MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

18 August 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Sekuphindile futhi kwahlelwa izigcawu zokulalela uvo lomphakathi.

Sikhuluma ngodaba oluhlongozwayo lokufakwa kophiko loFezela ngaphansi kwesakhiwo esisha embuthweni wamaphoyisa esibizwa ngokuthi "Uphiko oluqondene nokuphenywa kwamacala aseqophelweni eliphezulu." Siphawula ukuthi lezizigcawu zikhombisa indlela kahulumeni wosuku yokwenza songathi kulalelwa uvo lwabavoti. 

Kusobala manje ukuthi iqembu elibusayo lemukela uvo lwabantu uma luhambisana nemigomo yalo. Uma kungenjalo njengalokho okwenzeka ngokufakwa kwendawo yase Matatiele ngaphansi kwesifundazwe saseKoloni eseMpumalanga, uvo lwabantu aluzange lushaywe mkhuba. 

Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi uhulumeni uzimisele ukuhlakaza uphiko loFezela njengengxenye yohlelo lokubhidliza zonke izakhiwo ezibonakala zithela izithelo. Lokhu kwenza kungaqhathaniswa nokugcinwa kwezakhiwo nalabo abangenawo umnikelo. Lenkolelo enjena ikhombisa ukukhuthazwa kwesiko lokwehluleka kanye nokwenza umsebenzi osezingeni eliphansi.

Phela yizona mpawu zesakhiwo esiyisihlekehleke sabasebenzi bakahulumeni wezwe laseNingizimu Afrika. 

Uphiko loFezela njengokwakheka kwalo kuze kube manje selubenempumelelo elinganiselwa emashumini angu-8 kuya kwawu-9 ekhulwini. Loluphiko luhlanganise amakhono okuqokelela ezomshosha phansi, abaphenyi bamacala kanye nabashushisi bonke besebenza bebambisene. Yingakho nje lelithimbaselibe nempumelelo emangalisayo.          

Akungatshazwa ukuthi ukugcinwa kophiko loFezela kungasiza kakhulu kuhulumeni waKwaZulu Natal ukulwa nenkohlakalo eyedlulele eminyangweni yeZolimo kanye noweZempilo. Kuleminyango kubole phuhlu futhi izikhohlakali kazidalulwa zijeziswe. Uphiko olofuze lolu loFezela lungaphenya lujule futhi lwelekelele ekulahleni ngamacala izigilamkhuba.

Ngokunjalo kwexwayiswe nezinye izikhohlakali. 

Siyakuqaphela ukuthi emiphakathini lapho intando yeningi ibusa khona, uhulumeni ulalela uvo lwabantu. Ukungayishayi mkhuba imibono yabantu kwenza kungabazeke ukuzunikela kukahulumeni wezwe lakithi ekuhlonipheni intando yeningi. 

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902