MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

24 - 30 September 2007

Kunokukhuluma okunobufakazi bokuthi izingane ezingamashumi amane- nambili ngengozi sezihlaselwe yigciwane lengculaza ezibhedlela zikahulumeni eNingizimu Africa. Lolulwazi aluveli eMnyangweni weZempilo kodwa ludalulwa ngodokotela nezinhlangano ezizimele nezingekho ngaphansi kukahulumeni. Singabalula inhlangano i-TAC esifana nephela endlebeni kuhulumeni.

Uhulumeni uyaqhubeka nezenzo zobugebengu ekwehlulekeni ukunqanda ukusabalala kwamagciwane angahlwayela izifo. Singaphawula ngegciwane lengculaza. Kuyethusa ukuthi izibhedlela aziphoqekile ukudalula ukuthi zibhekene nenselele yokubhebhetheka kwamagciwane. Akukho ngisho uhlelo lokulandela lesisimo nokusibuka ngeso lokhozi. Ngenxa yalesisimo kungenzeka ukuthi isibalo sezingane esihlaselwe yigciwane lengculaza zingaba ngaphezulu kwesilinganiso esibikwa ngodokotela nezinhlangano ezizimele.

Siyakuqaphela ukuthi abasebenzi bezempilo ezibhedlela bayasindwa ngenxa yokuthwala umsebenzi ongaphezu kwamandla abo. Ngokunjalo ezikhungweni zempilo izinsiza azanele. Uma isimo sinje kungenzeka kanjani ukuba siqashelisiswe isimo samagciwane ezibhedlela. Siphawula ukuthi uyancomeka umsebenzi wodokotela ukuhlenga lezizingane ezihlaselwe ngamagciwane.

Kunesimo esingemukeleki ngokwemibiko ephawula ngokuhlaselwa kwezingane yigciwane lengculaza phezu kokuba onina bazo bengenalo igciwane. Kuyavela ukuthi igciwane lithathelwana ezibhedlela. Akwanele lokhu esikuzwayo ngalabo abazinikele bengaholelwa ngolwazi lwabo.Kukodwa nje esikulindele kungqongqoshe - silindele uhlelo olucatshangisiswe kahle.

Eminyakeni emibili eyedlule ngo- 2005 kwadalulwa ihlazo lokufa kwezingane ezingama- 22 zibulawa yisifo esibizwa ngokuthi "Klebsiella" esibhedlela eMahatma Ghandhi ePhoenix. Kwaba yi- IFP eyabeka obala lelihlazo. Ngenxa yalokho uNgqongqoshe weZempilo kazwelonke waphoqeka ukuthumela ithimba eliphezulu ukuyophenya ngokuqubuka kwesifo. Umphumela kwaba ngukusukumela ukwenza ngcono isimo.

Siphawula ukuthi nanso inselele kungqongqoshe weZempilo kuzwelonke. Sikhuluma lapha ngesimo segciwane lengculaza elibhebhetheka ezinganeni ezibhedlela zikahulumeni. Ngeke kwenzeke ukuba isimo sokungaphuthunywa kwalolubhubhane siyekelelwe. Uyaphoqeka uNgqongqoshe ukulusukumela loludaba phezu kwezinkolelo zakhe ngengculaza. Kuyaphuma ukuthatha izinyathelo ezifanele ukuhlenga impilo yezingane.

nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo



Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902