Njengoba ngisukuma ngizokhuluma lapha, lokho
ngikwenza ngazi ukuthi lengqungquthela ibaluleke kakhulu kunanoma
iyiphi isesike saba nayo kulonyaka.
Ukubaluleka kwayo kweyeme esikhathini eyenziwe ngaso.
UMbutho Wabesifazane weQembu LeNkatha Yenkululeko uhlangana
esikhathini sokungabaza okukhulu ezweni lakithi.
Sibheke okhethweni lapho iQembu LeNkatha Yenkululeko
kungagcini nje ngokuba lethembe ukubuyisa iSifundazwe saKwaZulu
Natali kuphela, kepha lapho lethembe khona nokukhuphula indawo elimi
kuyo enkundleni yezwe lonke. Ngesikhathi esifanayo, izihlabathi
ezigudlukayo zombusazwe zembula zibeke obala udaba uluyingqikithi
lwemigomo yokuziphatha ezweni lakithi.
Lapho iNingizimu ne-Afrika yake yayazi imigomo
yokuziphatha esasiyilelwa, manje sesididekile kasisakwazi ukukhomba
ukuthi iyona miphi imigomo yokuziphatha esekwa ngabasemandleni noma
abayichithayo.
Esikhathini esedlule besazi ukuthi abaholi bezwe lakithi beseka
imigomo yokuziphatha yenkululeko nokuthi bebesebenzela ukuletha
intando yeningi ezweni lakithi, inkululeko kubantu bakithi
nethemba esizweni.
Kepha namhlanje sesisele sididekile ngohlelo
lwalabo abaphethe amandla.
Ngabe luyuhlelo lokuzicebisa noma luyuhlelo
lwamandla nje ngesizathu sokuba namandla na?
Imigomo ilokhu ingezwakaliswa futhi ingezwakali.
Okuzokwenzeka ngomuso kulokhu kwembozwe
yizithembiso ezifanayo nje zokuthi kukhona othile ozokwethula
okuthile kothile esikhathini esithile esingacaciswayo.
Umcabango wokwethula kawukaze ufakwe enkungwini
yokungezwakali njengoba kwenzeka manje.
"Ukwethula, ukwethula, ukwethula"
sekuphenduke amazwi angehlukile emazwini angasho
lutho okubamba izingqondo zethu nje kuphela.
Kulesisimo kunesidingo esikhulu sokubuyela
enkundleni yemigomo eqinileyo yokuziphatha.
Selokhu kwathi nhlo iQembu LeNkatha Yenkululeko leseka
imigomo yokuziphatha ephilileyo, ikakhulukazi emongweni wemigomo
yayo yomndeni, kanti ngaphakathi eQenjini LeNkatha Yenkululeko
kasikho isakhiwo esingcono sokuphakamisa nokuzwakalisa lemigomo
yokuziphatha ukwedlula abesifazane beQembu LeNkatha Yenkululeko.
IQembu lethu liqondene nomndeni, ukuqondana
kwezombusazwe nokusebenzela isizwe ngaphandle kokuzicabangela
okuqondene nalo.
Sikholelwa, obumbanweni, inkululeko nobunye ekwahlukahlukaneni.
Siphakamisa ukuzisiza nokuzethemba.
Sikholelwa emfundweni njengesikhali sokuzikhulula
ebubheni, ekuntulekeni kwemisebenzi nasekungazini.
Sikhuthaza ukuhlonipha abantu abadala, ukuhlonipha imizimba
yethu zingqobo zethu kanye nokuhlonipha abanye abantu.
Simele ukuzithiba, ukuthembeka kulowo oganene noma
othandana naye kanye nesidingo sokuvikela impilo yethu.
Seseka ukuthembeka, ubuqotho nokusebenza ngokuzikhandla.
Siyabuchitha ubugebengu, indluzula, izidakwamizwa
nokusetshenziswa kotshwala ngendlela engafanele kanye nokuhlulula
abantu ngobobulili.
Imigomo yethu yokuziphatha icacile nje.
Okumqoka manje ngukuba izwakale.
Imigomo yethu yokuziphatha kakufanele ukuba igcine
ngokuba izwakale emizweni nje kuphela, kepha kufanele ukuba
ikhulunywe. Kumqoka
kwabesifazane ukuba babe yisizinda sengxoxo entsha yombusazwe.
Esikhathini esedlule imiphakathi ibingakwenameli ukuba
abesifazane bakhulume ngombusazwe, ishiyela leyomizamo ekhonweni
lamadoda kuphela. Kodwa
lendlela yokuthatha izinto seyabhidlizwa, futhi ibhidlizwa
ngesizathu esifaneleyo.
Esimeni sokunganaki, lapho ngisho namadoda engasafisi khona
ukukhuluma ngombusazwe ngenxa yokuba udikibalisa kakhulu futhi
usuyigobongo elingasasho lutho nje, isikhathi sesifikile sokuba
abesifazane babuyisele umqondo embusazweni ngokuphakamisa umbusazwe
wemigomo yokuziphatha.
