MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

15 September 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Inhlangano Ezimele Engamele uKhetho (IEC) ibisematheni iziqubu ezimbili ngeviki eledlule. Siphawula ukuthi i-IEC ibigaxele ezimpikiswaneni.

Isibalo sabavoti abebebhalisile kulesisifundazwe kusukela ngo-2006 sehla ngabalinganiselwa ku 400,000. Okusho ukuthi isibalo sabavoti safinyelela ku 3,7 million. Siphawula ukuthi eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya KwaZulu Natal kwakunabavoti abangu - 4, 1 million. Lokhu ukwehla kangaka kwesibalo zabavoti ababhalisile kuchazwa yi-IEC ngokuthi kwabangwa ukufa kwabantu kanye nofuduko.

Iqembu leNkatha Yenkululeko likhathazekile ngalesisimo sezibalo zabavoti. Ukukhathazeka kwalo kuqhutshelwe phambili ukuhamba kancane kohlelo lokubhalisela ukuvota. Sikhuluma lapha ngokwenziwe i-IEC ukubhalisa abavoti abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezintathu (3,000) ngenyanga .

Okwesibili okuyibeke kabi i-IEC ezinhlelweni zokusakaza izindaba ngumbiko owethulwe ngumcwaningi wamabhuku kahulumeni (AG) okhomba ukungalandelwa kwemithetho yenqubo lapho kwemukelwa nokuhlungwa kwezicelo ( amathenda phela ).

Iqembu leNkatha Yenkululeko limi alinyakazi ekutheni i-IEC njengesinye sezakhiwo ezihlinzekelwe esahlukweni sesishagalolunye (9) kumthetho sisekelo futhi esabelwe isabelo mali esikhulu kulindelwe ukuba kwandiswe isibalo sabavoti abasha kulesisifundazwe. Ukwehluleka kwe-IEC ukwandisa kakhulu isibalo sabavoti kunengozi yokwehlisa isibalo yalabo abayovota.

Lesosibalo kungenzeka sibe sincane kunaleso esesake sabakhona kusukela kwangena uHulumeni  wentando yeningi  ngo-1994.

Esimeni okubhekenwe naso silimisa ngesihloko elithi kungaba yisenzo esingahlakaniphile ukulindela ukuthi umsebenzi wokubhalisa abavoti ungathweswa  i-IEC kuphela. Akukho okungavimba iqembu leNkatha Yenkululeko ukuba lifuqe ngomkhulu umfutho umkhankaso wokubhalisela ukhetho.

Isicelo sami esibhekiswe emphakathini ikakhulu kulabo abadinga usizo ngezicelo zama-ID kanye nokubhalisela ukuvota ukuxhumana nabamele iqembu leNkatha Yenkululeko komasipala kanye nasemaPhalamende emahhovisi eziyingi aseduze nabo.

Ukhetho luka 2009 seludumela emansumpeni. Kuyaphuthuma ukuba labo abangenawo ama-ID nabangakubhalisele ukuvota balungise lesisimo.

Ukungakwenzi lokhu kanye nokuhola izinyawo kuyobancisha ithuba lokusebenzisa ilungelo labo lokuvota. 

nguDokotela Lionel Mtshali                       
UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902