MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

14 April 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Iqembu leNkatha yNkululeko selikwenze liphindelela ukuzwakalisa ukukhathazeka kwalo ngesiko elisha likahulumeni wesifundazwe lokugodla ulwazi nokungaphumeli eshashalazini ngokwesula emsebenzini okwenziwe ngabasebenzi bakahulumeni abasezingeni eliphezulu.

Lokhu kufihla kuhlanganisa nokudonda kukahulumeni wesifundazwe ukweneka imibiko eshicilelwe ngendlela yokusatshalaliswa emphakathini. Lesisenzo sidala ukungabaza kwabanye balabo basebenzi abamisiwe emsebenzini.

Kubadida ingqondo kanye nomphakathi ukungazi izizathu zokumiswa ensebenzini nanokuthi zinyathelozini ezithathwayo ukuqondisa izigwegwe.

I-IFP ikhathazeke kakhulu ngemizamo ehlelwe isinyenyela nguNdunankulu ukwenza kube lula futhi kwemukeleke kubasebenzi abamisiwe  ukuba banyomuke njengoba lokhu kwenzeke kuDokotela Busi Nyembezi eMnyangweni weZempilo, uDokotela Jabulani Mjwara eMnyangweni weZolimo. Nantu uhide lwezinye izinhloko ezahamba isinyenyela: uMnumzane EPM Radebe owayeyinhloko yoMnyango weZemisebenzi, uMnumzane Thabani Zulu owayeyinhloko yoMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kanye noMnumzane Sipho Nyembezi obengamele inhlangano ebizwa ngokuthi "Ithala".

Kunemidlinzo eholela ekubukeni songathi kukhona ukukhuthaza labo abathintekayo ukuba bathule baze bafe. Ukuhlelwa kwezimali zokuvalelisa kwabadudulwayo kungenzeka ukuba kuhloswe ngakho ukuba kube yimvalamlomo. 

I-IFP inokwesaba ukuthi indlela uhulumeni ahlukana ngayo nabasebenzi abathinteka emacaleni nasezenzweni zenkohlakalo seyakhe isithombe sikahulumeni osebenzela emathunzini. Isimo esinjalo singumgoqo ovimbela ukwenekelwa komphakathi amaqiniso ukuze uzithathele izinqumo. Ukusebenza kweqembu eliphikisayo kubangumqansa uma kunje.

Izinto ezikhathazayo kulesisimo salezizigameko eziphawulwe kulombiko ukugodlwa kwemibiko yophenyo nocwaningo lochwepheshe, ukugixabezwa ngezizumbulu zamarandi kwalabo abafulathelayo okuhlanganisa nemali yokusebenza ezingeni eliphezulu ephuma sekwesulwa emsebenzini.

I-IFP ikhathazekile kakhulu ngokugeleza kwezintela zabantu okwenziwa izinhlelo ezigodliwe okuvunyelwana ngazo nabanye balabo abamiswe emsebenzini. Okukhathaza kakhulu ukuthi lemihlomulo ikhishwa esimeni sokwehluleka kukahulumeni ukuhlangabeza izidingo zabantu.
 

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902