Lombusazwe kufanele kukhulunywe ngawo emasontweni nasezindaweni
zokusebenza, ematekisini nasemiphakathini, ezitolo, ezimakethe,
emasimini nasezindaweni zokweluka nokucwala izinwele.
Kulelihora lenhlekelele emlandweni
wezwe lakithi, nina - abesifazane
- kufanele nigudluze imiqondo yenu niyisuse ekuxoxeni ngesimo
sezulu, ekukhulumeni ngomakhelwane, ekukhulumeni ngesoka lakho,
ekukhulumeni ngesoka lomngani wakho, ekukhulumeni nge-CD esanda
kuphuma, uhlobo olusha locingo noma ngisho nemidlalo yayizolo
yabalingisi bakamabonakude.
Izindaba ezifana nalezi kulula ukuba ziphenduke inhlebo,
kepha kazisizi ngalutho futhi ngeke zinilekelele ukuhlangabezana
nezinselelo enibhekene nazo.
Abesifazane beQembu LeNkatha Yenkululeko badinga ukuba
basukume babhekane nenselelo esikhudleni sokuba bakhulume
ngombusazwe, kuthi ngokwenza lokho, bezwakalise imigomo yokuziphatha
yeQembu LeNkatha Yenkululeko.
UMbutho Wabesifazane weQembu LeNkatha Yenkululeko
kufanele ubonakale kangcono futhi uzwakale kangcono. Nxa izakhiwo
ze-ANC zikhuluma, lonke izwe liyazizwa.
Bayezwakala ngezizathu ezingafanele - bezwakala ngoba
bavamise ukwenza izitatimende ezimbi ngendlela esabekayo nezivamise
ukungabi nangqondo - kodwa noma kunjalo, bayezwakala.
Umehluko phakathi kwe-ANC ne-IFP ngumehluko ophakathi
kokukhuluma inkulumo ethusayo nokhuluma inkulumo enegqondo,
ngumehluko ophakathi kwenkathazo neqiniso.
Sidinga ukwenza awethu amazwi ezwakale ukuze abantu bazi
ukuthi likhona elinye ithuba kulokhu kusangana.
Izwi lethu kudingeka ukuba libe nengqondo, lithele izithelo,
lithembeke, libe nokuthula, lifake intshisekelo - futhi lizwakale
kakhulu. Sidinga
ukugqiba umbhedo ngamazwi lelizwe elidinga ukuwezwa.
Ngenxa yokuba abesifazane bangabanakekeli nabondli
bemindeni yethu, futhi bevamise nokuba kube yibo ababeka ukudla
etafuleni, kuyimvelo kini ukuba nikhulume ngezingane zenu kanye
nemfundo yezingane zenu. Kukhona isimo esibucayi emfundweni
eNingizinu ne-Afrika.
Kufanele yini ukuba baye esikoleni iminyaka eyishumi nambili,
kepha abaningi baqhubeke nokuba sezingeni labantu abangafundile
nabangakulungele ngokuyikho ukufumana umsebenzi na?
Ngalonyaka sizobona isizukulwane sokuqala sabafundi
abazophumelela kumatikuletsheni, abaqalisa imfundo yabo ngohlelo
lwemfundo egxile emiphumeleni (outcomes based education system).
Kuzokwekani ngalababantu abadala abasha abakhuliswe ngomgomo
ongalungile ofezwe ngendlela engalungile na?
Badinga ithemba lobuholi bombusazwe obungcono,
obungagcini nje ngokuzinikela ekuguquleni uhlelo lwemfundo
yeNingizimu ne-Afrika kuphela, kepha ubuholi obuzimisele ngokuba
kungabikho ngane obuyishiya ngemuva.
IQembu LeNkatha Yenkululeko liyazi ukuthi imigomo yanamhlanje
yakha abantu bakusasa.
Nginganikeza isibonelo sezwe laseShayina nje,
lapho kwaqaliswa khona umgomo ngomzamo wokuqeda ukukhula kwesibalo
somphakathi ngejubane.
Imindeni yakhuthazwa ukuba ibe nengane eyodwa umndeni umunye
kuphela. Kuthe nxa leso
sizukulwane sezingane sikhula singenabo odadewabo nabafowabo,
sesifinyelela entangeni yokugana noma ukuganwa, izinga lezahlukaniso
kwelaseShayina lakhula ngesigubhukane.
Lezizingane zazingakaze zikufunde ukuhlangabezana,
ukushiyelana noma ukubeka izidingo zomunye umuntu phambili.
Zazingawuhlomele kwawona nje umshado.
Kangisisebenzisi lesi sibonelo ngoba ngiqonde
ukuthi nani kufanele nonke nibe nezingane eziningi! Ngimane
ngiphawula nje indlela imigomo emiswa nguhulumeni namhlanje eyoba
nomphumela ngayo emindenini, kubantu ngamunye nasemigomeni
yokuziphatha ngomuso.
Kubalulekile ukuba okhethweni oluzayo sikhethe ubuholi ubunemigomo
emihle, imigomo yokuziphatha ephilayo kanye nombono wokusebenzela
izidingo ezinhle kunazozonke zesizwe sethu.
Nxa ngikhuluma udaba lwezingane, ngicela ukuphinda
ngisho ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko kalikaze nanini lithathe
isinqumo sokuthi izibonelelo zesondlo sezingane kakufanele ukuba
zikhokhwe noma ukuthi nxa sithatha uhulumeni lezizibonelelo ngeke
zikhokhwe. Kuyilungelo
lesakhiwo lezingane ukufumana lezizibonelelo.
Kakusiso isinqumo seqembu, kepha kungumgomo wombuso.
Abanye ohubhu
kabhejane abaku-ANC bebehla benyuka bebholozana naleli lumbo
ngeQembu LeNkatha Yenkululeko elingenaso neze isisekelo eqinisweni.
Esikhundleni salokho, thina esiseQenjini LeNkatha Yenkululeko
sibona ukuthi izibonelelo zesondlo sezingane kufanele zikhushulwe
njengoba lokho ezikunikezwayo njengamanje kakwehlukene nokuba
yuphawu nje.
Kepha futhi ngesikhathi esifanayo, siyazixwayisa
izingane zethu ngokubona izinga lobhubhane lwesandulela-ngculaza
nengculaza, ukuba zikugweme ukungaziphathi kahle ngokocansi
okunomphumela wezingane eziningi ezingamavezandlebe.
Kuba yishwa elikhulu nxa ezinye zalezi zingane seziba
ngumthwalo wabazali nxa labo abazizalayo sebebulewe yilolubhubhane.
Lokhu ngikukhuluma ngolwazi enginalo mina uqobo lwami.
Ngiyanicela ukuba nililungise lelilumbo elikhulunywa yi-ANC
lokhuthi sake salinganisa ukuthi izibonelelo zesondlo sezingane
kakufanele ukuba zikhokhwe.
Eqinisweni, thina sicabanga kufanele zikhushulwe ngaphezulu
kokuphindwe kabili.
Manje ngicela ukuba sike sikhulume nje ngokusobala.
Ngabe sisayazi yini nokuyazi ukuthi imigomo ye-ANC iyini?
Uma ungabuza owesifazane esitaladini ukuthi i-ANC ithini
ngesandulela-ngculaza nengculza, mhlawumbe umcabango wakhe wokuqala
kungaba yishwa lokuphika kwalowo ebenguMengameli, uMbeki, ukuthi
kukhona ukuxhumana phakathi kwegciwane nesifo. Noma kungaba
ngumcabango woMnu Jacob Zuma eyogeza ngesisefo ngemuva kocansi,
ngethemba lokuthi uzoligeza igciwane.
Kepha buza ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko lithini lona
ngesandulela-ngculaza nengculaza, abantu kungenzeka ukuba bakhumbule
ukuthi ngaba ngumholi wokuqala waseNingizimu ne-Afrika ukubhidliza
ukuthula nokuba ngikhulume ngokusobala ngokulahlekelwa yingane
ngenxa yengculaza.
Okumqoka kakhulu ngisho nangaphezu kokubhidliza kwami ukuthula
ngesandulela-ngculaza nengculaza, ngathuma lowo oweyenguNdunankulu
wethu kulesiSifundaswe ngaleyonkathi, uDokotela Lionel Mtshali,
ukuba ahlanganyele ne-Treatment Action Campaign (TAC) ngenkathi
imangalela uhulumeni eNkatolo YeSakhiwo ngokwenqaba kwakhe ukukhipha
ikhambi le-nevirapine komama abakhulelweyo.
Lokho ngakwenza ngenkathi ngisasebenza eSigungwini
soMengameli uMbeki, kangaba nandaba nokuthi imiphumela yesenzo sami
iyoba yini. Ngiyethemba
ukuthi nina njengomama nizokhumbula ukuthi umuntu okulinganiswa
ukuthi angase abe nguNdunankulu ozolandela uma kunqoba i-ANC,
uDokotela Zweli Mkhize, empeleni wasiphikisa isimangalo sethu
enkantolo, ethi yena njengoNgqongqoshe Wezempilo wayenegunya
lesigungu ezindabeni zezempilo, hhayi uDokotela uMtshali, kodwa
wehluleka. Yilolo hlobo
lomuntu okuthiwa kufanele abe yiNhloko yalesiSifundazwe.
Nalapha futhi, umehluko phakathi kwe-ANC ne-IFP ngumehluko
phakathi kokukhuluma okwethusayo nokukhuluma okunengqondo ephilayo.
