INGQUNGQUTHELA YONYAKA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO
YOMBUTHO WABESIFAZANE YAMA-31
INGQIKITHI: "UKUZWAKALISA IMIGOMO YOKUZIPHATHA-
ABESIFAZANE ABAQOTHO BEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO"

 

INKULUMO NGUMNTWANA MANGOSUTHU BUTHELEZI
ILUNGA LEPHALAMENDE UMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO

 

Emandleni-Matleng: Ondini : 10 - 12 Okthoba 2008

Njengoba ngisukuma ngizokhuluma lapha, lokho ngikwenza ngazi ukuthi lengqungquthela ibaluleke kakhulu kunanoma iyiphi isesike saba nayo kulonyaka.  Ukubaluleka kwayo kweyeme esikhathini eyenziwe ngaso.  UMbutho Wabesifazane weQembu LeNkatha Yenkululeko uhlangana esikhathini sokungabaza okukhulu ezweni lakithi.  Sibheke okhethweni lapho iQembu LeNkatha Yenkululeko kungagcini nje ngokuba lethembe ukubuyisa iSifundazwe saKwaZulu Natali kuphela, kepha lapho lethembe khona nokukhuphula indawo elimi kuyo enkundleni yezwe lonke. Ngesikhathi esifanayo, izihlabathi ezigudlukayo zombusazwe zembula zibeke obala udaba uluyingqikithi lwemigomo yokuziphatha ezweni lakithi.

 

Lapho iNingizimu ne-Afrika yake yayazi imigomo yokuziphatha esasiyilelwa, manje sesididekile kasisakwazi ukukhomba ukuthi iyona miphi imigomo yokuziphatha esekwa ngabasemandleni noma abayichithayo.  Esikhathini esedlule besazi ukuthi abaholi bezwe lakithi beseka imigomo yokuziphatha yenkululeko nokuthi bebesebenzela ukuletha intando yeningi ezweni lakithi, inkululeko kubantu bakithi  nethemba esizweni.

 

Kepha namhlanje sesisele sididekile ngohlelo lwalabo abaphethe amandla.

Ngabe luyuhlelo lokuzicebisa noma luyuhlelo lwamandla nje ngesizathu sokuba namandla na?  Imigomo ilokhu ingezwakaliswa futhi ingezwakali.

Okuzokwenzeka ngomuso kulokhu kwembozwe yizithembiso ezifanayo nje zokuthi kukhona othile ozokwethula okuthile kothile esikhathini esithile esingacaciswayo.  Umcabango wokwethula kawukaze ufakwe enkungwini yokungezwakali njengoba kwenzeka manje.  "Ukwethula, ukwethula, ukwethula"

sekuphenduke amazwi angehlukile emazwini angasho lutho okubamba izingqondo zethu nje kuphela.

 

Kulesisimo kunesidingo esikhulu sokubuyela enkundleni yemigomo eqinileyo yokuziphatha.  Selokhu kwathi nhlo iQembu LeNkatha Yenkululeko leseka imigomo yokuziphatha ephilileyo, ikakhulukazi emongweni wemigomo yayo yomndeni, kanti ngaphakathi eQenjini LeNkatha Yenkululeko kasikho isakhiwo esingcono sokuphakamisa nokuzwakalisa lemigomo yokuziphatha ukwedlula abesifazane beQembu LeNkatha Yenkululeko.

 

IQembu lethu liqondene nomndeni, ukuqondana kwezombusazwe nokusebenzela isizwe ngaphandle kokuzicabangela okuqondene nalo.  Sikholelwa, obumbanweni, inkululeko nobunye ekwahlukahlukaneni.  Siphakamisa ukuzisiza nokuzethemba.

Sikholelwa emfundweni njengesikhali sokuzikhulula ebubheni, ekuntulekeni kwemisebenzi nasekungazini.  Sikhuthaza ukuhlonipha abantu abadala, ukuhlonipha imizimba yethu zingqobo zethu kanye nokuhlonipha abanye abantu.

Simele ukuzithiba, ukuthembeka kulowo oganene noma othandana naye kanye nesidingo sokuvikela impilo yethu.  Seseka ukuthembeka, ubuqotho nokusebenza ngokuzikhandla.  Siyabuchitha ubugebengu, indluzula, izidakwamizwa nokusetshenziswa kotshwala ngendlela engafanele kanye nokuhlulula abantu ngobobulili.  Imigomo yethu yokuziphatha icacile nje.  Okumqoka manje ngukuba izwakale. 

 

Imigomo yethu yokuziphatha kakufanele ukuba igcine ngokuba izwakale emizweni nje kuphela, kepha kufanele ukuba ikhulunywe.  Kumqoka kwabesifazane ukuba babe yisizinda sengxoxo entsha yombusazwe.  Esikhathini esedlule imiphakathi ibingakwenameli ukuba abesifazane bakhulume ngombusazwe, ishiyela leyomizamo ekhonweni lamadoda kuphela.  Kodwa lendlela yokuthatha izinto seyabhidlizwa, futhi ibhidlizwa ngesizathu esifaneleyo.  Esimeni sokunganaki, lapho ngisho namadoda engasafisi khona ukukhuluma ngombusazwe ngenxa yokuba udikibalisa kakhulu futhi usuyigobongo elingasasho lutho nje, isikhathi sesifikile sokuba abesifazane babuyisele umqondo embusazweni ngokuphakamisa umbusazwe wemigomo yokuziphatha.  Lombusazwe kufanele kukhulunywe ngawo emasontweni nasezindaweni zokusebenza, ematekisini nasemiphakathini, ezitolo, ezimakethe, emasimini nasezindaweni zokweluka nokucwala izinwele.

