Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Loludungunyane olungenele iqembu
elibusayo kulandela ukwehliswa isithunzi kukaMhlonishwa TM Mbeki
obenguMengameli wezwe, luhlangene nesilonda esibhibhayo
sobugebengu ezweni laseNingizimu Afrika, selwenze kwanzima
ukunxenxa abafunde bagogoda emikhakheni eyehlukene ukuzofukula
imisebenzi yokuphatha, nokuthuthukisa izwe. Labo abahlome
ngemfundo, ubuchwepheshe namakhono sekulukhuni ukubadoba
emazweni angaphandle.
Ongqeqe abahlaziya lesisimo balimisa
ngesihloko elithi kusekude phambili. Ukugqolozelana
nalobubunzima kuzoqhubeka eminyakeni elishumi nanhlanu kuya
kwengama- 25. Kuleminyaka ebalwayo uhlelo lwemfundo yezwe lethu
luzobe luguquka ngendlela eyokwenza ukuba kuqeqeshwe abahlome
ngokuphelele.
Inkinga ekhungethe uhlelo lwemfundo
yethu idalwa ukuthi izinguquko ezisungulwa nguhulumeni ngenhloso
yokwenza isimo sibengcono zibonakala zibuyisela emuva okuhloswe
ngakho ukukhuphula izinga lemfundo. Kunjalo nje kushayeka bonke
abathintekayo emfundweni. Ngiphawula lapha ngokuqhubeka
kokushona phansi kwezinga lemiphumela kumatikuletsheni kanye
nokungazihloniphi okwenzeka ezikoleni zaKwaZulu Natal.
Uhulumeni ugqolozelwe yingqinamba yesimo
semfundo eyifa lobandlululo.
Lokho kwenza kube lukhuni ukufaka
imfundo yokulungisela abafundi izinselele zezindawo zomsebenzi.
Sisho phela ukuhlangabeza izidingo zabaqhashi. Esinye sezizathu
ezidala lokhu yikuthi izwe laseNingizimu Afrika liswele
abafundisi abaseqophelweni eliphezulu futhi abanomdlandla
ngobizo lwabo. Lenselele iqhutshelwa phambili yisinyathelo
nesinqumo sikahulumeni sokuvala zonke izikhungo zokuqeqesha
othisha. Okunye okuqhubela phambili isimo esibi kungumphumela
wezinguquko zikahulumeni ezehluleka ukuhlangabeza ukwandiswa
kothisha kulezizifundo: Mathematics, izifundo zamakhono
nobuchwepheshe kuhlangene nezidingo zolwazi lwemfundo oludingwa
yizwe lakithi.
Njengomunye walabo abaqeqeshwa
kwezemfundo nokufundisa ngikumele ngazo zombili ukuqhuba
umkhankaso okhuthaza uhlobo lwemfundo olunemikhakha eyehlukene
ukuze luhlangabeze izidingo zesizwe kwezamakhono, ubuchwepheshe
kanye nezinye izidingo zolwazi lwemfundo. Ukuze kufezwe lomgomo
kuyasiphoqa ukuqeqesha nokukhulisa ithimba lothisha abanolwazi
olunzulu futhi abanogqozi emsebenzini wabo. Kuyaphuthuma futhi
ukubaholela amaholo ahambelana nezinselele zempilo esimeni
somnotho esiguquguqukayo.
Izwe libhekene nenselele yokuqeqesha
othisha abaningi ezikhungweni eziningi kanye nokuhlangabeza
isidingo semifundaze ezifundweni
ezilandelayo: Mathematics, kanye
nobuchwepheshe. Kuyaphuthuma ukuba sikucabange futhi sikwenze
ukubuyisa othisha abagogodile futhi benethuba elide ekufundiseni.
Ngikhuluma lapha ngalolohlobo lothisha olwaphoqeka ukuyeka
umsebenzi kungakafiki isikhathi sokuyodla impesheni.
Siyophumelela ukudoba lengcwenga
yothisha ngokubahhehha ngokubahlinzekela ngalokho
okuyobakhuthaza njengemihlulo eyengeziwe.
nguDokotela Lionel
Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902