MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
 

May 14, 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

I-IFP yethuswa yisimo soMnyango weZempilo esikhombisa ukuqhakambisa izinxaki zangaphakathi kunokuphuthuma izinhlekelele zalabo abahlaselwe yigciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo, isifo sofuba kanye nesifo sikamalaleveva. Lomnyango ubonakala uchitha imali ngendlela engakaze ibonwe ezinhleni zokwakha amathuba abasebenzi ekomkhulu lawo.

Akusikhathi singakanani lapho lomnyango uchithe izigidi ezine zamaRandi uqhasha ochwepheshe ukucwaninga ngezakhiwo zawo. Siphawula ukuthi ochwepheshe benze izincomo zokuba kuphundlwe lesisihlekehleke somnyango komkhulu. Nokuba kwandiswe abasebenzi ezifundeni nasezibhedlela nemitholampilo lapho kugqolozelwene khona nokulwa nezifo emphakathini. Kuyindida ukuthi umnyango uzishaye indiva izincomo zochwepheshe. Insambatheka ngeyokunweba izakhiwo kungakaphundlwa njengoba kwakunconyiwe. Sekuhlinzekelwe izikhulu nabaluleki kwachithwa okungenani izigidi ezilishumi nanhlanu zamaRandi kukhokhelwa amaholo.

Kunjalo nje umNyango weZempilo ubhekene nenhlenkelele yesifo sofuba esehlula onke amakhambi aziwayo. Ngokunjalo uMnyango ukhungethwe yinkinga yohlelo olunyonyobisa okonwaba ukusatshalaliswa kwemishanguzo yalabo abahlaselwe yingculaza.

Ukusetshenziswa kwezimali ngendlela engakhombisi ukuzihlupha ngezidingo nqangi kuyasolisa ukuthi kukhona okuletha ungabazane lokuzihlumisa kwabathile.
Izinsolo ziyaqina ezibika umkhuba ekhaya. Kwenziwa yini ukuba labo abengamele izincomo zoguquko baqhubeke nokusebenzela uMnyango?

Thina qembu eliphikisayo sikhathazeke kakhulu ngomphumela waloluguquko mbumbulu. Ngokunjalo abakhokhi bentela kanye nalabo abahlangatshezwa ngumnyango ezidingweni zempilo bakhathazeke kakhulu ngokwenzekalayo. Kulukhuni ukuqhathanisa lesisimo nezinselele okubhekenwe nazo emitholampilo.

Iqembu leNkatha selisibeke obala isimo sokuhlebana kwezinhloso nqangi zomnyango kanye nokwenza kwawo ephalamende. Ungqongqoshe weZempilo wazibophezela evala inkulumo yakhe yesabelomali ukuthi uzophenya amahlebezi ngokungahambi kahle kanye nalokho okungakhomba izenzo zenkohlakalo. Iqembu leNkatha lizinikele ekukhumbuzweni uNgqongqoshe weZempilo ngesibophezelo sakhe.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo


Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902