UMHLANGANO WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO WOKUKHANKASELA UKHETHO LUKA-2009
 INKULUMO

 

 

NGUMNTWANA MANGOSUTHU BUTHELEZI ILUNGU LEPHALAMENDE UMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO ENKUNDLENI YEMIDLALO


E-BANDULLA DRIVE - E-MEREBANK: ETHEKWINI NGESONTO 5 APRELI 2009


 

Ngiyathokoza ukuba lapha e-Merebank namhlanje.  Kangizile lapha ukunilethela umbusazwe wezithembiso ezingekho.  Ngikukholwa ngentshisekelo enkulu ukuthi uma sinohlelo lokusebenza olufaneleyo nebutho elihle kunawo wonke lokulwenza, elaKwaZulu Natali lingaba yisifundazwe saseNingizimu ne-Afrika esinethezeke kunazo zonke neTheku libe yidolobha elisezingeni lomhlaba ngempela - ingani phela linethuba namandla amakhulu okuthuthukisa kodwa okungakasetshenziswa ngezindlela eziningi.   

 

Ngokwami nje uqobo, umbusazwe uyinqola umuntu anganikela ngayo enhlalweni kahle yomphakathi.  Selokhu kwathi nhlo ngiphila phakathi kwabampofu kunabo bonke abampofu.  Yonke impilo yami ngisiqonda kakhulu isimo nemvelo yomphakathi engiphile kuwo; nokungalingani okubonakalayo okuqhekeza imiphakathi; onobubha obujulileyo nokuphikelelayo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya; onezingane amathuba azo okuqhubekela phambili angalekelwa yizikole ezifunda kuzo; onokunukutshezwa kwabesifazane nezingane; onezifo ezingelashwayo. 

 

Ngikukholwa kakhulu ukuthi umphakathi wezakhamizi kufanele uzizwe uyingxenye eyodwa nohulumeni omusha; ubambisane nohulumeni ekukhombeni nasekuxazululeni izinselelo eziningi ezisigqolozeleyo.  Yingakho nje enye yezinto eziyizinjongo ze-IFP kulolukhetho kungukukhulisa ukwesekwa kwayo emphakathini waMaNdiya.  Nala ngingafuni ukuwela esihibeni sokukhuluma nganoma yimuphi umphakathi sengathi wakhiwe yuhloba olulodwa, kuyinkolelo yami enentshisekelo ukuba i-IFP, ukwedlula noma yiliphi elinye iqembu lombusazwe, imele izilokotho nezimpawu ezimqoka zomphakathi waMaNdiya. 

 

Inkolelo yokuthi imiphakathi enempilo neqinileyo iyizibopho ezihlanganisa umphakathi; ukubaluleka kokukhonza nokholo; ubungcwele bemigomo nezindlela zomdabu zokuphila; imigomo eyizinsika ezimbili yokuzisiza nokuzethemba, konke lokhu kuyimigomo nezimiso zokuziphatha ezimbawa nje esizihlanganisayo.  Ngiyazi nje ukuthi umndeni obanzi emphakathini waMaNdiya cisho yiwo owenza ukuba intsha eningi yaMaNdiya ikwazi ukusizakala ngemfundo yamabanga aphezulu nokuzithuthukisa ngisho nangenkathi umphakathi waMaNdiya wawuncishwe amathuba esikhathini esedlule. 

 

Enye yezinto ezimuqoka kunazo zonke efezwe ngumphakathi waMaNdiya, ezikhathini eziningi uyifeza ezimeni ezilukhuni neziyingozi kunazo zonke kube ngukudalwa kwezinga lohwebo nambhizinisi.  I-IFP ilwela ukuba kube namabhizinisi amanancane njengenjini yokukhuthaza ukukhula konmotho nokunethezeka.  Siyiqembu elinokuzwelana namabhizinisi.  Siyakwemukela ukuthi kakufanele ukuba sibulale inyoni enya amasi.  Abanikazi bamabhizinisi kakufanele ukuba bathiwe yimicikilisho yasemahhovisi kahulumeni kanye nenqubo eqinileyo yezezisebenzi.  Sikholwa ngukuthi labo abazifaka engozini yokuzama ukuphumelela kufanele bavuzwe ngokuqamba kwabo izindlela ezintsha, bangajeziswa.

