| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
April 16, 2007
Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu
Natal
Selokhu lathatha izintambo zombuso kulesisifundazwe iqembu
le-ANC alisishayimkhuba isimo senkohlakalo ezinhleni zalo. Uma
kwenzekile ukuba iqembu elibusayo likhulume ngenkohlakalo,
likwenza ngobukhulu ubuciko ukukhipha inyumbazana lezozikhulu
zikaHulumeni eziqashelwe ukuphatha izimali zikahulumeni.
Kunokwenzeka ukuthi lezizikhulu aziqondisisi noma azikwenze
kubaluleke ukuzinikela kukahulumeni ukuhlangabeza izidingo
zabantu. Yingakho nje lezizikhulu ziqhuba ngendlela ephambene
futhi engahambisani nezinhloso ezinhle zikahulumeni.
Kuyadabukisa ukuthi isimo sezinto sikhombisa umfanekiso
owehlukile.
Inkohlakalo nokuhambisana kwayo nobudlabha kwedlulele kunalokho
uhulumeni angafisa ukuba sikukholwe. Singalinganisa ngalokho
okusematheni ngendlela yokusehluleka kwezikhulu eziphezulu
zoMnyango weZolimo. Lezozikhulu ezimbili kulomnyango
ezithintekayo ezenzweni zenkohlakalo nobudlabha ekuphatheni
futhi eziphenywayo kubeka ebucayini izinhlelo zentuthuko
zomnyango. Izenzo ezingemukeleki zalezizikhulu zifana nesihlava
esiwudle sawuqeda umnyango kusuka phezulu kuya phansi esiqwini.
Lomonakalo ongaka wabhebhethekisa okomlilo wequbula ngenxa
yokukhuselwa kwalelzizikhulu ezindaweni eziphezulu embusweni
wesifundazwe.
Kunobufakazi obuqanda ikhanda obugcizelela izinkomba zokuthi
phezu kwabakhethwa bezombusazwe nezikhulu eziqhashwe kuhulumeni
zithinteka ngazinye ezenzweni zenkohlakalo, kuya ngokuqina
ukungena umkhono nesiphanga kwabathile emkhakheni wezimboni
nohwebo. Ucwaningo ngenkohlakalo olwenziwe ngabakwa “Business
Against Crime and Corruption” belugxile esimeni senkohlakalo
esigabeni sosozimboni nabahwebi. Lolucwaningo luveza izinkomba
ezethusayo zokuphatheka kwalomkhakha nabathile kuhulumeni.
Iqembu leNkatha lenza lomnikelo olandelayo ukubhekana
nalolukhondolo.
Ukuvuselela isiko lokuphatha uhulumeni ngendlela ehlanzekile.
Sidinga imigomo nezinhlelo zokwesekela iminyango kahulumeni
ekwenzeni leyomisebenzi eziyabelwe kanye nokuqinisa ukusebenza
kulabo abasikhethayo nalabo abangabaqashi bethu.
Lemigomo nezinhlelo eziqotho kudingeka ukuba zingagcini
zingamaphupho nje.
Iqembu leNkatha limele imigomo yokuzibophezela komuntu ngamunye
endleleni yokuziphatha. Iqembu leNkatha likhuthaza isiko
lokulandelwa eduze nokubekwa esikalini kwabasebenzi bakahulumeni.
Iqembu leNkatha likhuthaza ukudalulwa kwenkohlakalo eminyangweni
kahulumeni nasemikhakheni ezimele ngaphandle kwezakhiwo
zikahulumeni. Thina beNkatha sikholwa ukuthi lomnikelo
esiwethula ebandla uyizikhali esinazo ukulwa nenkohlakalo.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |