MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 

2009 IFP KwaZulu Natal Manifesto(Zulu)

 

 

14th February 2009 
 

UMQULU WE-IFP
WEZETHEMBISO ZOKHETHO 

OKUQUKETHWE (Contents)  

Umyalezo ovela kuMengameli we-IFP

IsiFungo Sowe-IFP ongenele isiKhundla sobuNdunankulu eKZN Indlela ye-IFP YokuBusa eKZN Izinselelo zeNqubo NeziMpendulo ze-IFP

*        KwezeMfundo
*        KwezeMpilo
*        Kwezokubambisana eNhlalweni
*        KwezeZindlu
*        KwezokuThuthukiswa KweziNdawo zasemaKhaya NezoLimo
*        KwezokuThutha
*        KwezeNkohlakalo 

Masenze i-KZN isebenze 

Mvoti oThandekayo (Dear Voter) 

Ngizizwa nginogqozi olukhulu kabi ukuba ngeseke uzakwethu, uNkk Zanele KaMagwaza Msibi njengalowo ozomela i-IFP esiKhundleni sobuNdunankulu baKwaZulu Natali. 

Sengibe kuHulumeni iminyaka eminingi; kepha kangikaze ngibenogqozi ngaloluhlobo ngezinga lalowo ozosimela esikhundleni esikhulu lapha esiFundazweni, njengoba nginalo kuSihlalo kaZwelonke we-IFP. 

Lokho okudingwa yiKwaZulu Natali manje kakusiye uNdunankulu ozosinika ukwethulwa kwezidingo ngezinga elishona phansi, inkohlakalo eyenyukayo ngokwezinga, amazinga aphezulu okungabinamakhono, ukusetshenziswa kwemali budlabha nokuzinweba kokuzishaya isifuba. Yilokho kanye esinakho manje kulohulumeni obusayo. Ivoti olinika i-ANC liyivoti elivuna ukwenzelelana ngobuhlobo; ukusaphazwa kwezimali; ukucabangela abangani; yivoti elivuna ukugodla imisebenzi uyibekele abangani; kanye naMabhodi amakhulu agcwele imigwaqo ancoma ukuba yisimangaliso kwe-ANC.         

Kasikaze isiFundazwe sibesenkathazweni enjengalena. Okudingwa yilesiFundazwe ngumuntu ozokwazi ukubhekana nokwehluleka kwalohulumeni obusayo nokuguqula izinto zibengcono. Impendulo yezinkinga zesiFundazwe kayikho ezinkundleni eziningi zokuxoxisana, ezinkundleni zokubonisana ngenqubo-mgomo nasekuqasheni ongoti abaningi. Impendulo isebuholini.

Njengamanje isiFundazwe seswele ubuholi. I-IFP inaso isixazululo - unobuholi obuyibo obunguNkk Zanele KaMagwaza Msibi. 

Kungani ngineqholo elingaka lokuthi ungumuntu owufanele lomsebenzi?

Sengimqaphele iminyaka eminingi esebenza; ngakho ngiyazi ukuthi unezimpawu zakhe njengomuntu zokuhola i-KZN. NjengeMeya yaseZululand uselikhombise kahle ikhono lakhe lokwethula izidingo kubantu, lokuhola umkhandlu ngendlela ehlanzekile nokuba ngumholi nje.

*        Uyanakekela
*        Uzithobile
*        Uyakwazi ukuthatha izinqumo
*        Uyazikhandla
*        Ukhuthele
*        Ufuna izinto zenzeke
*        Uyakwazi ukuhola uguquko
*        Uyakwazi ukwenza izinto zenzeke 

Okungaphezu kwakho konke umqondo wakhe ukini, bavoti: kwizinkathazo zenu, izinselelo zenu, amathemba enu, ukwesaba kwenu, nezidingo zenu. 

Lowo wethu ongenele isiKhundla sobuNdunankulu akayikukhohlwa yilabo abangenazindawo zokuhlala; imindeni nabangani bethu abangenamisebenzi; abadala bakithi abahlala besengozini; abantabethu abasengozini yokuhlukunyezwa; intsha yakithi okudinga ukuba kukhalinywe amandla ayo aqondiswe ezintweni ezakhayo. Impilo yakhe iqukethe imogomo yoBuntu/Botho, njengoba abanye beyisho ngomlomo nje leyomigomo.

Ngakho-ke akekho omunye ofanele isiKhundla sokuba nguNdunankulu waKwaZulu Natali ngaphandle kwakhe. Ngiyakholelwa kuye. Ngiyanikhuthaza ukuba nimnike ukumeseka okugcweleyo.  

Yebo, uNdunankulu ungomunye wabantu abayishumi nanye abakuHulumeni.

Nginesiqiniseko sokuthi uNdunankulu wenu uyokwesekwa yiqoqo loNgqongqoshe nabo abasesimeni sokubhekana nenselelo yokuguqula isiFundazwe. Isaga esisiqokile ukuzichaza esithi: "Siyisu Elihlolwe laVivinywa," siveza iqiniso elisobala elithi i-IFP isibe kuhulumeni isikhathi eside kakhulu, futhi inabaholi abaningi abalolongwe kahle ekwenzeni lokho okudinga ukwenziwa. 

Ngesekeleni, ngokuvotela uNkk KaMagwaza Msibi ne-IFP. Sizokwenza umehluko. 

NguMntwana uMangosuthu Buthelezi

UMengameli we-IFP 

Mhlobo othandekayo (Dear Friend) 

Ngifuna ukwenza isifungo kuwe futhi ngifuna ukusenza obala emphakathini ukuze uqonde ukuthi ngingubani, nalokho okungifuqayo ukuba ngingenele isikhundla esiphezulu kulesiFundazwe. 

AmaQembu ombusazwe afuna amandla ombusazwe kanti nawosoMbusazwe bafuna izikhundla - kakade lena yindlela yombusazwe. Kepha kakusikho lokhu okungifuqileyo ngenkathi ngemukela ukuqokwa yiqembu lami ukuba ngibe nguNdunankulu waKwaZulu Natali, uma i-IFP inqoba ukhetho. 

Kimi, umbusazwe uyithuluzi enginokulisebenzisa ukwenza umnikelo ekwenzeni ngcono inhlalakahle yomphakathi. Mina ngifuqwa yisidingo sokusebenzela abantu. Yilesisizathu esangenza ngaba nguThisha kwathi kamuva ngaba yiKhansela neMeya. 

Kuyoyonke impilo yami ngilokhu ngaba nokuqaphela uhlobo lomphakathi esengiphile kuwo. Lolu wuhlobo lomphakathi onokungalingani okuyinqaba okwehlukanisa abantu; onobuphofu obujulileyo nobungedluliyo, ikakhulu ezindaweni zasemakhaya. ozingane ezintuthuko yazo ingazange yelekelelwe yizikole ezafunda kuzo; wokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane; wezifo ezingelashwayo. 

