MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

25 August 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

UMasipala weTheku ophethwe nguKhongolose udalule uhlelo oluzophuthunyiswa lokwakha izindlu ezixube ezalabo abaphila ezingeni eliphansi kanye nalabo abakhomba ngophakathi lesisihlekehleke senxuluma sizokwakhiwa eduze kwaseMhlanga. Akungatshazwa ukuthi ukumenyezelwa kwalesisakhiwo kuqondwe ngakho ukuzizuzela ukwesekwa ngabavoti okhethweni lukazwelonke. Isimemezelo esinje sikhombisa indlela engacatshangisisiwe yokuzuza ukwesekwa yizihlwele kanye nokungabhekisiswa kwesimo somnotho.

Loluhlelo lwentuthuko oluletha ungabazane nempikiswano lwake lwamenyezelwa ngo- 2005. Kusukela ngalesosikhathi lolohlelo lwagodlwa isikhathi esingaziwa . Kwaze kwaqondana bo. Kwathi sekusele izinyanga eziyisishiyagalombili ngaphambi kokhetho kwathintithwa uhlelo oselwalala ubulembu.

Loluhlelo lwentuthuko lweqembu elibusayo kuphuthunywa ukulushiqeka ngaphandle kokuzihlupha ngokucabangisisa ngohlelo lwalo nanokuthi luyosimama yini esikhathini esizayo. Labo abangocwepheshe ekuhlinzekelweni kwezakhiwo zokuhlala sebezwakalise uvo lwabo, futhi bedlulisa isexwayiso ngobungozi bokuxhamazela nobungozi bokucwilisa imali singekho isiqiniseko sokuhlangabeza labo abadinga izindlu futhi begobe amadlangala lapho bekhona. Lezizakhiwo zokukhoselisa labo abahlezi phandle ziyokwehlisa intengo yezindawo ezingomakhelwana.

Kungenzeka ukuba amanani ehle ngesibalo elingamashumi amahlanu (50) ekhulwini.

Lesisenzo sikhombisa indlakadla nokungahloniphi amalungelo obunikazi bezakhiwo zomakhelwana. Lesisenzo kasehlukene nokubamba abakwa Tongaat Hullett ngobhongwane. Kunesimo sokusabisa abanikazi bendawo okuhlongozwa ukwakha kuyo ngokuthi izodunwa. Silukhuni futhi siyesabisa isimo sokwephucwa ubunikazi bamasimu omoba.

Isenzo esinje sedlulisa umlayezo onemiphumela emibi kubatshali zimali ezweni lakithi kanye nakwamanye amazwe. Yiqembu elibusayo kuphela elizenza izimpumputhe nezithulu. Abamele iqembu elibusayo bacashelwe yiqiniso lokuthi ngeke kwenzeke ukuba loluhlelo luthuthukise umnotho futhi ludale amathuba omsebenzi kwabaningi okulindelwe ukuba bahlomule ngezakhiwo ezihlongozwayo.

Akulukhuni ukubuka loluhlelo lwentuthuko njengesinye isahluko kulolo luhlelokazi lweqembu elibusayo olungakaze luthele zithelo. Siphawula ukuthi kuzo zonke izinketho kusukela ngo-1994 iqembu likakhongolose belikhankasa lethembisa ukwandisa inani lezindlu zabampofu kunabampofu.

Akukaze kufinyelelwe kulezo zilinganiso ezibekiwe. Abantu bashaywa ngendlebe etsheni.

Siyakuqaphela ukuthi iqembu elibusayo kalikaze lizihluphe ngokwakha izakhiwo zabampofu ezindaweni ezinezimboni futhi lapho amathuba entuthuko yomnotho engangatshazwa khona. Iqembu likakhongolose liqome izinhlelo zokukhohlisa umphakathi esezaphelelwa isikhathi emhlabeni.

Iqiniso lithi umlando ungufakazi wokuthi labo okwakulindelwe ukuthi bayohlomula kabazuzanga lutho. Ngokunjalo kulelizwe akusoze kwenzeka ukuba isimo sokuntuleka kwezindlu sibengcono. 

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902