MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
 

April 23, 2007

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Ngaleliviki ngihlose ukushiyelana nani imibono ngesihloko sentuthuko yezomnotho KwaZulu Natal. Ngifisa ukuqhathanisa phakathi kwesabelo mali esedlule nesamanje kanye nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni kulesisifundazwe. Ngizogxila ekuqhathaniseni imiqondo eyehlukene ngokungachazwa ngayo ngokwenza umsebenzi ngokucophelela kanye nokwenza ngendlela enesigqi.

Esikhathini esiyiminyaka eli-17 eyedlule ngo 1990 izibalo zikhomba ukuthi isibalo sezakhamizi zalesisifundazwe sasilinganiselwa emashumini amabili nantathu ekhulwini uma kuqhathaniswa nesibalo sezakhamizi zezwe laseNingizimu Afrika. Isifundazwe sethu sasinesibalo esiphakeme kakhulu phakathi kwalabo abaqashiwe emisebenzini nalabo abondlayo. Futhi izinga lokuthutheleka kwabantu emadolobheni liphansi kakhulu.

Siqaphela ukuthi isifundazwe sakithi phakathi kuka-1970-1990 sasisezingeni lokuba ngesesibili ngokuthuthuka komnotho. Siqaphela ukuthi umkhiqizo wendwangu lapha KwaZulu Natal wawuthuthuka ngesikhulu isivinini. Siphawula ukuthi isifundazwe sakithi sasisezingeni eliphezulu lokukhula komnotho nokhiqizo kunezinye izifundazwe ezweni lakithi.
Ukusimama kwesakithi isifunda kwakugxile emkhiqizweni wempahla eyenziwe ngendwangu kanye nomfutho wemisebenzi yomphakathi.

Yonke lentuthuko yezomnotho yenzeka esimeni sokungabelwa izimali ngendlela egculisayo. Kwazuzwa okuningi phezu kokuntuleko kwezimali.
Lesisimo sichaza ukuthi uhulumeni omdala waKwaZulu owawuhola nguMhlonishwa uNdunankulu uMntwana Mangosuthu Buthelezi wasebenza kahle.
Lezizenzo ezilandelayo eseziphenduke insakavukela okomchilo wesidwaba
zazingekho: ukweqa isibalo semali eyabelwe, ukuchitha imali ngendlela yokumosa futhi okungenanzuzo, ukuphatha ngendlela ebudedengu kanye nokweba ngezindlela zokukhohlisa. Inkatha yayikuqonda kahle ukuthi ukuphatha uhulumeni kubiza ukuzikhandla ungalindele nzuzo enkonzweni yesizwe. Lohulumeni okhona manje ubeka phambili ukuzikhangisa kunokuhlangabeza izidingo zomphakathi.

Konke lokhu kubeka obala isimo sokusetshenziswa kwezimali namathuba avuleke kuhulumeni ngendlela engakwenzi kubemqoka ukusebenzela ukuzuza komphakathi. Uma siqhathanisa izinga eliphakeme kakhulu lokwabelwa izimali kuhulumeni okhona nesimo esacwaningwa ngabakwa Deloitte & Touche ngo 1992, kuyacaca ukuthi lohulumeni usehlazweni lokukwehluleka nokungabi nesigqi.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902