Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal
Kuyo yonke iminyaka engiyichithe emzabalazweni
wokubhidliza ubandlululo, ekubambeni iqhaza kuhulumeni
wesifundazwe saKwaZulu Natal namanje njengomholi weqembu
eliphikisayo, ngikitazwe yindlela i-ANC edlala ngayo umdlalo
wamagende ngokudida abantu ngamazwi.
Kulezinsuku sesibeleselwe ngesisho esibeka
phambili uhulumeni wasekhaya oqinile. Kuyindida ukwemukela
ubuqotho balesisisho njengoba kwaziwa yizwe lonke ukuthi
uhulumeni kaKhongolose ukholelwa kakhulu kuhulumeni omkhulu
ogweve nawo wonke amandla okulawula nokubusa. Yingane ekhasela
eziko engemukela ukuthi kuyoke kwenzeke ukuba kube nohulumeni
abaqinile ezingeni lasekhaya.
Lomsindo obangwa ngohulumeni wasekhaya oqinile
kwagwenywa ngawo iqiniso kunkulumo-mpikiswano
ngomthetho-sivivinywa obizwa ngokuthi phecelezi “13th
Constitutional Amendment Bill”. Ngikhuluma lapha ngesichibiyelo
somthetho-sisekelo wezwe onhloso yawo kwakungukudweba kabusha
imingcele nokuphoqa izakhamizi zaseMatatiele/Maluti ukuba
yingxenye yesifundazwe aseKoloni eseMpamalanga.
Akenginichazele ukuthi uKhongolose uqonde
ukuhlukumeza nokuphonsa abase Matatiele/Maluti emphandwini
wezingonyama esifundazweni saseKoloni eseMpumalanga. Kusobala
ukuthi ukwehluleka ukuphatha ohulumeni basekhaya kwakungeke
kuqiniswe ngokuphoqelelwa kokufakwa kukamasipala
waseMatatile/Maluti esifundazweni esinomlando wokwehluleka
ukulandela imithetho yenqubo yokubusa nokuphatha nokusebenzisa
izintela zabantu.
Akungatshazwa ukuthi ufuduko lwempoqo lwabantu
baseMatatiele/Maluti lubenza babe yingxenye yesifundazwe
esehlulekile ukuletha izinsiza kubantu.
Isifundazwe esingenayo intuthuko. Isifundazwe
esikhungethwe yindlala nobubha.
Thina njengeqembu eliphikisayo kusima ematheni
ukuthi kwenziwa yini ukuba amashoshozela ohulumeni basekhaya
abaqavile angalushayi mkhuba uvo lwabantu baseMatatiele/Maluti.
Impela ungeke ulethembe iqembu le-ANC. Akusho lutho kuKhongolose
ukulala uphenduka.
Nakho okukhulu osekwenzeke kumasipala omkhulu
weTheku ophethwe yi-ANC.
Isifunda seTheku seqembu elibusayo siphumele
eshashalazini sathatha isinqumo esingu juqu ngendlela ihhovisi
likaNdunankulu elenza ngayo izinto lingakhombisi ukuhxumana
nokuhlonipha umasipala nezakhiwo. Unobhala wesifunda seTheku
ukubeke kanje lokhu, ”Ihhovisi likaNdunankulu liyazingenela nje
ezindaweni ngaphandle kokubonisana nomasipala kanye nezakhiwo
ezingeni lasekhaya”.
Sekungumlando ukuthi iqembu leNkatha
yeNkululeko selikhale lazithulisa kuhulumeni wesifundazwe oholwa
yi-ANC likhuza umhlolo wokufohla. Likhuza ukungabonisani
nomasipala abaphethwe yi-IFP lapho kunemicimbi yentuthuko kulezo
zigaba okubanjiswana kuzo ngokulawula kwesakhiwo sezwe. Sekucace
kwathi bha ukuthi uhulumeni wesifundazwe oholwa nguNdunankulu
ka- ANC ubabukela phansi omasipala ngisho ezindaweni lapho
kubusa khona uKhongolose.
Iqembu leNkatha yeNkululeko aligudluki
enkolelweni yalo ethi akusizi lutho ukuqonela omasipala. Isenzo
esinjalo siphikisa leli hhohhomezi lomsindo elenziwayo kuthiwa
kukholelwa kohulumeni basekhaya abaqinile. Inqubo ye-ANC
iphambene naleyo ye-IFP ebudlelwaneni bayo nomasipala ngenkathi
i-IFP inguhulumeni wesifundazwe phakathi kuka 1994 no 2004.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902