okubhaliwe. Ucwaningo lwakugqamisa ukuthi ukuba phansi kwezinga ezikoleni eziphansi zezwe lakithi kuyinselele phezu kwemikhiqizo nomnotho nentuthuko yomphakathi kanye nemali eningi equlelwa emabangeni aphansi. Amazwe angenawo umhlomulo ofana nowezwe lakithi asiqwaqwada emakhanda emfundweni yamabanga aphansi.

 

Lesisimo kungenzeka ukuba sikhombe ukuthi impumelelo emabangeni aphansi emfundo igxile kakhulu endleleni yokufundisa. Siphawula ukuthi iqembu leNkatha linomlando omude wokugcizelela imfundo ikakhulu izisekelo emfundweni yamabanga aphansi. Iqembu leNkatha yeNkululeko lihlomule kakhulu ngokwelulekwa ngochwepheshe kanye nokwesekwa ngabazali. I-IFP yilokhu kwathi nhlo igcizelela umkhankaso wokubekwa kwezisekelo eziqinile ekufundiseni. Okumqoka ukugxila ekufundeni ukufunda, nokubhala kanye nokubala.

 

INkatha yeNkululeko ayikulibele ukuthi ukuzinekela nokuzikhandla kothisha ngeke kwenzeke ukuba kwedlule amakhono adingekayo. Uhulumeni we-ANC ubonakala ukwemukela lokhu esikholelwa kukho. Kuyishwa ukuthi uhulumeni kakhongolose ugebele ekushayeni indiva ukulungisa isimo othisha abasebenza ngaphansi kwaso.

Yilesisimo esingenakubekezelelwa esibalulwa njengesizathu esimqoka esesidale ufuduko lothisha bebhekise amabombo kwamanye amazwe. Abanye beyeka ukufundisa.

 

Siyakuqaphela ukuthi uhulumeni uzimisele ukuyekelela amakolishi okuqeqesha othisha ukuba aphenduke imigede nemihhume yezigebengu. Lezizikhungo zemfundo zinesigcwagcwa sokuthi zasungulwa nguhulumeni omdala waKwaZulu ongasekho.

Siyohlala njalo sinenkumbulo enzulu ngalezizikhungo zokuqeqesha othisha. Lokhu singakwenzi ngenxayenkumbulo njengoba kusho ukhongolose. Kodwa amakolishi amqoka kulabo abacabanga bajule ngezisekelo zemfundo. Abekho abanye ngaphandle kweNkatha yeNkululeko abagcizelela ukubekwa kwezisekelo eziqinile emfundweni yezingane.

 

nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902