 

U-A.J Kajee, umholi owayeyiNdiya lasekuqaleni kwekhulu-nyaka eledlule, waduma ngamazwi akhe awakhulumayo athi, "Siyingxenye eyodwa nalelezwe.kalikho elinye izwe esilaziyo".  Sihlanganyela ukuqonda ukuthi isamba sento siqinile kunezingxeya eziyakhayo, okungumahluko nokugcizelela okuncane nje kokwese ntshonalanga okugcizelela lokho okenziwa ngumuntu ngayedwa.  Lombono yiwo okususelwa kuwo umgomo wase-Afrika wobuntu-botho, iNkatha eyaqala kuweseka ngaphambi kakhulu kokuba kube yimfashini, kanye nomgomo ka-Ghandi ukuzabalaza ngokuthula.

Ngamazwi alula, ngiqonde ukuzabalaza ndawonye.  I-IFP iyiqembu eliwazisayo umunikelo womphakathi waMaNdiya nelilangazela ukuba libe yizwi lenu.  Lelozwi lidingeka kakhulu namhlanje.

 

Sesifikile isikhathi soguquko.  Sikuyisikhathi sokuliqeda izinga eliphakathi nendawo lokwenza izinto kanye nemigomo ehlulekileyo egcwele empilweni yethu yesizwe.  Ngabe nizimisele yini ukwemukela ukuthi izikole kufanele zibe yizinkundla zempi, ukuba abafundisi nabafundi bantule ubuqotho bokuziphatha, ukuba izikole zingabi nawo amalebhu nezinkundla zemidlalo, ukuba amabhuku okufunda alethwe ezikoleni sekwedlule izinyanga, nokuba imfundo yehluleke ukulungisela izingane zethu umhlaba wempela - umnotho wethu na?

 

Ngabe nizimisele yini ukwemukela ukuba kube nezibhedlela ezingenabo odokotela, ukuba iziguli zilinde isikhathi eside ukuba zelashwe noma ukuhlinzwa kwazo kuhlehliselwe esikhathini esingaziwayo, ukuba kuntuleke imithi yokwelapha, ukuba abantu abanezifo ezinokuthitshwa, ikakhulukazi isifo sesandulela-ngculaza nengculaza, banganakekelwa ngokweneleyo na?

 

Njengezakhamizi ezihlonipha nezigcina umthetho, ngabe nizimisele yini ngokwemukela ukuthi kuyinto ejwayelekileyo ukuba ubugebengu budlavuze imiphakathi yethu ngalendlela na? Noma ngabe ucebile noma umpofu - unethuba elikhulu ngendlela esabekayo lokuba ube yinkubele yobugebengu obunendluzula.  Ngabe imiphakathi yethu kakukho okunye engakwenza ngalokhu, isebenza nohulumeni ukunqanda lento na?

 

Kuhulumeni waKwaZulu omdala sasiqhuba uhlelo oluqinileyo olwalungenayo inkohlakalo.  Kangizimisele mina ukwamukela ukuthi uhulumeni kufanele abe necala lokuphatha ngendlela engafanele, inkohlakalo, ukunikeza izihlobo nabangani amathuba nezinto ezinjalo, nokuba izimali zikahulumeni zisetshenziswe ngokusobala nje ukufeza izinjongo zeqembu lombusazwe.  Uma uhulumeni engahlanzekile, singathi sinethemba lini?

Ngikholwa ukuthi uhulumeni kufanele abe yisibonelo.

 

Sidinga ukusungula izindlela zokwenza uhulumeni asebenzele obala kakhulu, akwazi ukuphendula ngezenzo zakhe nokuba ahlanganise yonke imikhakha kwakwenzayo kunalokhu okwenzekayo njengamanje.  Njengamanje kunokwenziwa kwezinto emfihlakalweni ngokweqisa, ukugodlwa kolwazi, ukuvikelwa kokwehluleka, ukuqashwa kwabantu abangenamakhono, kanye nobuvila nje jikelele obuphikisana nobungcwepheshi embuthweni wethu wezisebenzi zika hulumeni.  Uma ngingaboleka isisho sakwelinye izwe ngesinye isikhathi eMelika ekhulwini - nyaka leshumi nesishiyagalombili, isisho esithi 'sifuna uhulumeni wabantu, oqhutshwa ngabantu bewu qhubela abantu'. 

 

Uma kukhethwa uhulumeni we-IFP KwaZulu Natali, lowo hulumeni ngeke abe ngelinye iziko leqembu lami, ngeke kufane nalokho okwenzekayo njengamanje ngaphansi kwe-ANC, kodwa kuyoba uhulumeni ozinikele ngeqiniso ekusebenzeleni lowo nalowomuntu kulesifundazwe, kungakhathaleki ngokuthi ungowaluphi uhlanga, ukuthi ucebile, ukuthi ungowaliphi iqembu lombusazwe,nokuthi uhlalaphi noma uyini enye. 