Kepha ngingumuntu ongalilahli ithemba. Ngiyaye ngibone ubuhle kubantu.

Ngibone nethuba lokukhula; kanye nalokho okungenziwa nxa kukhona impokophelo. Ngikholwa ngokungazenzisiyo ukuthi iKwaZulu Natali inethuba lokukhula ibengumbukiso wayoyonke iNingizimu neAfrika. Kakumele semukele ukusebenza kwezinga eliphansi ngoba nxa senze njalo, kuyosala kancane nje sibeyinhlekelele njengeMpumalanga Kapa, ehulumeni wayo uyihlazo. 

Ngiyakwamukela ukuthi sekubenalokho okuzuziweyo KwaZulu Natali kuleminyaka eyisihlanu eyedlule. Kungaba ngukungabinobuntu kimi ukungakwemukeli lokho. Kepha nxa sikhuluma iqiniso omunye komunye, kufanele sikwemukele ukuthi isiFundazwe sihlehlele emuva emikhakheni eminingi. Kangihlaseli muntu nxa ngikhuluma kanje futhi kangikhonondi.

LoMqulu we-IFP wezeThembiso zoKhetho uveza imikhakha engukhiye yokubusa KwaZulu Natali futhi uphakamisa izixazululo kwizinselelo ezikhona. Lezi yizixazululo zempela ezinkingeni zempela. 

Ngizinikele ekulawuleni uhulumeni ukuba ubhekane nalezindaba eziphakanyiswe kuloMqulu ukuze impilo yenu ibengcono. Ngiyobonisana nabaningi futhi ngibambisane nabalabo abathintekayo, amaqoqo anentshisekelo kanye nemiphakathi yonke ukuze senze izinto ndawonye.

Umphakathi kumele uzizwe uyingxenye kahulumeni omusha, ubambisene nawo ekubhekaneni neningi lezinselelo eziphambi kwethu. 

a)    Kasizimisele ukwemukela ukuba izikole ziphenduke izinkundla zempi;  ukuba othisha nabafundi baphelelwe ngukuhlonipha kokulalela; ukuba izikole zingabinawo amalaboratories; ukuba izincwadi nezinsiza-kufundisa zifinyelele ezikoleni emva kwezinyanga; nokuba imfundo yehluleke ukulungiselela abantabethu ikusasa eliyilo - okungumnotho.

b)    Kasizimisele ukwemukela ukuthi kungabakhona izibhedlela ezingenadokotela; ukuba iziguli zihlale izinsuku zilinde ukwelashwa; noma ukuhlinzwa kwazo kuhlehliswe isikhathi esingaziwa; ukuba imithi ishode; abantu abanezifo ezingelapheka, ikakhulu labo abanegciwane nesifo sengculazi, banganakekelwa ngokuyikho.                        

c)     Kasizimisele ukwemukela ukuthi kuyinto efanele ukuba ubugebengu budlavuze imiphakathi yakithi. Ucebile noma umpofu, usethubeni elibi kabi lokuba yisisulu sobugebengu obunendluzula. Ngabe imiphakathi kayikwazi ukwenza okungaphezulu kwalokhu ekwenzayo manje, ibambisene nohulumeni ukumisa ubugebengu?

d)    Kasizimisele ukwemukela ukuthi uhulumeni kumele abenecala lokuphatha budedengu, lenkohlakalo, lokwenzelela kubangani, nokunye okunjalo; ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziswe ngodli zisetshenziselwa izinhloso zeqembu. Uma uhulumeni engahlanzekile, themba lini esinganalo? Ngikholwa yikuthi uhulumeni kumele abeyisibonelo.  

Ngifuna ukuhola lesiFundazwe ngesizathu esisodwa zwi - ukuguqula impilo yakho ibengcono. Ngizosebenza ngokuzikhandla, usuku nosuku ukufeza lokhu. 

Nginxusa ngokuzithoba ukuba ungiphe ithuba lokusebenzela wena njengoNdunankulu.  

Yimi  

uNkk Zanele KaMagwaza Msibi 

INDLELA YETHU YOKUBUSA 

Uhulumeni we-IFP uzodala izinhlaka zokwenza uhulumeni asebenze obala kunalokhu okwenzekayo, aphendule kubavoti, futhi abengoxubile kunalokhu oyikho. Okwamanje kunokusebenzela esithe kakhulu, ukugodlwa kolwazi, ukuvikelwa kokwehluleka, ukuqashwa kwabantu abayizehluleki, nokugula nje okusabalele okuthuntubeza ukusebenza ngobunyoninco kubasebenzi bomphakathi. 

Izinyathelo ezimqoka zokuqala: 

a)    Ukuqinisekisa ukuthi isiShayamthetho sisebenza njengokulawula kuMthethosisekelo nokuthi siwufeza ngokuyikho umsebenzi waso wokuqapha iKhabhinethi neMinyango.

b)    Ukwethula indlela esobala yokuqashwa kwabasebenzi ukuze kuqedwe ukwenzelela kubangani nokuqashwa kwabantu abayizehluleki eminyangweni.

c)     Ukubeka emqoka ukubandakanywa komphakathi. Lokhu kuhlanganisa ukubonisana ngokuyikho nalabo abathintekayo, kepha futhi nokudlulisela eminye imisebenzi ezinhlanganweni ezingekho kuhulumeni ukuba yenziwe yizo

d)    Ukukhuthaza ubambiswano lwentuthuko ngokusebenzisa uhulumeni ukweseka imisebenzi yokuzisiza nokuzethemba ngokusebenzisa ukuhlangabezana ngokwezezimali.

e)    Ukudala izinhlaka zokukweluleka ukusiza uhulumeni ukuba akwazi ukubhekana ngegalelo elizwelayo nezinselelo ezibhekene neminyango.  Isibonelo nje; sibona isidingo soMkhandlu woKweluleka uNgqongqoshe ukuze usize uNgqongqoshe weMfundo; kanye noMkhandlu wokuHlela nokuDidiyela ozosiza uNdunankulu.

f)      Ukuvuselela uMkhandlu wesiFundazwe wamaThenda ukuze wenze ngcono ukukhangiswa kwemisebenzi kahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi imali kahulumeni kayimuki nomfula nxa kuthengwa. Indlela yamanje yokuyekela amathenda eminyangweni iholele ekusabalaleni lokutshenziswa budlabha kwezimali, cishe okungekho mnyango ongathinteki kukho.

g)    Mayelana nesiShayamthetho neKhabhinethi, sizodala izindlela zokuba izakhamizi zikwazi ukwenza izwi lazo lizwakale, nokukhathazeka kwazo kulalelwe futhi zihlonishwe ngeqiniso. Ihlazo laseMatatiele akumele liphinde futhi.

h)   Bonke oNgqongqoshe nezikhulu eziphezulu zikahulumeni kuyomele bamemezele imisebenzi yabo eseceleni neyocwaningwa ngumcwaningi mabhuku njalo ngonyaka.

i)       Akuyi kubabikho Ngqongqoshe noma isikhulu esiphezulu kuhulumeni abayosizakala noma bazuze ezinkampanini eziphethwe nguhulumeni ngaphandle kokuba lolodaba luqale lwendlalwe phambi kwesiShayamthetho nokuba lucwaningwe kahle.

j)       Ukuxhumana noMnyango wezeZimali ukuqinisekisa ukuthi imali yesiFundazwe yenele nokuthi iKwaZulu Natali kayabelwa okungaphansi kwezidingo zayo.

k)    Kukho konke owenziwayo uhulumeni uyozabalazela ukufinyelela kwelenyoni lapho ehlinzeka abantu ngezidingo. Siyogcizelela ekubeni kuhlale kuzanywa ukuba isimo sibengcono kuyoyonke iminyango nokwenza abasebenzi baphendule ngokusebenza kwabo. 

