| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
February 19, 2007
Bangani nabantu abathandekayo
baseNingizimu ne-Afrika
Uma ulalela izinkulumo eziphuma kuHulumeni ezimayelana
nobugebengu ungacabanga ukuthi ubugebengu buyinto encane
KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika. Uma ulalela uMengameli Mbeki
kanye noNdunankulu uNdebele, ngokwezinkulumo zabo emaphalamende,
uyabona ukuthi bakubuka njengesinengiso ukukhuluma ngobugebengu.
Ukuba abaphoqwa amaqembu aphikisayo ngabe abathi vu. OMengameli
benoNdunankulu bahlala emizini ebiyelwe ngezindonga ezinde,
bahamba ngezimoto ezingangenwa uhlamvu futhi bungungwe inqwaba
yabavikeli. Lokho kubenza bazibone bekude nobugebenga futhi
bangabi nayo nendlela yokuzwelana nalabo abahlukunyezwe
ubugebengu.
UMengameli wethu wake washo amagama ungakhohlakali okuthi akazi
noyedwa umuntu owayesehaqwe igciwane leHIV. Namuhla kungenzeka
athi akazi muntu ohlukunyezwa ubugebengu. Ukuziba nokuphika
izimo ezihlukumeza umphakathi akwemukeleki.
Lomkhuba wokuphika iqiniso usuze wangena ezingqondweni
nasekusebenzeni kukahulumeni weANC kusukela emazingeni aphezulu
kuyakwaphansi.
Ngakolunye uhlangothi, mina ngazi inqwaba yabantu
ababhuqwabhuqwa ingculazi nobugebengu. Iningi labangani bami,
izihlobo, ozakwethu kanye nalabo engisonta nabo sebebe ukudla
kokugetshengwa, ukuphucwa izimoto, ukudlwengulwa kanye
nokubulawa imbala.Emva kokuzwa ukuxoxelwa izindaba eziningi
zendluzula yobugebengu ezinye zazo engidlule kuzo luqobo lwami,
angikwazi ukuthi ngithi
angazi namunye osewake wahlukumezeka. Ubufakazi balokho
yizihlwele zabantu
esiphila nabo.
Njengeqembu eliphikisayo, iqembu lami iIFP liyasigxeka isenzo
seANC sokungaphumeli obala basho ukuthi ubugebengu sebudlange
ngaphezu kwamandla esifundazweni nasezweni jikelele. Ngokwazi
kwethu lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi uhulumeni uyehluleka
ukunqanda nokunciphisa ubugebengu. Thina IFP sihlaba
inhlabamkhosi sithembisa futhi ubuholi obuqotho obuzophaka impi
ezolwa nabaphehli nendluzula yobugebengu.
Ku IFP kuyaphuthuma ukwedlulisa umlayezo oqinile
kunalembambezela kaHulumeni esinikeze izigebengu ithuba.
Umlayezo kufanele ucace. I IFP ithi zonke iziteshi zamaphoyisa
zidinga amaphoyisa azinikele, anomdlandla ngomsebenzi wawo,
amaphoyisa akhuthele nahlonipha umsebenzi kanye namaphoyisa
ahlinzekwe ngakho konke okudingekayo emsebenzini. Uhlobo
lwamaphoyisa olunjalo luyokwesatshwa zigebengu. Umbutho
wamaphoyisa onjalo uyobuyisa ithemba nakuwe uqobo.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |