MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
 

February 19, 2007

Bangani nabantu abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika

Uma ulalela izinkulumo eziphuma kuHulumeni ezimayelana nobugebengu ungacabanga ukuthi ubugebengu buyinto encane KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika. Uma ulalela uMengameli Mbeki kanye noNdunankulu uNdebele, ngokwezinkulumo zabo emaphalamende, uyabona ukuthi bakubuka njengesinengiso ukukhuluma ngobugebengu. Ukuba abaphoqwa amaqembu aphikisayo ngabe abathi vu. OMengameli benoNdunankulu bahlala emizini ebiyelwe ngezindonga ezinde, bahamba ngezimoto ezingangenwa uhlamvu futhi bungungwe inqwaba yabavikeli. Lokho kubenza bazibone bekude nobugebenga futhi bangabi nayo nendlela yokuzwelana nalabo abahlukunyezwe ubugebengu.

UMengameli wethu wake washo amagama ungakhohlakali okuthi akazi noyedwa umuntu owayesehaqwe igciwane leHIV. Namuhla kungenzeka athi akazi muntu ohlukunyezwa ubugebengu. Ukuziba nokuphika izimo ezihlukumeza umphakathi akwemukeleki.
Lomkhuba wokuphika iqiniso usuze wangena ezingqondweni nasekusebenzeni kukahulumeni weANC kusukela emazingeni aphezulu kuyakwaphansi.

Ngakolunye uhlangothi, mina ngazi inqwaba yabantu ababhuqwabhuqwa ingculazi nobugebengu. Iningi labangani bami, izihlobo, ozakwethu kanye nalabo engisonta nabo sebebe ukudla kokugetshengwa, ukuphucwa izimoto, ukudlwengulwa kanye nokubulawa imbala.Emva kokuzwa ukuxoxelwa izindaba eziningi zendluzula yobugebengu ezinye zazo engidlule kuzo luqobo lwami, angikwazi ukuthi ngithi
angazi namunye osewake wahlukumezeka. Ubufakazi balokho yizihlwele zabantu
esiphila nabo.

Njengeqembu eliphikisayo, iqembu lami iIFP liyasigxeka isenzo seANC sokungaphumeli obala basho ukuthi ubugebengu sebudlange ngaphezu kwamandla esifundazweni nasezweni jikelele. Ngokwazi kwethu lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi uhulumeni uyehluleka ukunqanda nokunciphisa ubugebengu. Thina IFP sihlaba inhlabamkhosi sithembisa futhi ubuholi obuqotho obuzophaka impi ezolwa nabaphehli nendluzula yobugebengu.

Ku IFP kuyaphuthuma ukwedlulisa umlayezo oqinile kunalembambezela kaHulumeni esinikeze izigebengu ithuba. Umlayezo kufanele ucace. I IFP ithi zonke iziteshi zamaphoyisa zidinga amaphoyisa azinikele, anomdlandla ngomsebenzi wawo, amaphoyisa akhuthele nahlonipha umsebenzi kanye namaphoyisa ahlinzekwe ngakho konke okudingekayo emsebenzini. Uhlobo lwamaphoyisa olunjalo luyokwesatshwa zigebengu. Umbutho wamaphoyisa onjalo uyobuyisa ithemba nakuwe uqobo.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902