Nxa seboleka isisho sakwelinye izwe nesingesesinye isikhathi: sifuna

uhulumeni ongowabantu, ophethwe ngabantu nokhonela abantu.            
 

IMFUNDO 

Inselelo 

Imfundo njengamanje isesimeni esibucayi. Ukukwazi ukufunda okuyisisekelo nje, ukukwazi ukubala, nokukwazi ukubhala kuvele kwakhohlakala ngenkathi kulandelwa izinjongo eziyiphupho uqobo ze-Outcomes Based Eduvation (OBE). Isifundazwe sintula othisha abaqeqeshwe ngokufanele nabanentshisekelo. Akuzange kubhekwane nokwesweleka kothisha bezibalo (mathematics), besayensi nabezifundo zobuchwepheshe. Izinsiza-kusebenza kazilingani futhi zisatshalaliswa ngendlela enamaphutha. Kanti futhi kakuzange kubhekwane nalawomafa ayishwa esawashiyelwa ngumlando wobandlululo. Izikole ezithile seziphendulke imihhume yezidakamizwa, indluzula, ukukhulelwa kwamatshitshi, ukwehla kwezimilo, nobugebengu nje jikelele kanye nodlame.  

Ezikoleni eziningi imikhandlu yokuphatha izikole kayinawo umsebenzi onomqondo ewenzayo; futhi amalungu ayo awakaze aqeqeshwe ukuze abeneqhaza. Umbulalazwe ongakhalinywa wegciwane nesifo sengculazi ubhubhisa uhlelo lwemfundo. 

Othisha babhekene nomthwalo omkhulu wengcindezi ngenkathi bezama ukusebenza ohlelweni olubiza okukhulu kubo ngaphanlde kokubanika ukwesekwa okufanele.Isikalo sokwehla kwezinga lemfundo selokhu i-IFP yaphuma embusweni, sibeyikwehla kwemiphumela yebanga leshumi-nambili

(umatikuletsheni) isuka ku77% ngonyaka wokugcina kahulumeni we-IFP, kuyaku57% nonyaka ka2009. 

Ngakhoke inselelo yikwakha uhlelo lwezikole oluvikela futhi lwenyuse amaiznga alezozikole ezisenza kahle; lube futhi lolohlelo lutakula lezozikole ezinomlando wokukhishwa inyumbazane, luzenyusele ezingeni lalezikole ezisebanza kahle ngokusebenzisa uhlelo lokufukula olulandelekayo.     

 Impendulo ye-IFP 

*        Siyogxilisa umqondo wethu ekuhlomiseni abafundi ngamakhono ukuzebakwazi ukungena baphile esimeni sempilo yamanje lapho imisebenzi yesekelwe olwazini.

*        Siyoba nobuchule ekudaleni uhlelo olwehlukile lokuqhubeka nemfundo kulabo abalandela umkhondo wemfundo yamakhono neyemisebenzi, kumakolishi emfundo yamakhono (FET) kanye neiznye izikhungo. Lokhu siyokumanyanisa nokwelulekwa ngohlobo lwemisebenzi abangalulandela.

*        Siyobeka eqhulwini imfundo yezinga eliphezulu eyokhulula abantu ebuphofini. Siyoqikelela futhi ukuba izikole ezinesidingo ziphakelwe ukudla mahhala.

*        Siyoqikelela ukuba kubenemfundo yamahhala kusukela ingane ingena esikoleni ize ifinyelele ebangeni leshumi-nambili.

*        Siyohlomisa imikhandlu yokuphatha izikole ngamandla futhi sibonisane nayo.

*        Siyoqikelela ukuba kubenohtisha abanobunyoninco, abanetshisekelo ngokuziphatha futhi abanenhlonipho yokulalela.

*        Siyakuqasha otjisha asebethathe umhlalaphansi.Nokho lokhu kuyobe nje kuyikhambi lesikhashana.

*        Siyosebenzisa ubuchule ukuthola othisha bezibalo (mathematics) nabesayensi

*        Siyovula kabusha amakolishi avalwayo.

*        Siyohlolisisa kabusha i-OBE; siyigugule siyinstshinge kude nxa kunesidingo.       

*        Siyqala uhlelo lokwakha izikole namakilasi.Lokhu siyokwenza ngokubambisana nabamabhizinisi, izinhlangano ezizimele kanye namaNxusa amazwe angaphandle. Zonke izikole ziyakuba nama laboratory kanye nemitapo-zincwadi, izinkundla zemidlalo, ugesi kanye namanzi

*        Ukusungulwa kwezikhuthazi (incentives) zokuheha othisha ukuba basebenze ezindaweni zasemakhaya 

*        Ukuqedwa nya kwenkohlakalo nokusebenza kabi emNyangweni weMfundo, ikakhulu esigabeni sokuthengwa kwempahla.
 

 EZEMPILO 

Inselelo 

Ezempilo sisesimeni esibucayi, okudawa ikakhulu ukuthi uhulumeni uyehluleka uwenza inqubo-mgomo yakhe isebenze. 

Uhlelo olukhona luyehluleka ukufinyelela kulokho okulindelweyo.

Izibhedlela nemitholampilo sekwehle ngezinga kwafinyelela phansi kuleminyaka embalwa edlule. Lokhu kubonakala ngokwehla kweminyaka ephilwa ngumuntu nje phaqa nokwenyuka kwezinga legciwane nesifo sengculazi kusuka ku3% ngo 1994 liyaku17% . 

Ukubambuyeke kukahulumeni kazwelonke esikhathini esedlule engaveli obala ukuthi umiphi ngalesisifo, ukushomana kukahulumeni nawososayensi-mbumbulu nokuphika ukuthi ubukhona balesisifo kwathikameza ukuba imishanguzo (ARV's) yalesisifo yedluliselwe kubantu ezingeni lesiFundazwe. Namanjeke sisaphila nemiphumela yalezizenzo zikahulumeni zokuphika ingculazi. 

Ezinye izinselelo ezibhekene mohlelo lwezempilo yisimo esihlasimulisayo sezibhedlela zikahulumeni nezishodelwa yizinsiza-kusebenza nemithi kanye nokushoda okumangalisayo kwbasebenzi bezempilo; kanti nalabo abakhona kabaophatheile kahle. Nakuba amaholo agcono ebalulekile kepha kawakwazi nje wona wodwa ukuvimba ukufuduka kwezisebenzi zezempilo zishiya izibhedlela zikahulumeni. Ikhambi yikuba uhulumeni enze gcono zonke izimo zokusebenza.  

Inselelo esibhekene nayo yikuba kwakhiwe uhlelo lwezempilo olohlangabezana nezidingo zazozonke izingxenye zomphakathi.    

Impendulo ye-IFP 

*        Ukuqinisekisa ukuthi wonk' umuntu uyafinyelela ezikhungweni zempilo ngaphandle kokulinda isikhahti eside.

*        Ukuhlinzeka ngemisebenzi yezempilo enezakhiwo ezemukelekayo, enabasebenzi abenele, enezinsiza-kusebenza okuyizonazona kanye nezinye izidingo.

*        Ukuvala igebe elikhona phakahti kwezinga lezikhungo zempilo zikahulumeni nalezo ezizimele

*        Ukubuyekeza ukusebenza kwemitholampilo nezibhedlela nokwakha uhlelo lokuzenyusela ezingeni elemukelekayo

*        Izidingo ezimqoka zokwelashwa, zezifo ezingelapheki, zokwelashwa kwezingane nabadala kume;le kubhekwane nazo ezingeni lazekhaya. Kufanele futhi kubenokuxhumana nezinhlangano ezizimele kulelozinga lasekhaya.

*        Ukusebenzisana nezikhungo eziqeqesha abezempilo ukuze kubenokuxhumana phakathi kokufundiswayo nemisebenzi yomphakathi.

*        Ukudala ukubambisana nokubonisana phakathi kukahulumeni nabasebenzi bezempilo, abelaphi bomdabu kanye nabesebenzisa ezinye izindlela zokwelapha abasebenza emphakathini.

*        Ukuhlonzwa kwegciwane nesifo sengculazi nesifo sofuba njengenhlekelele edinga ukubekwa eqhulwini

*        Umkhankaso ovuthuphondo wokukhuthaza ukuzithiba ocansini, ukungasheshi ukuzihlanganisa nocansi, oxwayisa ngezimilo ezixegayo nokhuthaza ukusetshenziswa kwamakhondomu.

*        Ukukhuthazwa kokuhlolwa kwegazi mahhala ezikoleni, ezibhedlela nasemitholampilo kanye nokuqhutshwa komkhankaso wokulwa nokucwaswa kwabaguliswa yigciwane nesifo sengculazi.

*        Ukuqala uhlelo lokuhlinzeka ngemishanguzo yesifo sengculazi (ARV's) ukuze lufinyelele kubobonke abantu abahlaselwe yilesifo, nokuvikela nezingane ezingakazalwa. Kanti futhi nokudlulisa njalonjalo imiyalezo eyiyo mayelana nobumqoka bokudla okunempilo namakhambi omdabu.

*        Ukubuyekezwa kwempahlanezinsiza-kusebenza ezikhona ezibhedlela nasemitholampilo kanye nohlelo lokugcwalisela okushodayo.

*        Umkhankaso wokuqasha abasebenzi bezempilo nokwenza kubekhona abahlengikazi abanentshisekelo futhi abanobunyoningco bezinga eliphezulu. Ukwenyusa izinga lokuqeqeshwa kwabahlengikazi.

*        Ukwenza ngcono izimo zokusebenza okhlanganisa namaholo kubasebenzi bezempilo.

*        Ukusebenzisa indlela enobuchule yokwenza abahlengikazi abakhulu benze imisebenzi yabo ngendlela ephezulu yokuzizwa benomthwalo esizweni.

*        Ukuqedwa kwenkohlakalo, ukuphatha budlabha nokumosa kuwowonke amazinga emNyangweni wezeMpilo.

*        Ukuqalwa kohlelo olunegalelo lokulwa nesifo sofuba kanye nofuba olungelapheki

*        Ukwethula umkhankaso onegalelo wokuqwashisa umphakathi ngegciwane nesifo sencgulazi kanye nesifo sofuba. 
 

UKUBAMBISANA KOMPHAKATHI 

Inselelo           

Umphakathi wehlulelwa ngendlela ophatha ngayo ababuthaka bawo. Labo abayaye bashaywe indiva ngumphakathi bahlanganisa abakhubazekile, abahlaselwe yigciwane nesifo sengculazi, izingane ezingondingasithebeni, abesifazane nezingane abahlukumezekile, abadala nabanye. 

Lababantu ababuthaka bethembela osizweni lwalabo abanozwelo, kuhuluimeni nasemphakathini. Ngaphandle kokubambisana kwethu ukubaisza, babhekene nekusasa elinengozi. 

Ngeshwa kuningi okuyizithiyo ekubeni kubenedlela ebonakalayo yokubhekana nalenselelo. Lezithiyo zihlanganisa ukungabinamandla kukahulumeni, imizamo yomphakathi engahlangene, inkohlakalo, nokuntleka kwezimali.  

Ngakhoke inselelo-ke ebhekene nohulumeni we-IFP ukuhlinzeka impendulo eyiyo kulezidingo zababuthaka kunabobonke emphakathini. 

Impendulo ye-IFP 

*        Ukubeka eqhulwini izinselelo zokudala ukubambisna emphakathini.  Akwenele nje ukuba lomthwalo siwethwese uhulumeni kazwelonke noma umphakathi. Uhulumeni wasekhaya nawo kumele ubambisane nesifundazwe.

*        Ukuhlinzeka ngezimali ezeneleyo ukuze kuqinisekiswe ukwenizwa kwalezinhlelo zoszo eziyophila isikathi eside.

*        Kumele uhulumeni adale izinhlaka nezimo zangaphakathi ezinkumenza akwazi ukubhekana nalenselelo. Lokhu kusho ukukwehlukanisa nezombusazwe ukuqashwa kwabantu; ukuqasha abasebenzi kanye nokudala izinhlaka ezifaneleyo.

*        Kumele lezozikhala ezingakagcwalisa, yize sezihlinzekiwe ngemali, zisheshe zigcwaliswe. Kweziwe ngcono izimo zokusebenza.

*        Ukuhlinzeka ngemifundaze abafundi abafundela ukunakekela umphakathi

*        Ukukhuthaza kobambiswano olunamandla lukahulumeni nomphakathi.  Uhulumeni akasoze athatha indawo yezinhlangano eziizmeleyo. Umsebenzi kahulumeni ukuhlomisa umphakathi ukuze ukwesela kwawo amandla kungabi sezingeni eliphansi kunelemukelekile. Lokhu kuyokwenzeka ngosizo lwezimali nezinye izinhlobo zokuweseka.

