| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
March 19, 2007
Bangani nabantu bakithi
abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika
Sekungumlando oqoshwe phansi nasemiqondweni yabantu ukuthi: i-IFP
iyakuphikisa ukwakhiwa kwezindlu zephalamende lapha
eMgungundlovu.
Asikho isizathu esingenza ukuba i-IFP izihlanganise nalesisenzo
sokusaphaza izimali ezingekho phezu kwezidingo ezingaka ku
lesisifundazwe. Namanje thina be-IFP siyakuphikisa ukuthi i-ANC
ingaqhubeka nokwakha elinye iphalamende emuva kweminyaka
emithathu kwafudukwa Ondini. Kusobala ukuthi iqembu elibusayo
liphoqa isimo ngokwezimfuno zalo ngephalamende lesithathu. Sithi
zikhona izakhiwo zephalamende Ondini naseMgungundlovu.
Siyababaza ukusangana ngamaphalamende. Kumanje izwe lakithi
linamaphalamende alishumi uma sihlanganisa lawo ezifundazwe
nalelo likazwelonke eKapa. Ukuzicabangela kwe-ANC kuzoba
nomphumela wamaphalamende amathathu KwaZulu Natali. Azokwenzani
lamaphalamende njengoba emancane kangaka amandla okuzilawula
anikwe izifundazwe?
Mingaki imithetho eshaywa yileliphalamende ngonyaka?
Ungeke ulethembe iqembu le-ANC. Izinkolelo zalo ziguquguquka
kuhle konwabu. Kusobala ukuthi i-ANC ayizihluphi ngezidingo
zabantu kanye nezifiso zabo. Okuphambili ku- ANC ukuzizwa
amandla okuqhoqhobala uhulumeni. Kunokwehlukana kwemibono
phakathi kwe-IFP ne- ANC ngalokho okumgumsebenzi wephalamende.
Amalungu e-IFP athi iphalamende linomthwalo wokwenza kubelula
ukuba kuhlangatshezwe izidingo nqangi zabantu: ukudla, izindlu,
amanzi nokuthuthwa kwendle nemfucumfucu, ukulwa nezifo, ubuphofu
nokuntuleka kwamathuba omsebenzi. Sithi izidingo zabantu zihamba
phambili kwak ho konke okunye kokuzenzela udumo oluyize.
Lezizakhiwo sizilinganisela kulesisizumbulu semali- R600million.
Phela yimali eyasetshenziswa ngesakhiwo sephalamende
lesifundazwe saseMpumalanga. Imali engaka ingenza lemisebenzi
elandelayo lapha KwaZulu Natal:
Ukwakha izikolo ezingu-12
Ukwakha imitholampilo engu-12
Ukuhlangabeza izidingo zemiphakathi engu- 48 000
Imali engaka ingakhokhela ngisho amanzi nogesi kulemiphakathi
esikhuluma ngayo. Uma kungathiwa akukhethwe phakathi kwezidingo
zabantu nephalamende lesithathu, i-IFP ingakhetha ukutakula
abantu osizini.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |