Zakhamizi zase Matatiele ezithandekayo Kuleliviki
iphalamende laKwaZulu Natal liyothatha isinqumo esimqoka
empilweni yenu. Leliphalamende okulindeleke ukuba libengumlamuli
ekuhlukumezekeni kwamalungelo empilo yenu, akungatshazwa ukuthi
ngezwi leningi lamaulungu ka-ANC azuzwe ngohlelo lokugcogcoma
nezihlalo liyothatha isinqumo esingujuqu sokunenza izakhamizi
zaseKoloni eseMpumalanga.
Umthetho owashaywa yiphalamende
likazwelonke eminyakeni emibili eyedlule wanquma ukuthi indawo
yaseMatatiele, phakathi kwezinye, ingene ngaphansi kwesifundazwe
saseKoloni eseMpumalanga ngokuklanywa kabusha
kwemingcele.Lesisenzo sempoqo senziwa phezu komkhankaso ongasuki
phansi wokusiphikisa owawuholwa yikomiti elalizibiza ngokuthi
elizabalazele umphakathi waseMatatiele/Maluti elalibambisene
neNkatha Yenkululeko.
Sathatha ngokuthi abantu abaningi
babengafuni ukwehlukana nesifudazwe sabo senkaba saKwaZulu
Natal.
Sekungumlando ukuthi leyomithetho
okwaxetshulwa ngayo indawo yaseMatatiele KwaZulu Natal yachithwa
yinkantolo yezwe yesakhiwo(Constitutional Court). Isizathu
salesisinqumo senkantolo kwaba ngukuthi ukubonisana nabantu
abathintekayo kwakungenziwanga ngendlela evulekele bonke abantu.
Lokhu ukungezwa uvo lweningi elithintekayo kwenzeka
esifundazweni saKwaZulu Natal. Yingakho nje i-ANC enguhulumeni
KwaZulu Natal naseKoloni eseMpumalanga isungule icebo
elithathelwe phezulu lokufeza izinhloso zokuklanywa kabusha
kwemingcele.
Kwejwayelekile ukuba iqembu elibusayo
lihlele labo elihlose ukwedlulisela umyalezo walo kubo ngendlela
ekhethekile. Isibonelo salokhu yileso sokuthuthwa kwabaselekeli
be- ANC bezogcwaliswa ezindaweni ezizinkundla ze-IFP. Lokho
kwenziwa ngaphansi kohlelo lokusa iphalamende kubantu.
Kwenziwe khona lokho eMatatiele lapho
bekuhlelwe ukuzokuzwa uvo lwabantu. Baningi ofakazi abazibonele
izihlwele zithuthwa ngamabhasi ziphuma esifundazweni saseKoloni
eseMpumalanga. Inhloso yokwenza njalo bekungukwenza
isiqinisekiso sokuthi kwakhiwe isithombe esifakazela isibalo
esikhulu sabantu abafisa ukuba yingxenye yesifundazwe saseKoloni
eseMpumalanga.
Siyakuqaphela ukuthi uhulumeni
kakhongolose usina azibethele ehlaba uhulumeni wobandlululo
owaphoqelela imithetho nemigomo eyayiphambene nezifiso zabantu.
Nakho sekuphinde umansumpa. Nanko phela uhulumeni wentando
yeningi oholwa yi-ANC efudula abaseMatatiele eyobatshinga
eKoloni eseMpumalanga. Ngithi iqembu likakhongolose seliphenduke
abacindezeli ezweni lentando yeningi.
nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902