*        Ukusungulwa kwezinhlaka ezifanele ukuxhumana nomphakathi ezindabeni ezibucayi kanye nokulungiswa kwezakhiwo esezigugile.

*        Kuyomele umnyango uthole imali yawo engamarandi ayizigidi eziyi71 oyikweletwa nguSASSA, uyisebenzise leyomali ukwenza gcono isimo sawo.

*        Kumele umnyango ubhekane ngolaka nenkohlakalo eyaba imali yabahluphekileyo

*        Ukwelekelela Usassa ngezindawo zokuholela ezifaneleyo, njengoba iningi lalezo ezkhona zingekho esimeni esihle. Kuholelwe impesheni ngendlela ekhomba ukuhlonipha isithunzi salabo abaholelwayo nehlinzeka ukuvikeleka kwabo.

*        Ukuxoxisana nohulumeni kawelonke ukuba yenziwe ngcono imali yokuholela abahluphekile - kube nguR880 ngenyanga imali yezingane futhi ziyihole zizezibe neminyaka eyi18. Kube nguR1 500 impesheni ngenyanga.
 

UKUHTUHTUKISWA KWEZOMNOTHO 

IKwaZulu Natali kayikathuthuki ize ifinyelele ezongeni okufanele ngabe ikulo kwezomnotho. Futhi-ke kulkezozingxenye ezingukhiye kwezomnotho, yenza kabi kakhulu. Isibonelo nje ukuthi kunokungafakwa kwezimali kwezolimo; ukwehla kwzinga lemikhiqizo, okuqhuthelwa phambili yikwehla kokutshalwakwezimali ngosomabhizinisi balaphaekhaya nabangaphandle.

Ezokuvakasha kazifinyeleli ezingeni okumele zibekulo. Amadolobha amancane, ahlanganisa lawo ayephila ngezimayini, antula amaqhinga eintuthuko enegalelo yezomnotho ngakhoke ayawa. Lokhu kwenzeka naophezu kokuntuleka wkemisebenzi okumangalisayo nalapho abantu bsifundazwe bekhalela imisebenzi nokumbandakanywa kwezomnotho. 

Inseleo kahulumeni waKwaZulu Natali yikudala kwezamabhizinisi isimo esikhuthaza ukutshalwa kwezimali nokudalwa kwemisebenzi; ukuvuelela iBhange iThala libuyele endaweni yalo lapho laliyisikhungo sentuthuko esiphumelela kunazozonke e-Afrika. Ukwakha ichweba iDube elihlanganisa kuhlanganiswe izizinda zezimboni, zemikhumbi,ezindiza zeTheku neRichards Bay zibengumthambo womnotho omqoka kunayoyonke eAFrika eseNingizimu nobekeke kahle olwandlekazi iNdian Ocean. Ukuthuthukisa imboni yezokuvakasha KwaZulu Natali ibesezingeni lokuba isiFundazwe sibeyindawo abaphanelana ngayo emhlabeni nendawo yokuvakasha emqoka e-Afrika.

Ukusiza ukxazulula ungqingetshe ezindabeni zokubuyiselwa kwemihlaba kubaniniyo kanye nokwehla kwethemba okusheshisa ukwehla kwezinga lezolimo. 

Impendulo ye-IFP 

*        Ukuhlolisisa kabusha ngosizo lochwepheshe abazimele, ukusebenza kwezikhungo ezifana neProvincial Growth Fund neTrade and Indutsry KZN; bese kwakhiwa amahqinga ekusasa asukela kumiphumela yalokho kuhlola.

*        Ukuhlela kabusha iThala ukuze lenze umsebenzi wokuthuthukisa elalikade liwenza ngempumelelo KwaZulu Natali. Kumele kutholakale kahle ngokusebenizsa abacwaningi, ukuthi yini nempela eyonakele eBhange iThala; kuthathwe izinyathelo zokuqoqa kwezimali kulabo abakweleta iThala.

*        Ukuhlela kabusha iTrade and Industry KZN ukuze ikwazi ikhangise ngomfutho ngeKwaZulu Natali lapha ezweni nasemhlabeni, igcizelele kakhulu ekubalulekeni kweChweba iDube, namadolobha iTheku neRichards Bay

*        Ukwenza ucwaningo nokuthuthukisa imboni yokuphehla amandla atholakala ezitshalweni ngokubambisana nemboni kashukela nekaphethiloli.

*        Ukukhangisa ngomfutho izindawo ezinokuheha abavakashi ezilapha esifundazweni, lokhu sikwenza ngokubambisana neTourismKwaZulu-Natal.  Ukwenyusa izinga lalemigubho engasetshenziselwa ukuheha abavakashi, enjengeMviliyelo wamaSosha, imiQhudelwano yeNgoma, uMkhosi woMhlanga, umGubho wobuCiko waseMidlands, umNcintswano wokuBhukuda iDuzi, umNcintiswano wokuSubatha iComrades Marathon noMkhosi weMarula; kanye nokukhangisa ngayo. Okunye yikuthuthukisa uwkehlukana ngokwamasiko kwabantu baKwaZulu Natali kubekwe esimeni sokuheha abavakashi, ukuze kusizane nezinye izinto ezibahehayo ezinjengezidnawo zethu zemvelo ezinhle, nolwandle.

*        Ukwenza ngcono izinga lezokuvikela ngoba nxa kungenziwa lokho ezokuvakasha ziyathikamezeka

*        Ukwelekelela osomabhizinisi absafufusa ukuba bangene embonini yezokuvakasha nokubahlinzeka ngokuqeqeshwa nangokweluswa.

*        Kusungulwe amasu okuheha osomabhizinisi ukuba bakuthande ukuzotshala izimali zabo KwaZulu Natali

*        Ukukhuthaza ukuba kwenyuswe izinga lezitimela ezixhumanisa iTheku neGoli kanye neRichard Bay neGoli.

*        Ukukhuthaza ukwenyuswa kwezinga lamachweba ethu njengoba emqoka emnothweni wethu;kanye nokulwela ukuba isiKhumulo seziNdiza saseThekwini sesetshenziselwe ukugcina izimpahla.

*        Ukubambisana nabathintekayo ukuba kubhekwane nesimo esibucayi esithinta imisebenzi, ukutshalwa kwezimali nokwehla komkhiqizo okudalwa yikusebenza budedengu kukaKhomishana ohethe izindaba zokubuyiselwa komhlaba kubaniniwo

*        Ukunakisisa lezozimboni ezinethuba lokuqasha abantu abaningi, ezinjengolimo, ezokuvakasha nezemikhiqizo

*        Ukwethula kabusha uhlelo lokusizaosomabhizinisi abasafufusa abafisa ukungena emabhizinisini okufuya izinkukhu, okutshala imifino nokubaza

*        Ukubuyisela emphakathini udaba lokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya nezoLimo ukze kubukisiswe izincomo eziphathelene nezolimo
 

EZEZINDLU 

Inselelo 

Ukwethulwa kwezindlu kubantu kuyagqoza ngoba oMasipala kabanawo amandla okubamba elabo iqhaza, uhlolo lokuhlela nalo luhamba kancane kani noMnyango oqondene kawunawo amakhono okulawula lezinhlelo. Kanti futhi izinguguqo kwinqubo kazwelonke zithatha isikathi eside ukuba zisetshenziswe. Kunodaba futhi lwenkohlakalo ekwabiweni kwezindlunezinkontileka zokwakha. Ukugqoza-ke kusho ukwenyuka kwezindleko. 

