MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

26 May 2008

Zakhamizi zesifunda uThungulu ezithandekayo Uhulumeni kaKhongolose kulesisifundazwe usebenzisa noma yiliphi ithuba elivelayo ukukhumbuza umphakathi ngentuthuko yomnotho njengoba kufakazelwe yimisebenzi emikhulu nezimboni ezisohlelweni eRichards Bay. Kuqopheka umlando kuleliviki lapho uhulumeni we-ANC unithele ngoyaba ngokuhambela kwePhalamende ngenhloso yokuzishaya isifuba ngokutshalwa kwezimali ngosozimboni.

Asingakhohlwa ukuthi ukunxenxwa kwabatshali mali nosozimboni kwenzeka esikhathini soholo olwanikezwa ngohulumeni besifundazwe ngaphansi kweNkatha yeNkululeko ngaphambi kuka-2004. Ngikhathazeke kakhulu ngesimo esishaqisayo phakathi kwezinga lengcebo yendawo yaseRichards Bay kanye nobuphofu obumangalisayo emiphakathini yasemakhaya ezindaweni zamakhosi ezakhelene nalendawo.

Kuhle kakhulu ukuthi indawo yaseRichards Bay iyisizinda semboni enkulu emhlabeni yokuncibilikisa uketshezi lwenhlobo yensimbi ebizwa ngokuthi phecelezi "Aluminium". Siyaziqhayisa ngalemboni. Nanku umbuzo odinga ukuphendulwa: Ngabe lesisihlekehleke semboni eduze kwenu miphakathi sinawo yini umhlomulo ongamathuba omsebenzi kanye nentuthuko yezinga lempilo yenu?

Ukuhambela kwephalamende oThungulu kuniphosela inselele yethuba eliyivelakancane yokuphandisisa ngalemibuzo. Nanto ithuba lokubhekana ngqo nezingqinamba kubuzwa uNdunankulu nongqongqoshe. Ngithi idubukele. Isezithebeni. Buzani nizidelise ngalezizingqinamba ezinikhungethe: Kwenziwa yini ukuba ningabi nayo imigwaqo esesimeni esemukelekile? Kwenziwa yini ukuba isimo sokuthuthwa kwendle sibe kulesisimo esibi kangaka?

Kunodaba oluthinta imizwa yabantu. Kunezindawo zezizwe zamakhosi ezingekude nalendawo lapho sekudayiselwana nabatshali zimali abavela kwamanye amazwe. Lokho kwenzeka ngaphandle kokubonisana ngendlela eyemukelekayo. Kuyakhalisa ukuthi isinxephezelo esikhokhwayo asenelisi. Kubuhlungu kakhulu ukuthi akukho lutho olubizwa ngumuntu ngamunye ikakhulu esimeni sokuntuleka kwamathuba omsebenzi.

Nginolwazi olugcwele lokuthi uhulumeni kaKhongolose uyaqhubeka nokucekela phansi ukuhlinzekelwa kwempilo. Ngokunjalo kunomkhankaso wokujezisa othisha ngoba bazabalazela ukwenyuselwa amaholo ngesiteleka sangonyaka odlule. Kudephunwe ingxenye enkulu yomholo osetshenzelwe kanzima.

Nginiqwashisa ngokuthi iphalamende eliholwa uKhongolose lithuthele lapho oThungulu kunganakiwe izindleko zokwenza njalo. Ngithi, nantoke ithuba lenu lokuzitika, nethule konke okuyizidingo zenu. Ningazemukeli izethembiso ezingasoze zafezwa.

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902