| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
March 26, 2007
Bangani nabantu bakithi
abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika
Ngibonga kakhulu kulezonkulungwane zabalandeli beqembu le-IFP
abahlanganyele emashini yokulwa nobugebengu ebiyenzelwe
eMgungundlovu ngeviki eledlule.
Umyalezo walezinkumbi kuhulumeni ubucace uthe bha. Indlela
yokubhebhetheka kobugebengu obunesihluku esingakaze sibonwe,
ukuphangwa kwezimoto ezithwala imali kuhlonyiwe, ukuqhubeka
kwendluzula ebhekiswe kwabesifanzane nezingane, konke lokhu
kugcizelela ukwehluleka ngendlela elahlisa ithemba kukahulumeni
ukunqanda ubugebengu nokuvikela imiphakathi.
I-IFP inxusa uMengameli Thabo Mbeki noNgqongqoshe ophathiswe
eZokuphepha noKuvikelwa koMphakathi uCharles Nqakula ukuba
bakwemukele ukuthi sebehlulekile ukunqanda ubugebengu. Izinga
lobugebengu liphakeme ngendlela ephoqayo ukuba ukulwa
nobugebengu kwenziwe mqoka ezinhlelweni zezwe lakithi.
Lokhu kubiza ukutshalwa kohlelo olusobala nokungathenjelwa kulo
ekunqandeni ubugebengu. Izakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
kanye nezakhele iNingizimu Afrika zisho ngazwi linye ukuthi “sekwenele”.
I-IFP ayikholelwa ekuqokelelweni ndawonye kwamandla okuphatha
nokulawula izinhlelo zamaphoyisa. Lenqubo yokuqhoqhobalwa
kwezamaphoyisa seyenze ukuba ukuvimba nokulwa nobugebengu
kungabi ngumthwalo womphakathi. Siyakuqaphela ukuthi ubugebengu
bulaphaya phansi emphakathini. Yilaphoke kufanele kuqiniswe impi
yokulwa nobugebengu. Amaningi amaphoyisa azinikele futhi
awukhathalele umsebenzi wawo anqindwa ngukulawulwa ekomkhulu
ePitoli.
I-IFP ithi awehliselwe ezifundazweni nasemazingeni aphansi
amandla okuphatha amaphoyisa. I-IFP igcizelela umgomo
wokuqiniseka ukuthi isabelomali samaphoyisa sibhekana ngqo
nokuqoqwa ngobuningi kwalabo abafuna ukujoyina umbutho
wamaphoyisa. Futhi kuqiniswe ukuqeqeshwa kwamaphoyisa. Kuthengwe
izimpahla ezingangenwa nhlamvu.
I-IFP ikholelwa ekutheni isakhiwo sokuphenywa nesokuqulwa
kwamacala sehlulekile ngenxa yomthwalo onzima wobugebengu.
Ngakhoke sithi uhulumeni akavuke aqgolozelane nesimo njengoba
sinjalo. Futhi athathe izinyathelo ezifanele.
Sithi uhulumeni akakhuthalele ukuqinisa isimo sokusebenza
kwezinkantolo ngokushaya umthetho omusha ophoqa abahluleli ukuba
bethule izigwebo esikhathini esizinyanga ezimbili ephothuliwe
amacala. Sincoma ukuba kusungulwe isikhwama sokunxephezela labo
abahlukumezwe ubugebengu. Leziziphakamiso zethu zingumnikelo
wokunqoba ubugebengu. Silindele ukuba lezizincomo zethu
zemukelwe futhi zisetshenziswe.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |