| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
April 23, 2007
Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu
Natal
Ngaleliviki ngihlose ukushiyelana nani imibono ngesihloko
sentuthuko yezomnotho KwaZulu Natal. Ngifisa ukuqhathanisa
phakathi kwesabelo mali esedlule nesamanje kanye
nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni kulesisifundazwe.
Ngizogxila ekuqhathaniseni imiqondo eyehlukene ngokungachazwa
ngayo ngokwenza umsebenzi ngokucophelela kanye nokwenza
ngendlela enesigqi.
Esikhathini esiyiminyaka eli-17 eyedlule ngo 1990 izibalo
zikhomba ukuthi isibalo sezakhamizi zalesisifundazwe
sasilinganiselwa emashumini amabili nantathu ekhulwini uma
kuqhathaniswa nesibalo sezakhamizi zezwe laseNingizimu Afrika.
Isifundazwe sethu sasinesibalo esiphakeme kakhulu phakathi
kwalabo abaqashiwe emisebenzini nalabo abondlayo. Futhi izinga
lokuthutheleka kwabantu emadolobheni liphansi kakhulu.
Siqaphela ukuthi isifundazwe sakithi phakathi kuka-1970-1990
sasisezingeni lokuba ngesesibili ngokuthuthuka komnotho.
Siqaphela ukuthi umkhiqizo wendwangu lapha KwaZulu Natal
wawuthuthuka ngesikhulu isivinini. Siphawula ukuthi isifundazwe
sakithi sasisezingeni eliphezulu lokukhula komnotho nokhiqizo
kunezinye izifundazwe ezweni lakithi.
Ukusimama kwesakithi isifunda kwakugxile emkhiqizweni wempahla
eyenziwe ngendwangu kanye nomfutho wemisebenzi yomphakathi.
Yonke lentuthuko yezomnotho yenzeka esimeni sokungabelwa izimali
ngendlela egculisayo. Kwazuzwa okuningi phezu kokuntuleko
kwezimali.
Lesisimo sichaza ukuthi uhulumeni omdala waKwaZulu owawuhola
nguMhlonishwa uNdunankulu uMntwana Mangosuthu Buthelezi
wasebenza kahle.
Lezizenzo ezilandelayo eseziphenduke insakavukela okomchilo
wesidwaba
zazingekho: ukweqa isibalo semali eyabelwe, ukuchitha imali
ngendlela yokumosa futhi okungenanzuzo, ukuphatha ngendlela
ebudedengu kanye nokweba ngezindlela zokukhohlisa. Inkatha
yayikuqonda kahle ukuthi ukuphatha uhulumeni kubiza ukuzikhandla
ungalindele nzuzo enkonzweni yesizwe. Lohulumeni okhona manje
ubeka phambili ukuzikhangisa kunokuhlangabeza izidingo
zomphakathi.
Konke lokhu kubeka obala isimo sokusetshenziswa kwezimali
namathuba avuleke kuhulumeni ngendlela engakwenzi kubemqoka
ukusebenzela ukuzuza komphakathi. Uma siqhathanisa izinga
eliphakeme kakhulu lokwabelwa izimali kuhulumeni okhona nesimo
esacwaningwa ngabakwa Deloitte & Touche ngo 1992, kuyacaca
ukuthi lohulumeni usehlazweni lokukwehluleka nokungabi nesigqi.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |