| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
February 15, 2007
Bangani nabantu bakithi abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika
ElaKwaZulu Natali * ikhaya lethu * ligqolozelwe yizinkinga
eziningi.Izinga lokungaqashwa lisalokhu liphezulu. Ubugebengu
busaphikelele. Abesifazane bethu nentsha yethu bakhishwa iphela
emasini emizameni yentuthuko. Umzimba wombusazwe usungenwe
ngushevu wobugovu nenkohlakalo. Izinga lobuqotho ba Phalamende
lehlile. Ukuphendula kubantu kuyantuleka. Kuyaqhubeka
ukungaphathwa ngendlela kwempahla namalungiselelo ombuso.
Uhulumeni wethu wesifundazwe ukhathalele kakhulu ukuhlela
imijaho yezimoto ye-Formula 1 ngaphezu kokuhlinzeka izingane
zethu zesikole ngezincwadi zokufunda. Bakha iPhalamende elisha
nala singalidingi, ngenkathi behluleka ukwakha ezinye
izibhedlela esizidinga kangaka. Olwazini lwami lukahulumeni,
sengafumana ukuthi yisamba sezinto ezincane ezenza umehluko
oquqabeni lwabantu.
IQembu LeNkatha Yenkululeko (IFP), njengeQembu Eliphikisayo
Ngokusemthethweni KwaZulu Natali, likhona ukuqiniseka ngezinto
ezincane eziletha ukusizakala emindenini nasemiphakathini
ephumelelayo. Kusukela manje kuya phambili, sizoxoxisana nani
njengabantu bakulesisifundazwe ngalombiko ozophuma maviki onke.
Sizoqondana nezidingo nezilokotho zenu noma yikuphi lapho
uhulumeni wesifundazwe engazinaki noma eziziba khona.
Ekubhekaneni nomsebenzi wesifundazwe, ukwenza izinto obala
nokuphendula ngokwenziwayo kuzoba yizona ziqubulo zenkolelo
yethu, Izindaba zokubusa nokuphathwa kwengcebo yesifundazwe
ukuze kusizakale nina, yikho okuzoba phambili emiqondweni yethu.
IQembu LeNkatha Yenkululeko (IFP) lizoqiniseka ukuthi
kusetshenziswa amakhono neziphiwo zabobonke abantu bakikthi
emkhankasweni wethu wentuthuko. Silapha ukuzokhuthaza imigomo
engamagugu omndeni nomphakathi endingekayo ukuze nokuthula
nesimo esizinzileyo enhlalweni yethu yomphakakathi.
Njengoba leliPhalamende livulelwa ukuhlangana kwemilhlangano
yonyaka ka * 2007, ngifuna ukuba nazi ukuthi kukhona umuntu
oqaphe phezu kwehlombe likahulumeni, ovikela izidingo zenu
kuhulumeni walesisifundazwe. Ngifuna ukuba nazi ukuthi iQembu
LeNakatha Yenkululeko (IFP) linimele. Ngiyakhonza kini.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |