MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

19 May 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Nginethulela umphumela wocwaningo olusanda kwenziwa yinhlangano yakwa- South African Institute of Race Relations. Lolucwaningo ludalule ukuthi isifundazwe saKwaZulu Natal yisona esinezinkomba zemplilo ezimbi kakhulu. Ngokunjalo lesisifundazwe sihamba phambili esimeni sokubhebhetheka kwegciwane lengculaza ezweni lakithi. 

Ake sibuke isimo semfundo. Kulesisifundazwe umnyango wakithi ungowesibili kulandela iKoloni eseMpumalanga ngemiphumela yebanga leshumi-nambili kanye naleyo yabanegunya lokwemukelwa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Nasi isimo semiphumela ngezibalo: abangamashumi ayisithupha nane ekhulwini baphumelela ekuhlolweni kwabo. Kwathi abayishumi nane ekhulwini bafika eqophelweni lokuqhubeka nemfundo ephakeme. 

Lesisimo sikhuthaza ukujula ngomqondo uma kubhekwa ukuzishayela icilongo okwenziwe nguhulumeni kaKhongolose lapha KwaZulu Natal. Phela ibali lalohulumeni esimeni sentuthuko yezomnotho nezinga lempilo yomphakathi kusukela ngo-2004 lifuze lelo lamazwe omhlaba asempumalanga adume kakhulu. Siphawula ukuthi ukuzisikela kwelinonile kuyaphikisana nocwaningo lwabazimele kulenkundla.                  

Sekungumlando ukuthi ngonyaka ka-2003 iqembu leNkatha yeNkululeko lanikeza uholo kuhulumeni wesifundazwe ukuba kuphunywe umkhankaso wokusabalalisa umshanguzo (Nevirapine) kwabesifazane abazithwele futhi sebehlaselwe yigciwane. Inhloso enhle kwaku yileyo yokuvimbela ukwedluliselwa kwegciwane ezinganeni eziyozalwa. Lesisifundazwe asiphindanga saba sematheni kusukela ngo-2004 sekunguhulumeni oholwa yi-ANC. 

Siphawula ukuthi uNgqongqoshe weZempilo uyagwiliza obhukwini lwenkohlakalo oluphenywa uphiko lofezela. Longqongqoshe usemkhankasweni onikezwe isikhathi wokuhlukumeza udokotela kwesinye sezibhedlela zasemakhaya okuthiwa wagadla ngokufaka isithombe salongqongqoshe emgqonyeni kadoti. Singafisa ukuba kekugxilwe ezidingweni zempilo yezuguli ezindaweni zasemakhaya ezikhungethwe yizingqinamba zengqalasizinda yempilo ebhidlikayo. 

Ngokunjalo uNgqongqoshe weMfundo endaweni yokubhekana ngqo nesimo semiphumela yebanga leshumi-nambili ubonakala esemkhankasweni wokujezisa othisha ngokwehlisa umholo wabo ngesizathu sokuthi phakathi kwabo kukhona labo abangena esitelekeni sikazwelonke nalabo osekuvele ukuthi abazange bazimbandakanye naleso siteleka sezinyonyana esasihlose ukuzwakalisa isidingo sokwenza ngcono isimo okusetshenzwa ngaphansi kwaso kanye nokwenyuswa kwamaholo ngo-2007.

Yisoke lesi isithombe saKwaZulu Natal ngo-2008. Siphawula ngokungabikho kobufakazi bokuzinikela ngokugcwele ekuletheni intuthuko kubantu.

Lesisimo sifakazelwa zibalo zabacwaningi abazimele.

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902