Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Akumangalisi ukuthi kulezinyanga ezingu-
18 ezisele ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo-2009 izinhlelo
zokusabalalisa izindaba sezisina aziyabethelana ziphawula
ngesimo sesefundazwe sethu kanye neNingizimu Afrika.
Lomkhankaso uyadlondlobala ngendlela
engase yakhe umfanekiso walokho okungathathwa njengesinqumo
ezicwaningisiwe.
Loludaba lubukwa ngezinhlangothi
ezehlukene yilabo abalushovuzayo. Kolunye uhlangothi kukhona
labo abaxoxa ngokukhula ngomkhulu umfutho kwesigaba esisha
esiphakathi sezigwili emphakathini emnyama. Izimpawu ezikhuthaza
isigaba somacaphuna kusale zisekelwa yimibiko yokuvulelwa kwabo
amathuba okuhlomula kunabampofu kakhulu, imihlomulo engakaze
ibonwe ezinkundleni zohwebo nasemisebenzini yokuphatha
kuhulumeni kanye nokuvuleleka kwesiphethu sengcebo entsha. Isimo
okukhulunywa ngaso lapha sikhulisa amathemba ngekusasa
eliqhakazile. Kunohlangothi olugqamisa ububha, ukuntuleka
kokudla nokwehla ngendlela eyethusayo yamazinga amaholo. Lokhu
kushaya kakhulu uquqaba oluphila ezingeni elingaphansi
kwesilinganiso esemukelekayo sempilo.
Uhlelo lwempilo ezweni luvuna abacebile,
labo abaxhumene nalabo abathatha izinqumo emazingeni aphezulu
kanye nalabo abafunde bagogoda. Siphawula ukuthi isimo esikhula
ngamakhulu amandla kasehlukile kuleso esitholakala emiphakathini
eyehlukene emhlabeni.
Ezweni laseNingizimu Afrika udaba
lwengcebo nobubha luyaqhubeka ukudidiyelwa nobuhlanga.
Abamhlophe bahlale bekhishwa inyumbazane ngengcebo emangalisayo
abanayo kanye nempilo yamalungelo akhethekile. Kunobuhlungu
bokuthi abamhlophe bezwa iminjunju ngukukhunjuzwa ukuthi
amathuba kwezomnotho avalelekile kubo.
Phezu kokuba kenenala yamathuba avuleke
kwabamnyama, baningi kakhulu abakhungethwe ububha nendlela
abangazuzi lutho.
Siphawula ukuthi isimo sempilo sivuna
abanothile nalabo abaxhumene nezigaba ezithatha izinqumo.
Ngokwejwayelekile sikhuluma ngalabo abangenamfutho futhi
abangahlonishwa ngaphandle kokuhlabana kwabo emzabalazweni
wenkululeko. Okunye okubenzela ugazi yikho ukudlelana neqembu
elibisayo. Ukuqhubeka kwesimo sokwenzelela kududulwa yisimo
somnotho esisemaketangweni omthetho nokulawulwa yingxiviya
yempilo enomsuka emithethweni ebandlulula ngobuhlanga.
Kuyinhlanhla ukuthi lesisimo
singumphumela wokuzigwaza ngowakho. Lomonakalo ungalungiswa
ngokushweleza komoya owakhayo. Ngokwejwayelekile loluguquko
lwenzeka ngokukhethwa kukahulumeni omusha. Sinethuba elingunyaka
nesigamu kusukela manje kuya okhethweni luka- 2009ukuba
sincintisane ngokulingana kungabekwe umbandela wobuhlanga.
Ithuba lokukhankasa ligcizelela ukudala uguquko.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902