Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Iviki eledlule livule ngamahlebezi
abegcwele izinhlelo zokusabalalisa izindaba ngodaba lwezembe
elilengela uNkosikazi Jo-Ann Downs weACDP ongusihlalo weKomidi
le-SCOPA eliqaphe ngeso lokhozi ukusebenza kweminyango
kahulumeni nokusetshenziswa kwezimali okuvela emibikweni
eyethulwa nguMhloli omkhulu wamabhuku kahulumeni. Amahemuhemu
abekhuluma ngokuxoshwa kukaNkosikazi Downs nokuqokwa
kukaMfundisi Hawu Mbatha njengosihlalo omusha.
USoswebhu omkhulu kaKhongolose uphike
wahlanza okudala ngezinhlelo zangasese zokuxoshwa kukaNkosikazi
Downs esikhundleni. Siphawula ukuthi losihlalo uphumele
eshashalazini ukwembulela izwe lonke inkohlakalo nokungabikho
kwezisekelo zokuphathwa koMnyango weZolimo noKongiwa kweMvelo.
Inkohlakalo ayigcini eMnyangweni weZolimo kodwa idalulwe
nakweminye iminyango kahulumeni kulesisifundazwe.
Ngokuhlala kwephalamende ngomhlaka 21
February 2008 kwenzeke obekulindelwe. Uxoshiwe uNkosikazi Jo-Ann
Downs. Lesisenzo se- ANC sikhombisa ngokusobala ukuthi
ukuzinikela kukaNkosikazi Downs ekwenzeni umsebenzi wokwelusa
uhulumeni ngobuqotho kumdalele isigcwagcwa. Lokhu kufakazela
ukuthi i- ANC iyezwela kakhulu ekwembulelweni izwe kwezenzo
zenkohlakalo. Kunongqongqoshe nezikhulu zikahulumeni okudingeka
uphenyo ngendlela yokusebenza nokuphathwa kwezintela zomphakathi.
Isihluku esikhonjiswe yi- ANC
kuNkosikazi Downs sikhombisa umkhankaso wokugadla kulabo
abangenamahloni ukubeka uvo lwabo kanye nezakhiwo zentando
yeningi ezihluba udlubu ekhasini emaphephandabeni. Ukuxoshwa
kukaNkosikazi Downs kufana nesenzo sikahulumeni kazwelonke
sokubhidliza uphiko lofezela. Noma yisiphi isakhiwo esidalula
amahlazo kahulumeni nanoma yimuphi omunye owenza lokho
uyasongelwa futhi athathelwe izinyathelo.
Iqembu leNkatha yeNkululeko
kalikukhuthazi ukuqokwa kukaMfundisi Hawu Mbatha ukuba angene
ezichathulweni zika- Nkosikazi Downs. I- IFP ibuka umholi
weNADECO neqembu lakhe njengalabo abanobudlelwano obujulile
noKhongolose. Kungenzeka ukuthi nabo sebengeniswa esibayeni
esisodwa.
I-IFP ibona songathi uMfundisi Hawu
Mbatha akamsulwa ukuhola ikomidi elicubungulayo njengoba kuthiwa
ungomunye wabahlomula ohlelweni loMnyango weZolimo lokusiza
abalimi abafufusayo.
Kulukhuni ukwemukela ukuthi lowo
owahlomula eMnyangweni kahulumeni angaba ngusihlalo wekomidi
elidingida izindaba ezibucayi zezenzo ezihlatshwa nguMhloli
omkhulu wamabhuku kahulumeni. Sibamba ongezansi ngalokho
kufezeka kwenqubo kaKhongolose.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902