 

Imfundo, njengoba nazi, isesimeni esibucayi sokuguquguquka.  Kudicilelwe phansi ukufundiswa kwamakhono okufunda, ukubala nokukubhala, esikhundleni sakho kuhujwana notalagu lwezinjongo  zemfundo esekeleke emiphumeleni,   i-Outcomes-Based Education. 

 

I-IFP ikholelwa ngentshisekelo enkulu emandleni amakhulu alesisifundazwe.  Uma sikhethiwe, uhulumeni we-IFP uzosebenzela ukudala indawo evuna ukuthuthukiswa kwamabhizinisi ukuze kuqondiswe ukutshalwa kwezimali nokudalwa kwemisebenzi.  Sizovuselela ibhange, Ithala, libuyele esimeni salo esedlule njengenhlangano yase-Afrika yentuthuko ephumelela kunazo zonke.  Sizokwakha uhlelo lwezikhumulo zemikhumbi, I-Dube Tradeport, esaseThekwini nesase-Richards Bay zibe ngumthambo omqoka wezomnotho e-Afrika eseNingizimu.  Lokhu kuzoba namazwibela amakhulu okusizakala kulendawo.

 

Sizothuthukisa imboni yezokuvakasha KwaZulu-Natali ukuze kwenziwe isifundazwe wonke umhlaba ozofuna ukubhekisa amabombo kuso kanye nendawo ephambili e-Afrika yokuhlaba ikhefu, iTheku libe yisango lokungena kulesisifundazwe.

 

Uhulumenu we-IFP uzoqiniseka nokuthi bonke abantu baseNingizimu ne-Afrika, balekelelwa nguhulumeni lapho kudingeka khona, ukufumana izindawo zokukhosela eziphephileyo nabanokuba namandla okuzikhokhela emiphakathini ehlelwe ngendlela efaneleyo nenamalungiselelo adingekayo enhlalo yomphakathi.  Lokhu kuzokwenziwa ngendlela eguqula amaphutha omlando okuhlela ukwakhiwa kwemiphakathi lapho imiphakathi beyehlukaniswa khona ngokwezinhlanga, iqheliswa nasezindaweni zokusebenza kanye nakwamanye amathuba, igxilisa nokungalingani kwezomnotho.  Izinhlelo zokwethulwa kwezindlu kufanele ziqhutshwe ngendlela ebhekelela ukukhuthaza ukukhula komnotho nezoqeda imiphumela emibi yenkohlakalo nezinqumo ezinobuthutha ebezithiya ukwethulwa kwezindlu esikhathini esedlule.

 

Ezokuthutha zingukhiye ekuthuthukisweni komnotho, ukuxhumana kanye nezinga lempilo yabantu bakithi.  Ngeshwa, kunesibalo sezinkinga ezimuqoka okungabhekwana nazo ngokweneleyo.  Isimo semigwaqo sesibhidlike kangangoba ezikhathini ezithile siyingozi ekuphepheni kwabahamba ngezimoto kanye nomphakathi nje jikelele kanye nengozi ekuthuthukisweni komnotho wangomuso.  Ezindaweni eziningi ingqalasizinda imigwaqo iyabhidlika, ikakhulukazi ngenxa yezinqola ezithwala imithwalo esinda ngokweqisa.  Izinga lezingozi emigwaqeni esifundazweni liphezulu ngendlela engemukelekiyo ngenxa ikakhulukazi, yezinga eliphansi lokuviviswa kwabashayeli kanye nezinga lezincwadi zokushayela zomgunyathi.

 

Isandla sikahulumeni wesifundazwe embonini ezimeleya yamatekisi sigxile kakhulu ekulawuleni nasekuthiyeni esikhundleni sokweseka nokulekelela, lokho okunomphumela wokwehla kwekhono kanye nokungqubuzana okungenasidingo.  Isifundazwe sidinga iqhinga lezokuthutha elihlanganisa bonke abaneqhaza elimqoka kulemboni, ekuhlelweni nasekufezweni kwalelo qhinga.

 

Sizobhekana nokulayishwa kwezimoto ngokweqisa, ukukhwabanisa ekukhishweni kwezincwadi zokushayela kanye nokuhlolwa kwezimoto singenise nohlelo lokusebenza ngendlela esobala ekuphathweni kohlelo lokuxhaswa kwezinqola zokuthutha umphakathi kanye nasekukhishweni kwezinkontileka ezihambisana naloluhlelo.  Sizoletha intando yombusazwe ekusebenzeni izindaba zemboni yamatekisi okokugcina.  Sizokhuthaza ukuphepha emigwaqeni ngoku gxilisa imisebenzi yokuphoyisa ekubhekaneni ngendlela engcono nezimoto ezingaphephile, abashayeli abangenazincwadi, ukushayela kwezinga eliphansi nokuyingozi.

 

Kuleminyaka emihlanu edlule, umbusazwe KwaZulu-Natali usuphenduke into efanayo nokugwazisa nenkohlakalo ngenkathi liya ngokwehla izinga labantu lokwethemba uhulumeni.  Kakusizi ngaluthu ukuba labo abethweswa amacala enkohlakalo kuqabukele nje beshushiwa noma behoxiswa okwesikhashana emisebenzini ngemibandela exegayo isikhathi eside.  Akusizi ngalutho futhi ukuba izinhlelo ezakhelwe ukulwa nenkohlakalo zizitshwe, zigwenywe noma zivalwe.  Kufanele kupheze ukubola!

 

Nginitshena ngokusobala, abantu baseNingizumu ne-Afrika kabakwazi ukumelana nokukhula kwalomthwalo wenkohlakalo.  Lokhu kuhlanekezela inxoza yesimilo nomnotho ezweni lakithi.  Amazipho akho afinyelela kuzozonke izingxenye zomnotho wethu zibe yingozi esongela ukukinya imithambo yawo ziwuncishe igazi eliwuphilisayo.  I-ANC isibe neminyaka eyishumi nanhlanu yokwenza isibonelo sokusebenzela obala nobuqotho.

Kuyangidabukisa ukusho ukuthi isibonelo abasenzileyo ngesehlukileyo kulokhu.  I-IFP kayisoze yafumaneka ilambatha maqondana nalokhu.

Ngaleso sizathu siphakamise izindlela ezintsha zokubhekana nenkohlakalo.

 

Sizosungula isakhiwo sezinzwebeli sokuqinisekisa imisebenzi yalezo zisebenzi zika hulumeni ezinesibindi sokumelana nabaqashi abakhohlakeleyo.  Sizokhuthaza nokudalulwa kwezenzo zenkohlakalo ngokuvuza izinzwebeli ngengxenye ethile ekhulwini yezimali ezingabe zilahlekile esikhwameni zika hulumeni.   Sizomisa amazinga aphezulu kunawo wonke okuthembeka nobuqotho emisebenzini kahulumeni.

 

Naphezu kwezinselelo esibhekene nazo kulomkhankaso wokhetho, kuningi esengikubonile okunginikeza ithemba.  Ngibone ithemba emazwini athule okuzimisela, ezenzweni zokuzidela zobubele nokwenqaba komoya wesidalwa esingumuntu ukulahla ithemba.  Ngikubone ngobuningi bakho lokhu lapha namhlanje.

 

Ezinsukwini eziyishumi nesikhombisa ezizayo sizoba nethuba lokuwusebenzisa lomoya nokuletha uguquko kuyo yonke iNingizimu ne-Afrika.  Sazi ukuthi namhlanje, ukwedlula inoma yisiphi esinye isikhathi esedlule, abantu babuza ukuthi kungani kufanele ukuba balandele umzila wezithembiso zeANC eziphuliweyo baphindele ezikhungweni zokuvota.  Yithuba lethu leli lokwakha isimo sekusasa.  Kodwa kusemahlombe enu ukukwenza lokhu.  Sidinga lowo nalowo wenu ukuba nibambe iqhazalenu.

 

Uma lowo nalowo kini niphuma niya kovota nicela nabangani nomndeni  wenu ukuba nabo baye ukuyovota, singakwenza futhi sizophumelela ukunqoba okunodumo.  Ngemuva kwalokho siyobe sesikwazi-ke ukwakha iNingizimu ne-Afrika entsha; izwe elisha lapho siyohlinzeka khona imisebenzi; amakhaya kwabentula amakhaya nokunakekelwa kwabagulayo, abadala nababuthaka.

 

Sithi "Siyiqembu elihloliweyo nelivivinyiweyo elingakhethwa" ngoba sihloliwe savivinywa ngempela eminyakeni eminingi sikuhulumeni.  Yilolu lwazi olusenze sakwazi ukwenza izinto ezinokwenzeka, sagcina imiqondo yethu iqoqekile ekwenzeni lokho okudinga ukwenziwa nalokho okusebenzayo ngempela. Masikwenzeni sonke ndawonye.

Ngiyaninxusa ukuba nivotele I-IFP!

 

Contact:
Roman Liptak
083 256 4902
or Councillor Ebrahim Shaik
082578 6026