Manje buzani lowo wesifazane osesitaladini ukuthi
i-ANC ithini ngokuhlonipha abasemagunyeni nobuholi.
Maningi amathuba okuba acabange ngesimemezelo sikaVukayibambe
we-ANC (i-ANC Youth League) sokuthi akalindelekile ukuba aphendule
ku-ANC. Noma angase
akhulume ngokubona imifanekiso kumabonakude yamashoshozela e-ANC
eshisa imifanekiso yoMengameli, ngisho nangenkathi esenguMengameli.
Angase futhi acabange nangezingqungquthela ze-ANC
eziphazanyiswa ngamalungu e-ANC atshengisa ubuluhlaza nokweyisa
abaholi babo. Kepha buza
lowo wesifazane ukuthi lithini iQembu LeNkatha Yenkululeko
ngokuhlonipha abasemagunyeni, uzokhuluma ngendlela enesithunzi
esiqhuba ngayo izindaba zethu, noma indlela engisolwa ngayo ngokuthi
"ngingundlovu kayiphendulwa" ngenxa yokuqinisa kweQembu lami
ekuziphatheni okunenhlonipho nokulalela kanye nokuhleleka kwalo.
Ngenkathi i-ANC ikhipha uMengameli esikhundleni
ngaleyandlela engenasithunzi, yiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela
elasukuma ePhalamende labasola labo ababekwazi ukuphatha isikhundla
seNhloko YoMbuso nganoma iyiphi enye indlela ngaphandle kwenhlonipho
epheleleyo.
Ithini i-ANC ngendluzula na? Yebo, into yokuqala
efika emqondweni yisimemezelo esingacatshangwanga ngokuyikho soMnu
Julius Malema sokuthi uVukayibambe we-ANC "uyobulala ngenxa kaZuma".
Lokhu kuhambisana kahle kakhulu neculo elithandwa nguMnu
Zuma. Kepha ngabe ithini
i-IFP ngendluzula na?
Into yokuqala efika emqondweni yindlela engabhalela ngayo lowo
owanguMengameli, uMandela, nginxusa ukuba senze okhukhulelangoqo
abahlanganyelweyo bemihlangano kweminye imiphakathi eyayidlavuzwe
kakhulu yindluzula kulesiSifundazwe, ukuze siphakamise umlayezo
wokuthi sasesiphelile isikhathi sendluzula.
Isithunzi sesidalwa esingumuntu, ukuhlonipha impilo yomuntu,
ilungelo lokuvikeleka - yonke lemigomo yokuziphatha yiyo esekwa
yi-IFP.
Ngisho noma ngabe abanyundeli bethu bombusazwe
bangafuna kangakanani ukubhala umlando kabusha, ngisho neKhomishani
Yamaqiniso Nokubuyisana (Truth and Reconciliation Commission)
yafumana ukuthi ngangingakaze ngithumelr, ngiyekele noma ngigunyaze
ukuhlukunyezwa kamalungelo esintu nganoma yisiphi isikhathi.
Umlayezo okuselokhu kwathi nhlo uphuma kumholi we-IFP
ungumlayezo wokuthula.
Kangikaze nginithume ukuba nithathe izikhali nihlome.
Kangikaze ngisenze isiphakamiso sokuthi kufanele nibulale
ngenxa yami. Ngakho, uma
kukhona noma ngubani ku-IFP ongake asho into embi kangako, ngingaba
ngowokuqala ukumfaka ezinhlelweni zokuqondisa izigwegwe, ngisho
ukuthi wenza iphutha.
Kuphi ukuziphatha okunenhlonipho nokulalela ku-ANC na?
Ithini i-ANC ngenkohlakalo na? Lokhu kulula
kakhulu, ngabe ngiyakudinga nokukudinga ukukuchaza na?
Isikhulu ngemuva kwesinye siqunjwa phansi ngamacala
enkohlakalo, kepha kungake kuthiwe vu.
Kuphakathi kokuthi bayigcine imisebenzi yabo noma bakhushulwe
ezikhundleni. Kodwa uma
kwenzeka begcina bengene ejele, bafumana ukuphathwa ngendlela
ehlukileyo, kube nanethemba lesigwebo esinqanyulwayo.
Siya kongena okhethweni oluzayo likazwelonke sinethuba
lokukhetha uMengameli obhekene namacala ayishumi nesithupha
okukhwabanisa, inkohlakalo nokukhohlisa!
Sonke siyasazi isisho sesilungu esithi, 'inhlanzi iqala
ukubola kusukela enhloko'.
Noma uMnu Zuma unalo icala noma akanalo, lokho kakuwuguquli
umbono wokuthi i-ANC kayiyithathi inkohlakalo njengesici esifanele
ukunyundela umuntu.
Ngenkathi uMnu Zuma, njengePhini lethu loMengameli, esuswa
esikhundleni sakhe, ngathi mina 'inxeba lendoda kalihlekwa'.
Ngezwakalisa ithemba lokuthi lowo owayeyiPhini lethu
loMengameli uyonikezwa ithuba lokuba aye ukuyozikhulumela enkantolo.
Kuyangidabukisa ukuthi lamacala abekwa wona okwenza iphutha
azoqhubeka alengele phezu kwekhanda loMnu Zuma elingenacala
njengenkemba okuke kukhulunywe ngayo ka-Damocles kuze kube nini
nanini. Lokhu ngeke
kugcine ngokwengama isithunzi salowo owake waba yiPhini loMengameli
wethu kuphela, kepha kuzokwengama nesithunzi sezwe lethu.
Nganginethemba lokuthi lemibiko yayingeke inqunyelwe phezu
kwesisekelo semibandela yomthetho, kepha ukuthi iyonqunywa ngendlela
eyolisusa ngokupheleleyo lelifu, ngisho noma sonke sasingamthatha
ngokuthi umsulwa, kuphela nje nxa bungekho ubufakazi benkantolo
yomthetho bokuthi unecala. Kuyishwa elikhulu.
Kodwa kuyohlala kunombuzo emqondweni waleso naleso sakhamuzi
wokuthi ngabe uMengameli wethu unecala yini noma umsulwa na?
Lesi yisimo esingafiseki neze.
Kuyadabukisa ukuthi uhlelo luthathe lwadonsa kakhulu,
nokuthiseluphethe ngokusibeka lapho sikhona namhlanje ngaphandle
kokuxazulula udaba.
Ngisho neBhayibheli likhuluma ngezimpawu ezifanele
ukuba kumuntu ofisa ukungena ebuholini.
Encwadini yokuqala yoMphostoli uPhawulu kuThimothewu,
isahluko 3 kuthiwa umholi kufanele "abe ngongasolekiyo" futhi
"kumelwe ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle".
Kufanele ukuba aqale ngokuba ahlolwe, bese kuthi uma kungekho
lutho asoleka ngalo, akwazi ukungena ebuholini.
IQembu LeNkatha Yenkululeko lisakholwa ngukuthi amaqiniso
ngokuthengiselana ngezikhali kufanele adalulwe.
Encwadini Yokuqala yoMphostoli uPhawulu KwabaseThesalonika,
isahluko 5 ivesi 22, kuthiwa, "dedani kukho konke okubonakala
kukubi".
Asibuze manje ukuthi ngabe i-ANC ithini ngobubha
na? Ngenkathi iQembu
LeNkatha Yenkululeko bekuselokhu kwathi nhlo lisezikanisweni
lifundisa ngokuzisiza nokuzethemba, lakha izikole nemitholampilo,
liqalisa imisebenzi yentuthuko yomphakathi, likhuthaza nokuphepha
maqondana nokudla, obekusezihlokweni zamaphephandaba nge-ANC nxa
sekuza emalini, yizigidi eziyizigidi ezingamashumi amabili
nesishagalolunye zamarandi zemali eyachithwa ekuthengweni kwezikhali
okudale impikiswano enkulu.
Buza lo owesifazane osesitaladini uktuhi ngabe yena
wayengaqoka ukulekelelwa ukuba abeke ukudla etafuleni noma ukuba azi
ukuthi umkhumbi omkhulukazi nodulayo ohamba ngaphansi kolwandle
sekuseduze yini ukuba uphothulwe ukwakhiwa nokuba wehle wenyuka
uvikela ugu lwethu na?
Ukuba ngangingumuntu obhejayo, ngangingafaka imali yami ekuphepheni
maqondana nokudla, imisebenzi, imfundo, ukunakekelwa kwempilo,
ukuphoyisa ezindaweni zasekhaya kanye nosizo enhlalweni yomphakathi.
Yilokho uquqaba lomuntu wesilisa nowesifazane abacabanga
ngakho.
Ezingeni lesifundazwe, uhulumeni oholwa yi-ANC
KwaZulu Natali usengamele uhlelo olukhulu kunazo zonke
lokusetshenziswa kwemali ngokweqisa lesisifundazwe esake salubona.
I-IFP isikusho ikuphindelela ukuthi imigomo eyakhiwa ePitoli
noma eKibhithawini kakusho ukuthi ifanelekile esimeni sesifundazwe
noma sikahulumeni wasekhaya. Nendlela ye-ANC yesicathulo esilingana
wonke umuntu seyehluleke iphindaphinda.
Kulesisifundazwe, imigomo yezomnotho yeqembu elibusayo seyibe
nomnikelo esimeni esibucayi esibhekene naso kwezempilo nasemfundweni
njengamanje. Kukhona
isimo esibucayi ngempela futhi kakusekho emandleni abo ukubhekana
naso. Kanti okubi
kakhulu, yimikhonyovu ethile efana nehlazo lezinkomo zamaNguni
ezingagcinanga nje ngokuba zinikezwe abalimi abancane, kepha
ezanikezwa ngisho kwabona abakhethiweyo abakuhulumeni.
Kukhona nevenge elikhulu ebhange, Ithala, esalisungulela
ukunikeza abampofu ukunababonke intuba yokufinyelela ekuhlinzekweni
ngezimali, eliya kwabakhetheweyo kuhulumeni.
Yana kunoma yisiphi isibhedlela, uyozibonela
ukuthi amashalofu emithi akanalutho kangakanani ngenxa yokuchithwa
kwezimali ngokweqisa kulowoMnyango.
Usuhlangana nabantu bethi kungcono ukufela ekhaya kunokuba
basiwe ezibhedlela zethu, ngenxa yalokhu kungabikho kwemithi.
Ngenxa yokuthi lolukhetho oluzayo luqondene
nokuhlanganisa intando yeningi, kungaba ngukudembesela kimi ukuba
ngingambuzi owesifazane osesitaladini ukuthi ngabe ucabanga ukuthi
i-ANC ithini ngentando yeningi na?.
IQembu LeNkatha Yenkululeko liyazi ukuthi intando yeningi
isho inkululeko yokuzikhethela.
Kepha nxa kuqubuka amahlebezi okwakhiwa kweqembu elisha
lombusazwe, abasobambiswaneni lwe-ANC bagxuma babheke phezulu
bamemeze bathi "sizobacoboshisa".
I-ANC kuyithukuthelisa kabi ukuphikiswa.
Iyehluleka ukukuqonda ukuthi abantu banelungelo lokukhetha
ubuholi obehlukileyo nokuthi lokhu yikho intando yeningi eqondene
nakho. Ngisho
noMengameli we-ANC watshengisa ukungazi, kungasakhulunywa
ngokuqhosha, ngenkathi ngelinye ilanga ethi: "I-ANC iyobusa kuze
kubuye indodana yomuntu".
Kufanele ngengeze ngokuthi nxa isilwane sibhajwe
egumbini, siyaluma.
Ukuba konke kwakukuhle ku-ANC, beyingasoze yasebenzisa izinsongo
nokwesabisa ukuqhuba lokho okubonakala kungumgomo wayo wombuso
weqembu elilodwa. Izinto
kazilungile neze ku-ANC. Ngabe elaKwaZulu Natali lingakumela yini
ukuholwa yiqembu elisesimeni esibucayi na?
Ngabe iNingizimu ne-Afrika ingakumela yini ukubukela isimo
esibucayi emnothweni womhlaba, isimo esibucayi sesandulela-ngculaza
nengculaza, isimo esibucayi sokungaqashwa, isimo esibucayi
sobugebengu, isimo esibucayi emfundweni kanye nesimo esibucayi
ekuhlinzekweni kwezindlu, ihlale nje yakhe umkhanya ngenkathi
ibukele sijula isimo esibucayi ngaphakathi eqenjini elibusayo na?
Kepha uzwa umholi we-ANC uqobo lwakhe eqhikiza amahlombe akhe
kumabonakude ethi, 'isimo esibucayi?
Nisho siphi isimo esibucayi?'
Kayisekho indlela yokusiphika isimo esibucayi.
Ukubheduka okusanda kwenzeka ezikhundleni eziphezulu zobuholi
ezweni lakithi kunikeza ubufakazi boqhekeko eqenjini elibusayo.
NgeNgqungquthela-Jikelele yethu Yonyaka ngo-Agasti, kuwo lonyaka,
ngexwayisa ngathi kukhona abashayeli ababili bomkhumbi nokuthi
umkhumbi we-ANC usenkingeni.
IQembu kalikwazi ukuholwa ngabaholi ababili.
UMnu Thabo Mbeki wacelwa ukuba ashiye isikhundla
sobemengameli ngendlela nangejubane elashiya iningi baseNingizimu
ne-Afrika benkemile ngokungakholwa, kwakhethwa uMengameli Kgalema
Motlanthe, ezinyangeni nje ngemuva kokufakwa kwakhe eMkhandlwini
Kazwelonke. Indlela
enesithunzi uMnu Mbeki aphuma ngayo yenza okuncane kakhulu ukwemboza
uqhekeko ngenkathi oNgqongqoshe abayishumi nanye nePhini loMengameli
nabo behla ezikhundleni zabo ngaso lesosikhathi.
Isahlukaniso ngaphakathi ku-ANC sesifake iqembu
enxushunxushwini ejulileyo.
Kuyamangalisa ukuthi ezinyangeni ezimbili nje
ezedlule, uMnu Zuma wenza isitatimede Emgababa esaqubula amahlebezi
"omshado" phakathi kwe-ANC ne-IFP.
Ngokusombuluka kwezehlo zakamuva, umuntu akakwazi
ukuba angamangali azibuze noma ngabe wayesevele esesihlelile yini
isahlukaniso se-ANC nokuthi ngabe wayesethungatha omunye "umfazi'
yini. Kepha thina
kasizange sikwemukele ukuqonyiswa ngaleyonkathi futhi ngeke siqome
namanje.
Kubonakala sengathi i-ANC isafunda ebhukwini
elithi "Umbusazwe Wabasaqalayo", njengoba isasebenzisa amatulo
afanayo namadala zonke izinketho.
Bazama ukudida abavoti ukuba bakholwe ngukuthi i-IFP
izohlangana ne-ANC, ukuze abavoti bathi "kakusizi ngalutho ukuvotela
i-IFP, uma sebevele sebengene ku-ANC".
Ngicela ukukusho kuzwakale kahle kucace - iQembu LeNkatha
Yenkululeko (i-IFP) liyiqembu elizimeleyo.
Simele imogomo yokuziphatha ecacileyo, engakwaziyo ukufakwa
ebucayini. Ngeke
sihlanganyele enxushunxushwini eku-ANC.
Ngeke sinindwe yisimo sombusazwe esibucayi.
Kuyakhuluma ukuthi amazwi oMnu Zuma okubuyisana
akazange alandelwe ngumoya onehlonipho ngasohlangothini lobuholi
beqembu lakhe esifundazweni owawubhekiswe ku-IFP.
Kayikho inhloso yokuhlangana noma umshado phakathi kwethu.
Iqembu elibusayo seliwuqalisile umkhankaso walo
wokhetho. Umkhankaso
walo ugxile ekuqiniseni amazipho alo kwelaKwaZulu Natali nakuyoyonke
iNingizimu ne-Afrika.
Thina kufanele sigxile ngokusobala ekuqhaqheni lawo mazipho.
Into yokuqala efanele ukuba semiqondweni yethu,
kufanele kube yukhetho.
Ukuthi sikukhulisa kanjani ukwesekwa kwethu futhi
silibuyisa kanjani elaKwaZulu Natali sifumane nokwesekwa nakwezinye
iZifundazwe na? Lokhu
kasikwenzeli amandla nje ngenxa yawo, kepha sikwenzela abantu
baseNingizimu ne-Afrika abadinga ubuholi obusha.
IQembu LeNkatha Yenkululeko linolwazi ngokubusa.
Umlando wethu uyisimangaliso.
Iqembu lethu lihlangene futhi likulungele ukuhola.
Izakhiwo zethu sezakhiwe futhi namalungu ethu akulungele
ukusebenza.
Kulesisikhathi, ngifisa ukusebenzisa lelithuba
ngincome uMbutho Wabesifazane ngokuhlonipha ubuholi beqembu,
ukulandela imigomo yeqembu nokutshengisa inhlonipho nokulalela,
ngenkathi beqhubeka bethatha isinyathelo sokuqhuba imisebenzi
yokukhushulwa nokuthuthukiswa komphakathi.
Ngifisa futhi nokuhalalisela uNkosikazi Thembi Nzuza ngonyaka
owodwa ebambe amatomu oMbutho Wabesifazane.
Indima yakhe isiklanyiwe manje njengoba sigijima sibheke
okhethweni nomgomo ocacileyo ozwakalisa imigomo yokuziphatha yeQembu
LeNkatha Yenkululeko esizweni esesilahlekelwe yindlela ngenxa yokuba
abaholi balo sephambukile endleleni yomsebenzi abawuthunyiweyo
wokusebenzela abanye abantu.
Abesifazane sekufanele basukume manje babhekane
nenselelo yokuba bakhulume umbusazwe, bezwakalise nokuthi yiQembu
LeNkatha Yenkululeko kuphela elingasibuyisela endleleni
yokunethezeka, isimo esizinzileyo nokuvikeleka.
YiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elingakwazi
ukugwedla lomkhumbi liwudlulise ezivunguvungwini zombusazwe, ngoba
linobunye, linesibindi futhi lizinikele ekusebenzeleni lesisizwe.
Yimigomo yezomnotho yeQembu leNkatha Yenkululeko kuphela
engasilekelela ukuba sedlule kulesisimo esibucayi kwezomnotho
emhlabeni esiphezu kwethu.
YiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elinesibindi
ngokweneleyo ukuvuma ukuthi iNingizimu ne-Afrika idinga usizo.
Ngeke sihlale phansi sithi dekle noma siqhoshe
ngempumelelo yethu yesikhathi sethu esedlule.
Futhi ngeke siguqule leyo naleyonkinga siyenze umbukiso
wobunye bethu osemcabangweni.
Ngiyazi ukuthi siyiQembu elimesabayo uNkulunkulu
nelingenawo amahloni okumemezela ukuthembela kwethu kuNkulunkulu.
Kodwa kufanele ngixwayise ngalokhu.
Ngisho kwayena uSomandla angasiza labo abazisiza bona
zingqobo zabo kuphela.
Ukuba ngangikwazi ukwenza intando yami, ngabe nonke niyasitshena
ukuthi lowo nalowo wenu nenzani ukubutha ukwesekwa kwethu ngamavoti
ezindaweni zenu.
