Nginethulela umphumela wocwaningo
olusanda kwenziwa yinhlangano yakwa- South African Institute of
Race Relations. Lolucwaningo ludalule ukuthi isifundazwe
saKwaZulu Natal yisona esinezinkomba zemplilo ezimbi kakhulu.
Ngokunjalo lesisifundazwe sihamba phambili esimeni
sokubhebhetheka kwegciwane lengculaza ezweni lakithi.
Ake sibuke isimo semfundo.
Kulesisifundazwe umnyango wakithi ungowesibili kulandela iKoloni
eseMpumalanga ngemiphumela yebanga leshumi-nambili kanye naleyo
yabanegunya lokwemukelwa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Nasi
isimo semiphumela ngezibalo: abangamashumi ayisithupha nane
ekhulwini baphumelela ekuhlolweni kwabo. Kwathi abayishumi nane
ekhulwini bafika eqophelweni lokuqhubeka nemfundo ephakeme.
Lesisimo sikhuthaza ukujula ngomqondo
uma kubhekwa ukuzishayela icilongo okwenziwe nguhulumeni
kaKhongolose lapha KwaZulu Natal. Phela ibali lalohulumeni
esimeni sentuthuko yezomnotho nezinga lempilo yomphakathi
kusukela ngo-2004 lifuze lelo lamazwe omhlaba asempumalanga
adume kakhulu. Siphawula ukuthi ukuzisikela kwelinonile
kuyaphikisana nocwaningo lwabazimele kulenkundla.
Sekungumlando ukuthi ngonyaka ka-2003
iqembu leNkatha yeNkululeko lanikeza uholo kuhulumeni
wesifundazwe ukuba kuphunywe umkhankaso wokusabalalisa
umshanguzo (Nevirapine) kwabesifazane abazithwele futhi
sebehlaselwe yigciwane. Inhloso enhle kwaku yileyo yokuvimbela
ukwedluliselwa kwegciwane ezinganeni eziyozalwa. Lesisifundazwe
asiphindanga saba sematheni kusukela ngo-2004 sekunguhulumeni
oholwa yi-ANC.
Siphawula ukuthi uNgqongqoshe weZempilo
uyagwiliza obhukwini lwenkohlakalo oluphenywa uphiko lofezela.
Longqongqoshe usemkhankasweni onikezwe isikhathi wokuhlukumeza
udokotela kwesinye sezibhedlela zasemakhaya okuthiwa wagadla
ngokufaka isithombe salongqongqoshe emgqonyeni kadoti. Singafisa
ukuba kekugxilwe ezidingweni zempilo yezuguli ezindaweni
zasemakhaya ezikhungethwe yizingqinamba zengqalasizinda yempilo
ebhidlikayo.
Ngokunjalo uNgqongqoshe weMfundo
endaweni yokubhekana ngqo nesimo semiphumela yebanga
leshumi-nambili ubonakala esemkhankasweni wokujezisa othisha
ngokwehlisa umholo wabo ngesizathu sokuthi phakathi kwabo
kukhona labo abangena esitelekeni sikazwelonke nalabo osekuvele
ukuthi abazange bazimbandakanye naleso siteleka sezinyonyana
esasihlose ukuzwakalisa isidingo sokwenza ngcono isimo
okusetshenzwa ngaphansi kwaso kanye nokwenyuswa kwamaholo
ngo-2007.
Yisoke lesi isithombe saKwaZulu Natal
ngo-2008. Siphawula ngokungabikho kobufakazi bokuzinikela
ngokugcwele ekuletheni intuthuko kubantu.
Lesisimo sifakazelwa zibalo zabacwaningi
abazimele.
nguDokotela Lionel
Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902