Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
UMhlonishwa uNdunankulu uDokotela
Sibusiso Ndebele wethuse wonkumuntu lapho ethula inkulumo yakhe
ngesimo sesifundazwe saKwaZulu Natal lapho ethi uzimisele ukulwa
nenkohlakalo.
Abasiki bebunda bathi lenkulumo
kaNdunankulu ngesimo sesifundazwe ayethule ngomhlaka 13 February
2008 bese kungeyokugcina njengoba sekunamahlebezi okuthi
usezibeka phansi izintambo zombuso. Kunokwenzeka ukuthi
uNdunankulu ulungise lenkulumo yakhe ngenhloso yokwethula
umlando wakhe ongenakukhohlakala. Kuyishwa ukuthi uNdunankulu
uNdebele ngeke akhunjulwe njengofanele ukulwa nenkohlakalo.
Nguye kanye uNdunankulu obephume
umkhankaso ohleliwe nobuqhutshwa ngamandla ngisho kungafanele
wokufaka ezikhundleni izethenjwa okukanye izishoshovu zika- ANC
ezikhundleni eziphezulu eminyangweni kahulumeni kanye
nasemikhandlwini eyesekwe ngezimali zikahulumeni. Nguye
uNdunankulu obekhombisa ikhono lokugxilisa ezikhulwini
ezikhethiwe eziphethe isiko lokuzabela ngendlela ekhomba ukuthi
kuyilungelo ukuxephula umkhomo ezimalini zikahulumeni. Nguye
kanye uNdunankulu obeke phezulu ubugovu ngendlela yokuthi bube
yisidingo esimqoka esilindelwe kulabo abasebenzela uhulumeni.
UNdunankulu kanye nongqongqoshe
besigungu sakhe baphenyela abasondelene nabo, nabangani amathuba
omsebenzi ngokuxosha abasebenzi bakahulumeni abafunde
ngokufanele ukuba babe kulezozikhundla. Labo abafakwe
kulezozikhundla imvamisa kuba yilabo abangamalunga athembekile
ka- ANC.
Kwenye inkathi kubeyingxenye ethile
yeqembu likaKhongolose. Sekuvamile ukuba lezizikhulu
eziqhashwayo zintule ulwazi lokuphatha namakhono obuchwepheshe
nawokuhlela umsebenzi.
Ngiphawula lapha ngokuqokwa kuka
Dokotela Jabulani Mjwara ngobungane noma ngobuhlobo njengenhloko
yoMnyango weZolimo noKongiwa kweMvelo.
Ukwehluleka kukaDokotela Mjwara
kwabanomthelela kulesisamba sezigidi ezingu- R125 okweqiwa ngazo
ekusetshenzisweni kwemali yoMnyango.
Phezu kwezikhalo zamaqembu aphikisayo
ukuba kuphenywe kujulwe ngalokho okwenzeka eMnyangweni kanye
nenkohlakalo, uNdunankulu wamvikela ekumisweni phambi
kwamakomidi ephalamende ukuze aphekwe ngemibuzo. Lokhu kwenzeka
cishe esikhathini esingaphezulu kweminyaka emibili.
Ukuzinikela kukaNdunankulu uNdebele
ukulwa nenkohlakalo kakwehlukene nephupho. UDokotela Mjwara
nezinye izikhulu ezishaye zabhubhisa emalini kahulumeni
kubonakele zisinda ophenyweni lwamaphoyisa. Singasho ukuthi
lezizikhulu zihlomule kakhulu kuhulumeni kaNdunankulu uNdebele.
Uma siqhathanisa lokhu okwenziwe
yilezizikhulu nokukhathazeka kwezakhamizi zesifundazwe kuhambe
phambili amazwi angasho lutho abelokhu ephindaphindwa
nguNdunankulu.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902