Iningi imali esetshenziswe emkhakheni wezindlu kepha zincane izindlu ezisakhiwe. Kubukeka sengathi uhlelo lwezindlu luhlumisa osonkontileka nabanye abasebenza kulomkhakha ngaphezu kwalabo okumele bafumane izindlu, Ngokunjalo futhi kunenkohlakalo eningi ohlangothini lokwabiwa kwezimali zezibonelelo kubasebenzi abathenga izindlu khona emNyangweni wezeZindlu. 

Inselelo yikuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika banezindawo zokukhosela ezisesimeni esihle, eziphephile nezingabizi kakhulu, emiphakahtini ehleleke kahle anezozonke izidingo zempilo. Lokhu kumele kwenziwe ngendlela elungisa izindlela zokuglela ezedlule ezazisekelwe enqubeni embi yokuhlalisa abantu ngokwezinhlanga, kude nezindawo zokusebenza namanye amathuba empilo neyayigxilisa ukungalingani kwezomnotho. Ukwethulwa kwezindlu kubantu kumele kwenziwe ngendlela eyelekelela ukuba kukhushulwe umnotho. Esikhathini esedlule, inkohlakalo nezinqumo ezingaphusile kukuthikamezile ukwenikezelwa kwezindlu. 

Impendulo ye-IFP 

*        Ukuvuselela uMkhandlu wekweLuleka ohlanganisa ongoti, namalungu omphakathi ukze weluleke uNgqongqoshe nokusiza ukudala umoya wokusebenza obala.

*        Ukusiza bonke oMasipala ukuba bakhe izinhlelo zabo zzokwakha izindlu ukuze kusheshiswe ukwakhiwa kwezindlu

*        ukuqinisekisa ukuthi umuntu oola ngaphansi kukaR3 500 ngenyanga unelungelo lokuhtola indlu yomxhaso

*        Labo abahola phakathi kukaR3 500 noR12 000 ngenyanga banikezwe isiza esesilungisiwe nesilingene. Loluxhaso kube olwalowo muntu othenga umuzi okokuqala.

*        Ukukhuthaza imisebenzi nezinhlelo zokuzisiza kanye nalezo eziqhustshwa yizinhlangano ezizimele

*        Ukuqinisekisa ukuthi iBhange iThala lisiza abantu ngokubaboleka imali yezindlu, njengengxenye yomthwalo walo wokuthuthukisa abantu.  Kuyobaluleka ukuqinisa imisipha yeThala ukuze likwazi ukunika abantu abaningi usizo kwezimali. 

*        Ukwakha uhlelo lokuhlangabeza lezozinkampani ezelekelela abasebenzi bazo ukuba bane nezindlu ukuze zikhthazeke

*        Ukuhlinzeka ngezintuba kwinqubo-mgomo ukuzeabantu bakwazi ukuzakhela bona izindlu kuphela nje nxa zingezukuba ngezezinga eliphansi.

*        Ukushehsisa ukuhlinzekwa kwezindlu ezindaweni zasemakhaya

*        Ukusheshisa ukukhululwa komhlaba wokwakha izindlu emadolobheni

*        Yonke imisebenzi ethola usizo kuhulumeni kuyoele igcine kahle umlando wayo wokuthuthukisa amakhono, wokuthuthukisa osomabhizinisi abafufusayo, intsha nabesifazane

*        Ukuqinisa amabhawodi endleleni ekuqhutshwa ngayo, eyokuqasha neyamathenda ukuze kuzinisekiswe ukuthi ukuthi ukuhlinzeka abantu ngezindlu akubambezeleki

*        Ukubaka eqhulwini usmebenzi wokuhlinzeka ngezindlu ezisesimeni labo abahlala emijondolo

*        Ukwenyusa izinga lamahostela ukze kwenyuswe isithunzi salabo abahleli kuwo

*        Ukuqinisekisa ukuithi sihlinzeka ngezindawo zokuhlala ezivumela impilo enobuntu lapho kukhona zonke izidingo zempilo 

UKUTHUTHUKISWA WKEZINDAWO ZASEMAKHAYA NEZOLIMO 

Inselelo                     

Ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaaya kungukhiye empini yokulwa nobubha KwaZulu Natali njengoba iningi labantu neningi labampofu likulezindawo.

Ngeshwa ukuchema kukahulumeni namadolobha kanye nokubhekan kwekhe nezinkinga zasemakhaya ngendlela engahlangene kuyithuntubezile intuthuko yasemakhaya.Nesimo sefinyelele lapho imiphakahti yasemakhaya isibempofu ngaphezu kwalokho eyayiyikho ngaphambi konyaka we1994. 

Ngaphambili lababantu babezilimela ukudla kawabo, kepha manje sebephenduke izinqibi ezikhangezwa amaphasela okudla nguhulumeni.

Ezolimo kanye nemfuyo sekwayekelwa nje kwafadalala ngendlela yokuthi isimo sendlala sesiyingozi enkulu elengela izwe. 

Uksweleka kweizngqala-sizinda kuyashaqisa. Izikole zsemakhaya sezize zaphenduka ihlane esikhahtini okthiwa ngesenqubekela-phambili; zona azinagezi, azinamanzi, azinamakhompyutha, azinamitapo-yezincwadi nezinye izinsiza. Nasemitholampilo nasezibhedlela isimo sinjalo. 

Ukwehluleka ukukhuthaza amabhizinisi asafufusa, nezolimo nezinhlangano zobambiswano (cooperatives) sekuholele ekufudukeni kwabantu besuka emakhaya nethuhteleka emadolobheni, ngalendlela benezela kuzinkumbi zabangenamakhaya nabangasebenzi.

Inselelo-ke ukulandela indlela ephelele yokuthuthukisa izindawo zasemakhaya. Ngalendlela siyolandela intuthuko exuba u=ithuthuko yezolimo, ezemfundo, ezempilo, neyezomnotho. 

Impendulo ye-IFP 

*        Ukulandela iqhinga lokuthuthukisa izindawo zasemakhaya elivumela abantu ukuba bazikhethele bona futhi bazicabele bona indlela yokufinyelela kulokho abakikhethileyo besizwa nguhulumeni njengoba kufanele.

*        Ukuhlomisa abantu ukuze bakwazi ukuzikhiqizela ukudla kwabo, ukunakekela lezozinxgenye zomhlaba ezilungele ukulima, ukuxhasa imisebenzi yolimo, omanyolo, izimbewu nokuhlakula kanye nokuhlinzeka ngosizo lokweluleka ukuze kwehliswe izindleko zokusebenza kwandiswe umkhiqizo.

*        Ukwakha izindawo zokulima ngenhloso yokukhuthaza nokugxilisa ukulimela ukuthengisa njengebhizinisi

*        Ukwakha ubambiswano phakahti kwabalimi asebemnkantshubomvu nalabo abasafufusa ngenhloso yokuhtekelisana ngamakhono, nokweluswa kwabasafufusa.Ukuohinda sivuselele isikhungo iCedara Agricultural Research Centre

*        Ukuthuthukisa imboni yokuphehla amandla atholakala ezitshalweni ngokubambisana nemboni kashukela nabanye osomabhizinisi abathintekayo.

*        Ukwenza ucwaningo nokuthuthukisa imboni yokuphehla amandla atholakala ezitshalweni ngokubambisana nemboni kashukela nekaphethiloli.

Okunye wukuhuha abalimi abancane nabakhulu ukuba bangene kulemboni yokuphehla amandla avela ezitshalweni

*        Ukwenza abalimi abasafufusa nasebethe ukukhula ukuba bathole ukusizakala ngezimali zokwebolekwa eThala.

*        Ukuthuthukisa ezolimo esiFundazweni zifinyele kuvuthondaba.  Ukuthuhtukisa izinga lokukhiqizwa kokudlA. Ukuthuthukisa ibhizinisi lezolimo. Ukwelekelela abalimi abalimela ukondla imideni ukuba bakhule babe ngabalimi bebhizinisi.Ukwelekelela futhi ukuba nalabo abasanda kuhlomula ohlelweni lokubuyiswa komhlaba ukuba bangene emkhakheni wolimo. Ukudala amathuba ebhizinisi kanye nemisebenzi kwezolimo

*        Ukuvuselela uMbono ka2020 (Uguquko kwezolimo) ohlose ukuphinda kane umkhiqizo wezolimo KwaZulu Natali. Loluhlelo lubheke kakhulu ekwandisweni komkhiqizo wezolimo emazingeni abalimi abancane

*        Ukwakha ezifundeni zasemakhaya uhlobo lwemfundo ebhekela amakhono ehlukene nezidingo zemisebenzi, ezobuchwepheshe nezomqondo zempilo yasemakhaya. Amakolishi ayakhiwe kulezindawo ngaphambi konyaka we1994 kumele aphinde avulwe kuphinde kwakhiwe amasha. Kufanele kubhekisiswe ukuthi lezikhungo zemfundo zenziwa zibengezesimanje, zikwazi ukuba yingxenye yalesikhathi solwazi nobuchwepheshe.

*        Ukuqinisekisa ukuthi ezempilo eziyisidingo zisebenza ngokuyikho

*        Ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane ngokusebenzisa izinhlelo zoMasipala zokuthuthukisa ezomnotho

*        Ukuxhumana nezikhungo zobuholi bomdabu ngenhloso yokuxoxisana ngokusebenzisa izindawo zamakhosi; ngalendlela kuyokhuthazwa ukubambisana nabamabhizinisi

*        Ukudala izikhungo ezimikhakha-miningi emakhaya ngenhloso yokunika izakhamizi usizo nemisebenzi engxube kahulumeni neyamabhizinisi.

*        Ukuqikelela ukuthi intela ekhokhwa ngabalimi abasebhizinisini igcina ku 0,5 cent eRandini ukuze kuvikelwe imisebenzi nempilo yawo lamabhizinisi 

EZOKUTHUTHA 

Inselelo 

Ezokuthutha zingukhiye entuthukweni yezomnotho, kwezokuxhumana kanye nasempilweni yezinga eliphezulu kubantu. Indela yethuke yokubhekana nezokuthutha kumele ikhombise ukubekwa eqhulwini kwezidingo zomnotho nezomphakathi 

Ngeshwa ziningi izinkinga ezingaxazululwa ngokuyikho. Isimo semigwaqo sibi ngendlela yokuthi ngesinye isikhathi sibeka impilo yabashayeli neyomphakathi engozini kanye nekusasa lentuthuko yamabhizinisi.

Ezindaweni eziningi ingqala-sizinda yemigwaqo iyabhidlika, ikakhulu ngenxa yokuthwala kanzima ngexa yamaloli. Lenkinga embi kangaka ngokwayo ingubufakazi bokwehluleka kokusebenza kwezitimela okududulela imithwalo emalolini emgwaqeni. Izinga lezingozi emgwaqeni kulesifundazwe liphezulu kakhulu, okudalwa kakhulu yikungaqeqesheki kahle kwabashayeli kanye nenkohlakalo eningi egcwele ekukhishweni kwezincwadi zokushayela. 

Ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe ezindabeni zamatekisi kugxile kakhulu ekulauwleni nasekugubeni lemboni kunokuyeseka ayisiza. Lokhu kuholela ekungaphathini ngendlela nasekungqubuzaneni okungenasidingo.   

Izikhungo eziningi ezingukhiye ezisezindaweni zasemakhaya ezinjengemihtolampilo, izikole, nezinkantolo zamakhosi - kazinakiwe.

Uhlelo lokuxhasa amabhizinisi okuthutha umphakathi nokuphathwa kwalo, kuyadida futhike, iningi lamabhasi asebenza emakhaya ezindaweni ezinezidingo kakhulu emakhaya alihxaswa. Miningi kakhulu nemigwaqo ekhokhelwayo lapha KwaZulu Natali futhi kusenezinye izinhlelo ezingaphusile zokukhokhisa abashayeli lapha esifundazweni 

Isfundazwe sidinga iqhinga eliphelelyo lezokuthutha elihlanganisa bonke abathintekayo ekuhleleni nasekulisebenzeni. 

Impendulo ye-IFP 

*        Ukuphinda futhi sigxilise umNyango wezokuThutha emsebenzini wawo omqoka okungukuhlinzeka isifundazwe ngemigwaqo nokunakekela ingqala-sizinda yezokuthutha kanye nokubhekana nokusalela emuva kwezengqala-sizinda okubalelwa ezigidigidinizamarandi, emikhakheni emqoka kakhulu efana nokuthuthwa komphakathi, ezindaweni zasemakhaya kanye nasekuhlanganiseni lengqala-sizinda nokuthuthukiswa komnotho.

*        Ukwakha uMkhandlu wesiFundazwe ehlanganisa uhulumeni wesifundazwe, i-SARCC, uhulumeni wasekhaya, abezimboni kanye nomphakathi

*        Ukubeka eqhulwini ukunakekelwa kwemigwaqo yesifundazwe neyomasipala; ngobs nxa sehluleka kulokho siyokhokha intengo enkulu emva kwalokho.

