Zakhamizi ezithandekayo zaseBaqulusini
Iphalamende laKwaZulu Natal alihlasele endaweni yenu ngenhloso yokuzokuzwa ngezinkinga ezinikhungethe noma ukwethulwa kwezidingo zenu. Leliphalamende alikwenzi lapho ligcaluza khona esifundazweni. Inhloso yaleliphalamende iyodwa vo. Yikho phela ukwenza ijadu losuku olulodwa ngezintela zabantu . Inhloso ukuzakhela ugazi kubavoti nokukhankasela ukwesekwa okhethweni luka-2009. Phela sikhuluma ngeqembu likakhongolose eligila lemikhuba.
Ngiphawula ukuthi ukuba lohulumeni kakhongolose oqhoqhobele izintambo zombuso kulesisifundazwe ubezimisele ngeqiniso ukuhlangabeza izidingo zenu ngabe uthathe izinyathelo ngezingxaki enikuzo njengoba ziqoshwe phansi yimeya ehloniphekile uMnumzane GM Dlamini. Lohulumeni wayengehluleke ukwedlulisela izidingo zenu zentuthuko ephalamende likazwelonke ekomidini lezezimali.
Kwakulindelekile ukuba ukhongolose anganenzeli lutho ngaphandle kokuziqhayisa phambi kwenu kanye nokuzosaphaza lolubadlana lwezintela zenu ngokuhambela kwelaBaqulusi. Sikhuluma lapha ngohlelo lwezimbizo zikaNdunankulu. Ukuba uNdunankulu wayebakhathalele Abaqulusi ngabe uhulumeni wesifundazwe awuholayo wathumela usizo esimeni senhlekelele eyadalwa yizikhukhukhula zika-Disemba 2006. Ngithi akwenzekanga lutho.
Kulonyaka ophelile bebesina bededelana ongqongqoshe besifundazwe bephuma bengena kumasipala waseBaqulusini. Ubungafunga ukuthi idubukele ongqongqoshe bedonswa wusi namabhodwe aconsayo. Sibala lapha ongqongqoshe abalandelayo:
oweZempilo. owezeNhlalakahle nokuThuthukiswa koMphakathi, owoHulumeni baseKhaya, izindaba zoMdabu neZindlu, owezoLimo, owezokuThutha kanye noweZokuphepha nokuVikelwa koMphakathi. Ngithi akukho namunye kulelithimba longqongqoshe owake wafeza izethembiso azenza lapha eBaqulusini.
Kasikhohliwe njengesiko lezindlovu ukuthi ukhongolose unomlando obuhlungu wukubhidliza umkhandlu kamasipala waseBaqulusini ngo-2005. Sikhumbula isihluku esakhonjiswa ngungqongqoshe uMike Mabuyakhulu. Izizathu zokuhlakazwa kuka-masipala wethu yizo lezo ezingashaywa mkhuba komasipala abaholwa yi-ANC.
Sasinethemba lokuthi ukunqoba kwe-IFP okhethweni lomasipala luka-2006 kuyoqeda lokhu ukukhokhobela ngesijula omasipala bethu. Kodwa isimo asiguqukile.Uyadlondlobala umkhankaso wokusinyundela kanye nokusiphahleka ngodaka.
Ukhongolose uziphathisa okwenkunzi engahlehli ukudikadika iziduli. Ngikhuluma lapha ngomkhankaso ohleliwe wokubhidlizwa komasipala abaholwa yi-IFP.
Ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe ezindabeni zomasipala akuphumeleli ukwenza ngcono izinga nesivinini sokulethwa kwentuthuko kubantu. Siyakuqaphela ukuthi ukhongolose uphumelele ukuthithibalisa intuthuko lapha eBaqulusini.
Simkhomba ngenjumbane ukhongosole ngokusihlinzela ezibini.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902