MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 

IMASHI YE-SADTU INGUBUFAKAZI BOKUCHEMA KWAYO

Isitatimende SabeziNdaba:

NgoLwesihlanu, 17 Ephreli 2009

Inkatha Freedom Party isizwakalise ukushaqeka ngemibiko ethi iNyunyana yoThisha i-SADTU isimashe yaya emahovisi eMaweleni eMlazi lapho iyokhalaza khona ngelakho ethi ngukuhlaselwa ngamazwi ngeMengameli we-IFP umNtwana uMangosuthu Buthelezi.

 

Esitatimendeni asithumelele abezindaba emva kokuzwa lemibiko, uMfu. Musa Zondi onguNobhala-Jikelele we-IFP uthe:

"Kuyashaqisa ukuthi i-SADTU ikhethe ukumasha iyokhononda ngesitatimende esikhuluma iqiniso ngokuziphatha kwayo. Kalikho iphutha kokushiwo ngeMengameli wethu ngoba sekukaningi yona i-SADTU yenza izitatimende ezikubeka obala ukuthi icheme ne-ANC nokuthi izoyikhankasela. Kuyaziwa futhi ukuthi amanye amalungu e-SADTU ancama ukushiya izingane zingumtshingo ubethwa ngubani emakilasini ayokwenza imisebenzi ye-ANC.

 

"Okulindelekile ku-SADTU kakusikho ukumasha kepha ukuxolisa kubazali nasesizweni ngokudicilela phansi ikusasa lentsha yakithi ngenxa nje yezizathu zombusazwe wobuqembu. Eqinisweni kuyasimangaza nakho ukuthi kuzekube manje abaholi be-ANC abakaze baphumele obala basigxeke lesisenzo sokuziphatha budlabha esenziwa yi-SADTU. Uma beqinisile ukuthi i-ANC imele intuthuko yomphakathi sibaphosela inselelo yokuba bayikhuze i-SADTU."

 

 

Sikhishwe ngu:

Mfu. Musa Zondi MP

UNobhala-Jikelele we-IFP                              083 440 5966