MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
 

March 26, 2007

Bangani nabantu bakithi abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika

Ngibonga kakhulu kulezonkulungwane zabalandeli beqembu le-IFP abahlanganyele emashini yokulwa nobugebengu ebiyenzelwe eMgungundlovu ngeviki eledlule.
Umyalezo walezinkumbi kuhulumeni ubucace uthe bha. Indlela yokubhebhetheka kobugebengu obunesihluku esingakaze sibonwe, ukuphangwa kwezimoto ezithwala imali kuhlonyiwe, ukuqhubeka kwendluzula ebhekiswe kwabesifanzane nezingane, konke lokhu kugcizelela ukwehluleka ngendlela elahlisa ithemba kukahulumeni ukunqanda ubugebengu nokuvikela imiphakathi.

I-IFP inxusa uMengameli Thabo Mbeki noNgqongqoshe ophathiswe eZokuphepha noKuvikelwa koMphakathi uCharles Nqakula ukuba bakwemukele ukuthi sebehlulekile ukunqanda ubugebengu. Izinga lobugebengu liphakeme ngendlela ephoqayo ukuba ukulwa nobugebengu kwenziwe mqoka ezinhlelweni zezwe lakithi.
Lokhu kubiza ukutshalwa kohlelo olusobala nokungathenjelwa kulo ekunqandeni ubugebengu. Izakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal kanye nezakhele iNingizimu Afrika zisho ngazwi linye ukuthi “sekwenele”.

I-IFP ayikholelwa ekuqokelelweni ndawonye kwamandla okuphatha nokulawula izinhlelo zamaphoyisa. Lenqubo yokuqhoqhobalwa kwezamaphoyisa seyenze ukuba ukuvimba nokulwa nobugebengu kungabi ngumthwalo womphakathi. Siyakuqaphela ukuthi ubugebengu bulaphaya phansi emphakathini. Yilaphoke kufanele kuqiniswe impi yokulwa nobugebengu. Amaningi amaphoyisa azinikele futhi awukhathalele umsebenzi wawo anqindwa ngukulawulwa ekomkhulu ePitoli.
I-IFP ithi awehliselwe ezifundazweni nasemazingeni aphansi amandla okuphatha amaphoyisa. I-IFP igcizelela umgomo wokuqiniseka ukuthi isabelomali samaphoyisa sibhekana ngqo nokuqoqwa ngobuningi kwalabo abafuna ukujoyina umbutho wamaphoyisa. Futhi kuqiniswe ukuqeqeshwa kwamaphoyisa. Kuthengwe izimpahla ezingangenwa nhlamvu.
I-IFP ikholelwa ekutheni isakhiwo sokuphenywa nesokuqulwa kwamacala sehlulekile ngenxa yomthwalo onzima wobugebengu. Ngakhoke sithi uhulumeni akavuke aqgolozelane nesimo njengoba sinjalo. Futhi athathe izinyathelo ezifanele.

Sithi uhulumeni akakhuthalele ukuqinisa isimo sokusebenza kwezinkantolo ngokushaya umthetho omusha ophoqa abahluleli ukuba bethule izigwebo esikhathini esizinyanga ezimbili ephothuliwe amacala. Sincoma ukuba kusungulwe isikhwama sokunxephezela labo abahlukumezwe ubugebengu. Leziziphakamiso zethu zingumnikelo wokunqoba ubugebengu. Silindele ukuba lezizincomo zethu zemukelwe futhi zisetshenziswe.

nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902