Kakwenele ukuba sivele sisebenze amaziko ethu kuphela.
Sidinga ukubutha ukwesekwa sedlule emalungeni anamathikithi
obulungu beQembu lethu nje kuphela.
Yilokho okubizwa ngevoti elintantayo okuyikhona okuphendula
isikali kunoma yiluphi ukhetho.
Ngingafisa ukwazi ukuthi ngabe senike nabalekelela nje abantu
abasha abazofinyelela eminyakeni eyishumi nesishagalolunye ukuba
bafumane omazisi ukuze bakwazi ukuvota ngonyaka ozayo.
Ngingafisa ukwazi noma senike nawahlola yini amalungu ethu
anomazisi ukuthi abhalisile ezikhungweni zokuvota ezifaneleyo na.
Ngingafisa ukwazi ngaphambi kokuba kwedlule
lengqungquthela ukuthi bangakhi kini enikuleNgqungquthela esenike
navolontiya ukuba nibe ngabaqaphi ezikhungweni zethu zokuvota
okhethweni lwangonyaka ozayo.
Ngifisa ukwazi ukuthi mizamo mini eseniyenzile ukuqoqa
izimali ukuze labo abavolontiya ukuba ngabaqaphi bezikhungo zethu
zokuvota bakwazi ukufumana izinto zokubathutha nokuba baphiwe
ukudla. Lezi yizona
zinto ezifanele ukuxakekisa lowo nalowo kithi kulezizinyanga
ezimbalwa ezizayo. Uma
ningazenzi, lokho kungasho ukuthi ukunqotshwa kwethu
sekunesiqiniseko.
Kudingeka kakhulu ukuthembeka, ubuqotho nesibindi
seQembu LeNkatha Yenkululeko.
Ukhetho oluzayo yilo oluzolawula ikusasa lezwe lakithi.
Ukunqoba kwe-ANC ngamavoti amaningi kakhulu
kuyosho ukuhhidlika kwezwe lakithi liyongena esiweni.
Kuyokwemboza iNingizimu ne-Afrika ngombusazwe wokubhocana
ngodaka. Kasifuni ukuba
izwe lethu lingcwatshwe wukuhhidlika komhlaba wombusazwe ngenxa
yombusazwe nje, lapho kungekho ludaba lwempela okubhekwana nalo.
Ukuze zonke izindaba zempela zikhishwe ekuxovweni yi-ANC,
kumqoka ukuba ukunqoba okuyingqophamlando kwe-IFP okhethweni
lwangonyaka ozayo kuthumele umlayezo wokuthi abantu balelizwe
sebesuthi, ngakho sebefuna uguquko.
IQembu LeNkatha Yenkukuleko linamandla oguquko.
Okudingwa yiNingizimu ne-Afrika. nelaKwaZulu Natali
ikakhulukazi, yinto engamuki ilandele ukugeleza kwamanzi.
Abesifazane kabasakwazi ukuba beme bakhe umkhanya, babukele
ngenkathi kuqoshwa umlando walelizwe.
Nidinga ukuba nisukume niphumele obala: thathani izikhundla
zobuholi nihole njengoba kungahola aesifazane kuphela.
Yenzani lokho njengabesifazane beseNingizimu ne-Afrika
bazozonke izinhlanga namasiko.
Kufanele sigxile ezinhlelweni zethu zokusebenza eziphathekayo,
emaqhingeni ethu okusebenza aphathekayo kanye nasemaswini ethu
okusebenza aphathekayo.
Ukusebeza yikho okumqoka manje; ngakho amazwi abesifazane bethu
kufanele baqalise ukuphehla izinto ukuze kusetshenzwe.
Manje, ukwedlula noma yisiphi esinye isikhathi,
ngethembele kwabesifazane beQembu Lenkatha Yenkululeko.
Manje, ukwedlula noma yisiphi esinye isikhathi, iNingizimu
ne-Afrika kufanele yethembele kwabesifazane beQembu LeNkatha
Yenkululeko, abayinqaba yesizwe sethu yethemba nokuthembeka.
Iqhaza lenu licacisiwe: yibani yizwi lemigomo
yokuziphatha ecacileyo, ethembekileyo nephilayo. Yibani yizwi
lemigomo yokuziphatha iQembu LeNkatha Yenkululeko elizoyedlulisela
enyakeni wokhetho nelizoyithatha liyibeke ngale kokhetho.
Yibani yizwi lemigomo yokuziphatha iNingizimu ne-Afrika
eyidingayo esikhathini esikhathini esibucayi enhlalweni yophakathi,
kwezomnotho nakwezombusazwe.
Yibani yizwi lethemba nezwi lokunokwenzeka.
Kufanele abavoti sibatshengise elinye ithuba
lempela abangalikhetha.
Contact:
Jon Cayzer, 084 555 7144