MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

13th - 19th August 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,

Nginomlando omude wezimpi ezingapheli engazilwa nohulumeni kaKhongolose ngokungeneliswa yindlela yokubhekana kwakhe nobhubhane lwengculaza. Ngibalula okwenzeka ngenkathi nginguNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu Natal. Ngishaqekile ngesenzo sikaMenganeli uMhlonishwa TM Mbeki sokuxosha isekela likangqongqoshe lezempilo uNozizwe Madlala-Routledge. Lesisenzo senziwe ngendlela ehleliwe futhi enenhloso ethile.

Isekela likangqongqoshe laliphumele eshashalazini ngobhubhane lwengculaza. Isenzo sokugqashula izibopho esimeni salabo abaphika iqiniso ngengculaza nalabo ababephikisa umgomo sasishayela ihlombe. Siyakuqaphela ukuthi isekela likangqongqoshe lalisekhaleni lokusungulwa kohlelo olumqoka lokubhekana nengculaza ezweni. Lomkhankaso wawuholwa yisekela likaMengameli uMhlonishwa Mlambo-Ngcuka. UMadlala-Routledge waphumela eshashalazini ngokuphonsa inselele kubantu bonke ukuba bayohlolwa. Futhi uma kunesidingo belashwe ngemishanguzo yama - ARVs.

Siphawula ukuthi uMadlala-Routledge wayeseqalile ukuvuselela ubudlelwana obasebubhidlikile phakathi komnyango wezempilo nalabo abangodokotela nabacwaningi ngezifo. Ukuxoshwa kwephini likangqongqoshe wezempilo kukhomba ukuthi uMengameli wezwe lakithi usemi kuleyondawo yokuphikisa ososayensi bengculaza kanye nendlela eshaya khona yokulwa negciwane. Ukukhishwa kwakhe emnyangweni wezempilo kuyishwa kulezozigidi zalabo abahlukunyezwe yingculaza kanye nalabo abanezihlobo zabo ezihlabekile.

Lesisenzo siyindida kulabo ababona ongqongqoshe abathile behlulwa ngumsebenzi wabo kodwa bangaxoshwa. Siphawula ngokuxoshwa kukangqongqoshe onesiphiwo esimangalisayo sokuvuma obala amaphutha omgomo kahulumeni. Futhi enze iziphakamiso zokwakha kabusha.

Lesisenzo esidicilela phansi imizamo yokuvuselela sincikene nendlela enendluzula engahlangabezana nayo ngokusatshalaliswa komashanguzo weNevirapine kwabesifazane abazithwele futhi sekwaziwa ngokusobala ukuthi sebehlaselwe yigciwane. Ngikhuluma lapha ngokwenzeka KwaZulu Natal ngo- 2003. Abaningi bayokhumbula ukuthi leyompi yaphelela enkantolo enkulu yomthetho-sisekelo wezwe (Constitutional Court). Isinqumo samajaji sangivuna nginguNdunankulu waKwaZulu Natal. Umphumela walesisinqumo wahlomulisa abesifazane besifundazwe sakithi abazithwele futhi sebenalo igciwane.

Kuyisha ukuxoshwa kukaMadlala-Routledge ngelanga elandulela usuku lwabesifazane, Esikhathini lapho sigubha impumelelo esizuzwe ngabesifazane baseNingizimu Afrika, iqhawekazi elimela imigomo eqotho nokuvikela impilo nesithunzi sesintu lixoshwe esikhundleni salo. Lesisenzo silahlekisele izwe lakithi ithuba lokwenza ngcono esimeni esilahlisa ithemba.



nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Dr Lionel Mtshali MPP
Leader of the Official Opposition

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902