MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

20th August 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,

Seliphindile futhi iphalamende laKwaZulu Natal langena esimeni sokunhlanhlatha lakhohlwa ngumgomo walo njengesakhiwo esizimele singachemile okubhekeke ukuba libuke ngeso lokhozi. Leliphalamende libuswa ukugajwa ukushisekela ukufeza izinhloso zeqembu elibusayo. 

Siphawula ukuthi sekuphele izinyanga singafezeki isibophezelo sikaSomlomo asenza ekomidini lezimali. Kwathi uma zimnetha uSomlomo ngodaba lwephalamende eselaba ngumantunta nendishi lihhaduluka zonke izifunda lezi, wazibophezela ngokuthi uyomisa ikomidi elihlanganisa onke amaqembu amelwe ephalamende lakithi ukubukeza isidingo salokho okungawenelisi amaqembu ombusazwe.

Kusixakile ukwenza okuphambana nalokhu kuzibophezela kukaSomlomo. Useshaye unqimphotho uSomlomo. Iphalamende seliphenduke isicishamlilo sokubhula amakloba ezinkinga kumasipala waseBaqulusini ngasekupheleni kwenyanga ka-October nonyaka. 

Uma ukuthembuza kwePhalamende kuyisenzo esichitha imali eningi ngenhloso yokuzizuzela ukwesekwa kwe-ANC ezindaweni eziyizizinda ze-IFP, ngabe isenzo sokuyogoba amadlangala eFilidi singabukwa ngeso elinjani? Lesisenzo asikhombi yini ukugxambukela emsebenzini wezigaba zikahulumeni ezahlukene? 

Ukwehlukana kwemibono phakathi kwamaqembu eBaqulusini kuyidokwe eligayelwe uhulumeni wasekhaya. Isakhiwo esifanele futhi esikuhlomele ukuxazulula izinkinga zomasipala yiwo phela umasipala wesifunda. Kanti ezingeni likahulumeni wesifundazwe yiwo kanye uMnyango kaHulumeni waseKhaya. Kalingeni ndawo iphalamende kulezozimo. 

Sizwa ngandlebenye ukuthi iphalamende lixhamazelela ukuyokhosela eFilidi ngokumenywa zincwadi zabathile abakhathazekile. Ngakolunye uhlangothi ukusukumela phezulu kwephalamende libhalelwe ngabathile abangaphumele eshashalazini kuyasethusa. Sisala nombuzo othi kwenziwa yini ukuba izincwadi zezikhalo zamalungu aphikisayo zinganakwa kuze kuphele izinyanga? 

Ngokunjalo kunombuzo odinga ukuphendulwa ukuthi iphalamende likazwelonke eliholwa yi-ANC linqandwa yini ukungenelela odabeni olumqoka  kangaka lwaseKhutsong?  Zonke izakhamizi zingakuthokozela ukungenelela kwephalamende likazwelonke. 

Sexwayisa ngokuthi ukugxambukela kwephalamende laKwaZulu Natal ezindabeni zikamasipala waseBaqulusini kuyoba nomphumela omubi. Lesisenzo sikhombisa ukuhlasela nokwehlisa isithunzi sephalamende. Ngokunjalo lesisenzo siphambene nezimiso zokwabelana amandla phakathi kwezigaba zikahulumeni. Kwasiphinda lokho esihlala njalo sikuhlaba sikuhlikiza. Nantoke iphalamende libhubhuza kuhle kwenkuku enqunywe ikhanda. Lagwiliza bo iphalamende. Lisengozini yokuminza ngokuntula inhloso nomkhondo.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Dr Lionel Mtshali MPP
Leader of the Official Opposition

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902