*        Ukubeka imigoqo emqoka yokuhlawulisa lezozithuthi ezeqa umgomo ofanele wokuthwala. Kanti futhi nokuxoxisana nohulumeni kazwelonke ukuze akhuthaze ukusetshenziswa ngokwanele kwezitimela ukuthutha izimpahla

*        Ukuqeda inkohlakalo ekukhishweni kwezincwadi zokushayela kanye nokuhlolwa kwezimoto

*        Ukugxilisa ukusebenza kwamaphoyisaekubhekaneni ngqo nezimbangela zezingozi zemigwaqo - okuyizithuthi ezingekho ezimeni esiphephile, abashayeli abangenazincwadi, ukushayela budedengu - kunokugxila kwabephula imigomo yejubane; lokho okubonakala inhloso ykho enkulu kungukuqoqela umnyango izimali kunokuphepha.

*        Ukwenza ukuphathwa koxhaso lwezithuthi zomphakathi kusebenze obala kanye nokunikezwa kwezinkontileka eziphathelene naloluhlelo

*        Ukuba nentando yombusazwe yokubhekana kube kanye nodaba lwemboni yamatekisi

*        Ukuqeda nya ukusetshenziswa ngokungekho emthethweni kwamalambu aluhlaza yizikhulu zikahulumeni nokuqinisekisa ukuthi indlela loluhlelo olusebenza ngayo ayihlukumezi abanye 

INKOHLAKALO 

Inselelo 

Umbusazweuya ngokuya uyanyaniswa nokuzihlumisa kanye nenkohlakalo.

Ucwaningo luveza obala ukuthi ithemba abantu abanalo kuhulumeni luya ngokuya lehla. Akusisizi kakhulu ke futhi lesisimo njengoba labo abasuke besolwa ngaenkohlakalo kuqabukela beshushisiwe, noma uma kwenzekile,banikwa izigwebo ezilengisiwe ngemibandela engathi shu isikhathi esincane.Kusiqhubela hambili lesisimo ukuthi lezozinhlaka ezidalwe ukulwa nenkohlakalo zishaywa indiva noma zigudluzwe noma zivalwe.  

Lesisimo senkohlakalo kumele siphele nya. 

Nakhoke inselelo kahulumeni we-IFP kuyoba ukulwa nenkohlakalo noma yikuphi lapho iziveza khona, ukumangalela abaphul' umthetho kanye nokuqeda zonke izinhlobo zenkohlakalo emoilweni yabantu baKwaZulu Natali, lapho isisemeni sokuba ibeyindlela yokuphila. Kudingeka iqhinga elizwelayo lokulwa nenkohlakalo okokuqala ukuqeda ukwebiwa kwemali yabakhokhi-bentela, okwesibili ngoba inkohlakalo ibathena amandla abatshlizimali. Kayikho inkampani ehloniphekile efisa ukutshala izimali endaweni enenkohlakalo. 

Impendulo ye-IFP

*        Ukudalulwa ichaywe emphakathini yonke inkohlakalo eyenzeke eminyakeni emihalnu eyedlule, kanye nokuqokwa kwamaKhomishani okuphenya nxa kunesidigo ukze aphenye ngokugwele konke ukwenza okuphambene

*        Ukusungula inkantolo ekhethekile yokulwa nenkohlakalo ukuze kusheshiswe ukushushiswa kwabephul umthetho; lokhu kuyokwenziwa ngokubambsana noMnyango wezoMhtetho kanye neMnyango wezokuShushisa

*        Ukwenyuswa kwezinga lemisebenzi yeSCOPA (iKomiti elibheka ukusebenza kweziMali zikaHulumeni) kusiShayamthetho. Lokhu kuyosho ukuthi iminyabgo kufanele ivele izophendula kuSCOPA kathathu ngonyaka hhay kanye nje, njengoba kwenzeka manje

*        Ukusungula isikhungo sokulwa nenkohlakalo esizoncika kuSCOPA, esizoba nabasebenzi, abashushisi nezimatshi ukuze amacala enkohlakalo asheshe ashushiswe aphethwe

*        Ukusheshisa izinhlelo zokulalela abaqondiswa izigwegwe ngokusungula uMkhandlu wekuLalela UkuQondiswa Kwezigwegwe oyobaseHovisi likkaNdunankulu noma elomphenyi-Jikelele.

*        Ukusungula ucingo lwamahhala lapho umphakahti uyofonela khona ukwedlulisela kuhulumeni ulwazi mayelana nezinsolo zenkohlakalo. Okunye kuyakuba ukubongwa ngemali elinganiselwa ku10% kwalowo onike ulwazi oluyilo mayelana nenkohlakalo oluholele ekuboshweni kwabephul 'umthetho.

*        Ukuklonyeliswa kwezingede eziholela abomthetho olwazini ngezigilamkhuba,hhayi ukuzijezisa njengoba kwenzeka manje

*        Uhulumeni we-IFP uzinikela ekuthini uyobusa ngendlela esobala, enokwethembeka, enokusebenza okusobala nokuphendulayo kubavoti.

Kasiyikuyibekezelela inkohlakalo futhi siyakuthatha zonke izinyathelo ezifaneleyo xokulwa nayo. 

ASIKWENZE KONKE LOKHU KWENZEKE 

LoMqulu weMiGomo ye-IFP yoKhetho uqukethe lokho ababelokhu bekusho abantu baKwaZulu Natali kuwowonke unyaka owedlule ngenkathi i-IFP ihamba phakathi kwabo eMkhankasweni wayo wokulalela uvo lwabo. Siliguduze lonke leli laKwaZulu Natali sibuza kini ukuthi yini eningafisa iguqulwe ekuphathweni kweKwaZulu Natali ukuze impilo yeny yenziwe ngcono eminyakeni emihlanu ezayo. Siyemukele ngedlela emqoka yonke imibono yenu; futhike siyididiyele kulombhalo. 

Lona-ke kakusiwo nje uMqulu wemiGomo ye-IFP. Eqinisweni ngumQulu wethu sonke ngokubambisana - ngowethu nani! 

Ngakhoke sesinilalele. Futhi sikuqophe phansi konke enifuna kwenziwe.

Kephake isivivinyo soqobo sisekwenzeni lomQulu usebenze. 

Sithi thina "Siyikhambi eliVivinyiwe Lahlolwa," ngoba impela sesavivinywa sahlolwa eminyakeni eminingi eyedlule sikuhulumeni.

Lolulwazi lobukadebona selusenze sakwazi ukubambelela kulezozinto ezinokwenzeka. Sigxilisa amehlo nengqondo kulokho okudinga ukwenziwa.

Sigxilisa amehlo nengqondo kulokho okusebenzayo. 

Isifungo sethu kimi sithi nxa niyikhethile i-IFP ukuba iphathe uhulumeni, siyokwenza konke okunokwenzeka ukuba lomQulu uphile ubeyinto ekhiqiza izithelo. Masikwenze ndawonye! 

VOTELANI I- IFP!