MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

31 March 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Ingqinamba esiphenduke insakavukela muva nje yokweqa kweziguli ezelashelwa isifo sohlobo lofuba olwehlula amakhambi aziwayo ezibhedlela zaseKoloni eseMpumalanga ikhombisa umthwalo elibhekene nawo izwe laseNingizimu Afrika ukubeka esikalini amalungelo eziguli nesidingo sokuvikela impilo yomphakathi. 

Siyakwemukela ukuthi kungumthwalo omkhulu kakhulu ukugcinwa kwalabo abagulayo behlukaniswe nalabo abangakahlaselwa yisifo sofuba.

Siyakwemukela ukuthi kuhlangabezana nokudlubulundela kwabagulayo ukwehlukaniswa kwabo nemindeni nezihlobo zabo. Phezu kwalezizimo kunokukhathazeka ngobungozi empilweni yalabo abaphilayo ukungadli imithi kweziguli ekhishwa ezikhungweni zempilo ezinye zazo ezingahlinzekelwe ngokuphelele. 

Lempicabadala ebikhulunyelwa phansi ikhungethe iKoloni eseMpumalanga.

Ezingxenyeni eziningi zezwe laseNingizimu Afrika uhlobo lofuba olungelapheki kalula olubizwa ngokuthi XDR-TB sekunomxhantela ezifundazweni ezithile lapho kulandelwa izindlela ezehlukene phakathi kwazo kunokuzinqumela ubude besikhathi sokwelashwa kweziguli zofuba zingaphansi kweso lesibhedlela. 

Isifundazwe saKwaZulu Natal esikhungethwe yisifo sofuba esingelapheki kalula ngokwezibalo eziqoshwe phansi eziphezulu kwalezo zezinye izifundazwe sinesibhedlela esineqhaza elikhulu ukwemukela nokwelapha loluhlobo lweziguli. Kuyishwa ukuthi lesisikhungo sempilo sesilandela inqubo yokudedela iziguli emva kwezinyanga eziyisithupha. Akunakwa ukuthi isimo sempilo yalezoziguli ingabeka engozini leyo yomphakathi ngenxa yokuthathelwana kwegciwane. 

Isimo sokungeneli kwendawo yokulalisa ezinye iziguli ezithutheleka kulesisibhedlela siphoqa ukuba labo ababukeka sebengcono badedelwe bayohlangana nomphakathi. Kubakhona ukucabanga ukuthi iziguli ezintsha kungenzeka zibe namathuba okwelapheka kunozakwabo abanezinyangana belele esibhedlela. 

Kuzwakala imibiko yokwengezwa kwemibhede ezibhedlela zaKwaZulu Natal ngokulandela uhlelo lukazwelonke lokwandisa umthamo walabo abaphethwe yisifo sofuba olungelapheki. Ngokunjalo ukudedelwa kweziguli eziyingozi emphakathini kunomthelela wokwenza uhulumeni wesinfundazwe akhonjwe ngenjumbane ngokubhebhethekisa igciwane eselikhiphe izidumbu kuleyomiphakathi okubuyela kuyona lezoguli. 

Siyakuqonda ukuthi ukwelashwa kwesifo sofuba olungelapheki kalula kuthatha isikhathi eside futhi kubiza ukubekezela nezimali ezesabekayo.

Kuyenzeka ukuba iziguli zingene ohlelweni lokwelashwa ezibhedlela ezinye zazo ezinamagumbi angahlinzekelwe ngokuphelele. Siwuphosela inselele uMnyango weZempilo esifundazweni sakithi ukuba ubhekane ngqo nesifo sofuba olungelapheki kalula kunokwenza imizamo eyehluleka ukubhekana nenhlekelele. Kuyaphuthuma ukuba kuthathwe izinyathelo ezikhomba ubucayi besimo ezigulini kanye nokuvikelwa komphakathi.      

 nguDokotela Lionel Mtshali
UMholi weQembu Eliphikisayo


Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902