| |
Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali
July 30th - 5th August 2007
Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal,
Emavikini amabili adlule amaphoyisa aseMgungundlovu ahletshelwa zinzwebeli zawo ngokuhlaselwa kwesikhungo sokuzikhiphela imali eMbali. Okulandelayo sekungumlando. Ngezithuba zo-2:30 ngesikhathi sabathakathi kwaqhuma isiqhumane enxanxatheleni yezitolo kwaMzimela eMbali. Ekuthelekeni kwamaphiyisa lapho ehlangatshezwa yimvula yezinhlamvu. Kulesisiwombe kwasala enkundleni izigebengu ezimbili, kwathi esesithathu salimala sazama ukubaleka kodwa zasithelekela ezakadalawane asikhalela amasongo kasigonyela.
Lesisigameko sokuhlasela kwesikhungo sokuzikhiphela imali eMbali sikhombisa izinga eliphezulu kakhulu lolwazi olujulile nobuchwepheshe nezindlela ezihlelwe ngobuyoninco beliphezulu kakhulu iqophelo. Phela izigelekeqe lezi zazihamba ngemoto okwezwakala ngamaphoyisa kamuva ukuthi yayidunwe kuhlonyiwe ePinetown ngaphandle kwaseThekwini.
Konke lokhu kukhomnbisa ukuthi lijule kangakanani izinga lobugebengu nanokuthi lesisihlava sesiyihlkukumeze kangakanani impilo yezakhamizi zezwe laseNingizimu Afrika. Siqaphela ukuthi amaqhinga obogebengu asedlondlobele kangakanani. Loluhlabo lobugebengu lokuhlasela izikhungo zokuzikhiphela imali lukhomba ukhondolo olubi lokuhlwithwa kwezwe, lokho kwenziwa izigebengu.
Ukuhlaselwa kwezikhungo zokuzikhiphela imali sekukhule kakhulu ezinyangeni ezimbili ezedlule. Ezinyangeni ezinhlanu kulonyaka sekuhlaselwe zasikhombisa ngenhloso yokuphanga imali kulezizizinda. Siphawula ukuthi loluhlobo lobugebengu seluphindwe kabili esikhathini eseilinganiselwa ezinyangeni ezimbili.
Inkulu kakhulu ingozi ecathamela labo abazinikele ekuphangeni izizinda zokuzikhiphela imali. Ngokunjalo itshe limi ngothi nakulabo abazithela bengazelele esimeni esinjalo. Kulenyanga eyedlule andaweni yase Bosmont eNtshonalanga yeGoli isigelekeqe sahluthulwa yisiqhumane yisiqhumane esephuza ukuqhuma izingalo zombili. Lesisigameko kwakufanele sedlulise umlayezo othi "Abunambuyiselo ubugebengu". Kodwa akubanga njalo. Izigelekeqe ziphisele ekholweni.
Kuyaphuthuma ukuba uhulumeni adwebe umugqa ongenakweqiwa yiloluhlobo lwezigelekeqe ezibhubhisa izikhungo zokuzikhiphela imali. Kuyaphuthuma ukuba uhulumeni aphumele eshashalazini ngobugebengu obungeke bubekezelelwe.
Kulindelwe izwi ezingeni eliphezulu kuhulumeni wakithi eNingizimu Afrika elisekelwe ngumgomo omusha wokulwa nobugebengu. Futhi wesekwe yizinhlelo eziqinile zokunqada ubugebengu. Akungatshazwa ukuthi izenzo ezinjalo zikahulumeni ziyokwenza izimanga emphakathini kanye nokwenysa izinga lokuzethemba embuthweni wamaphaoyisa. Kuyishwa ukuthi okwamanje isimo silahlisa ithemba.
nguDokotela Lionel Mtshali ilungu lePhalamende leSifundazwe UMholi weQembu Eliphikisayo
Dr Lionel Mtshali MPP Leader of the Official
Opposition
Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256
4902 |