Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Isimo esibucayi emfundweni ezweni lakithi
sesifike ezingeni elethusayo.
Konakele ngendlela eyenza kubelukhuni
ukukhomba ukuthi ubuthakathaka baqala kusiphi isigaba.
Ukuhlaziya kwami isimo kukhomba ukuthi isisekelo asiqinile
emazingeni aphansi ezikoleni.
Siphawula ukuthi ucwaningo olwenziwe isikhungo
esinohlonze futhi esihlonishwa kakhulu sakwa- Institute of Race
Relations lukhomba ukuthi umhlolo usekhaya laphaya emabangeni
ayisisekelo semfundo ezikoleni. Ngokwalolucwaningo izikolo
zamabanga aphansi ziyihlazo uma ziqhathaniswa nezingozakwabo
ezweni kazi lase-Africa.
Imiphumela yalolucwaningo ihlasimulisa umzimba.
Emazweni aseNingizimu nalawo aseMpumalanga yezwekazi lase-Africa
ayengenele lolucwaningo iNingizimu Africa yazuza imiphumela
engagculisi ekufundeni kanye nekhono lokubala. Sikhuluma lapha
ngebanga lesithupha. Kwagqama ukuthi oyedwa vo kwabahlanu
abafundi wafika eqophelweni elifanele lukufunda lokho okubhaliwe.
Ucwaningo lwakugqamisa ukuthi ukuba phansi kwezinga ezikoleni
eziphansi zezwe lakithi kuyinselele phezu kwemikhiqizo nomnotho
nentuthuko yomphakathi kanye nemali eningi equlelwa emabangeni
aphansi. Amazwe angenawo umhlomulo ofana nowezwe lakithi
asiqwaqwada emakhanda emfundweni yamabanga aphansi.
Lesisimo kungenzeka ukuba sikhombe ukuthi
impumelelo emabangeni aphansi emfundo igxile kakhulu endleleni
yokufundisa. Siphawula ukuthi iqembu leNkatha linomlando omude
wokugcizelela imfundo ikakhulu izisekelo emfundweni yamabanga
aphansi. Iqembu leNkatha yeNkululeko lihlomule kakhulu
ngokwelulekwa ngochwepheshe kanye nokwesekwa ngabazali. I-IFP
yilokhu kwathi nhlo igcizelela umkhankaso wokubekwa kwezisekelo
eziqinile ekufundiseni. Okumqoka ukugxila ekufundeni ukufunda,
nokubhala kanye nokubala.
INkatha yeNkululeko ayikulibele ukuthi
ukuzinekela nokuzikhandla kothisha ngeke kwenzeke ukuba kwedlule
amakhono adingekayo. Uhulumeni we-ANC ubonakala ukwemukela lokhu
esikholelwa kukho. Kuyishwa ukuthi uhulumeni kakhongolose
ugebele ekushayeni indiva ukulungisa isimo othisha abasebenza
ngaphansi kwaso.
Yilesisimo esingenakubekezelelwa esibalulwa
njengesizathu esimqoka esesidale ufuduko lothisha bebhekise
amabombo kwamanye amazwe. Abanye beyeka ukufundisa.
Siyakuqaphela ukuthi uhulumeni uzimisele
ukuyekelela amakolishi okuqeqesha othisha ukuba aphenduke
imigede nemihhume yezigebengu. Lezizikhungo zemfundo
zinesigcwagcwa sokuthi zasungulwa nguhulumeni omdala waKwaZulu
ongasekho.
Siyohlala njalo sinenkumbulo enzulu
ngalezizikhungo zokuqeqesha othisha. Lokhu singakwenzi
ngenxayenkumbulo njengoba kusho ukhongolose. Kodwa amakolishi
amqoka kulabo abacabanga bajule ngezisekelo zemfundo. Abekho
abanye ngaphandle kweNkatha yeNkululeko abagcizelela ukubekwa
kwezisekelo eziqinile emfundweni yezingane.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902