| |
UMLAYEZO WEVIKI OVELA KUMHOLI WEQEMBU
ELIPHIKISAYO OBHEKISWE KUBANTU BAKWAZULU NATALI
February 27, 2007
Bangani nabantu bakithi
abathandekayo baseNingizimu ne-Afrika
Sekuphindile futhi ukuba uhulumeni kazwelonke oholwa yi ANC
ethule isabelomali sonyaka weshumi nantathu. Iqembu eliphikisayo
leIFP liyasemukela lesisabelo mali esilandela emgudwini walezo
ezingaphambili. Siphawula ukukhomba ukubaluleka kokuthuthukisa
umnotho nokubhekana nosizi lwabampofu ezweni lakithi. Akekho
ongabaza izinhloso ezinhle zikahulumeni. Kusala umbuzo othi kazi
lezizinhloso namaphupho kuyowenza yini umehluko noguquko laphaya
phansi kubantu? Asikaze sizingabaze izinhloso ezinhle
zikahulumeni. Siphikisa ukungafezeki kwephupho lokwenza ngcono
impilo yabantu.
Akwenele ukuzincoma kukahulumeni ngalokho akwenzela khona.
Kumqoka ukuba kubenobufakazi empilweni yakho. Uhulumeni wezwe
lakithi ukhuthalele ukwenza umsindo ngezibalo (statistics).
Lohulumeni uzishayela ihlombe ngalokho asekwenzile kusukela ngo
-1994: ukwakhiwa kwezindlu, izikolo nemitholampilo eduze nawe?
Ngabe uhulumeni usekuhlinzeke ngekhaya elinamanzi, ugesi nokunye?
Ngabe lezizinguquko kazilandelwa yini yizakhiwo ezingakhekile?
Sibabaza isimo sokunqamuka kukagesi namanzi?
Ukuphendula lemibuzo ngobuqotho kuyonikeza isiqinisekiso sokuthi
lohulumeni uyazihlangabeza yini izidingo zabantu. Ukuphendula
lemibuzo kuyocacisa ukuthi lohulumeni uyasihlonipha yini isiqu
somuntu noma ubuka umuntu njengengxenye yezibalo (statistics).
Thina be IFP asikaze sizikhohlise ngokuthi uguquko oluphelele
luyiphupho elingafezeka ngosuku. Siyakwemukela ukuthi
ukuxhamazela kuhambisana nalokhu
okulandelayo: izakhiwo ezibhidlikayo, amapayipi amanzi nendle
avuzayo kanye nokufakelwa kukagesi okubeka umphakathi engozini.
Ngabe lesisimo sokwehluleka kukahulumeni sikukhumbuzani? I- IFP
ikholelwa ekukhuthazeni abantu ukuba bazisize futhi bazethembe.
I- IFP ikhuthaza ukuba umuntu azakhele yena umuzi wakhe. I-IFP
ithi uhulumeni akalekelele abantu ngemali nobuhlakani
bokuzakhela izindlu zabo. Ukwenze njalo kuyokwenza omkhulu
umehluko empilweni yabantu.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902 |