 

Kulelihora lenhlekelele emlandweni  wezwe lakithi, nina - abesifazane  - kufanele nigudluze imiqondo yenu niyisuse ekuxoxeni ngesimo sezulu, ekukhulumeni ngomakhelwane, ekukhulumeni ngesoka lakho, ekukhulumeni ngesoka lomngani wakho, ekukhulumeni nge-CD esanda kuphuma, uhlobo olusha locingo noma ngisho nemidlalo yayizolo yabalingisi bakamabonakude.  Izindaba ezifana nalezi kulula ukuba ziphenduke inhlebo, kepha kazisizi ngalutho futhi ngeke zinilekelele ukuhlangabezana nezinselelo enibhekene nazo.  Abesifazane beQembu LeNkatha Yenkululeko badinga ukuba basukume babhekane nenselelo esikhudleni sokuba bakhulume ngombusazwe, kuthi ngokwenza lokho, bezwakalise imigomo yokuziphatha yeQembu LeNkatha Yenkululeko.

 

UMbutho Wabesifazane weQembu LeNkatha Yenkululeko kufanele ubonakale kangcono futhi uzwakale kangcono. Nxa izakhiwo ze-ANC zikhuluma, lonke izwe liyazizwa.  Bayezwakala ngezizathu ezingafanele - bezwakala ngoba bavamise ukwenza izitatimende ezimbi ngendlela esabekayo nezivamise ukungabi nangqondo - kodwa noma kunjalo, bayezwakala.  Umehluko phakathi kwe-ANC ne-IFP ngumehluko ophakathi kokukhuluma inkulumo ethusayo nokhuluma inkulumo enegqondo, ngumehluko ophakathi kwenkathazo neqiniso.  Sidinga ukwenza awethu amazwi ezwakale ukuze abantu bazi ukuthi likhona elinye ithuba kulokhu kusangana.  Izwi lethu kudingeka ukuba libe nengqondo, lithele izithelo, lithembeke, libe nokuthula, lifake intshisekelo - futhi lizwakale kakhulu.  Sidinga ukugqiba umbhedo ngamazwi lelizwe elidinga ukuwezwa.

 

Ngenxa yokuba abesifazane bangabanakekeli nabondli bemindeni yethu, futhi bevamise nokuba kube yibo ababeka ukudla etafuleni, kuyimvelo kini ukuba nikhulume ngezingane zenu kanye nemfundo yezingane zenu. Kukhona isimo esibucayi emfundweni eNingizinu  ne-Afrika.  Kufanele yini ukuba baye esikoleni iminyaka eyishumi nambili, kepha abaningi baqhubeke nokuba sezingeni labantu abangafundile nabangakulungele ngokuyikho ukufumana umsebenzi na?  Ngalonyaka sizobona isizukulwane sokuqala sabafundi abazophumelela kumatikuletsheni, abaqalisa imfundo yabo ngohlelo lwemfundo egxile emiphumeleni (outcomes based education system).  Kuzokwekani ngalababantu abadala abasha abakhuliswe ngomgomo ongalungile ofezwe ngendlela engalungile na?

 

Badinga ithemba lobuholi bombusazwe obungcono, obungagcini nje ngokuzinikela ekuguquleni uhlelo lwemfundo yeNingizimu ne-Afrika kuphela, kepha ubuholi obuzimisele ngokuba kungabikho ngane obuyishiya ngemuva.  IQembu LeNkatha Yenkululeko liyazi ukuthi imigomo yanamhlanje yakha abantu bakusasa.

Nginganikeza isibonelo sezwe laseShayina nje, lapho kwaqaliswa khona umgomo ngomzamo wokuqeda ukukhula kwesibalo somphakathi ngejubane.  Imindeni yakhuthazwa ukuba ibe nengane eyodwa umndeni umunye kuphela.  Kuthe nxa leso sizukulwane sezingane sikhula singenabo odadewabo nabafowabo, sesifinyelela entangeni yokugana noma ukuganwa, izinga lezahlukaniso kwelaseShayina lakhula ngesigubhukane.  Lezizingane zazingakaze zikufunde ukuhlangabezana, ukushiyelana noma ukubeka izidingo zomunye umuntu phambili.

Zazingawuhlomele kwawona nje umshado.

 

Kangisisebenzisi lesi sibonelo ngoba ngiqonde ukuthi nani kufanele nonke nibe nezingane eziningi! Ngimane ngiphawula nje indlela imigomo emiswa nguhulumeni namhlanje eyoba nomphumela ngayo emindenini, kubantu ngamunye nasemigomeni yokuziphatha ngomuso.  Kubalulekile ukuba okhethweni oluzayo sikhethe ubuholi ubunemigomo emihle, imigomo yokuziphatha ephilayo kanye nombono wokusebenzela izidingo ezinhle kunazozonke zesizwe sethu. 

 

Nxa ngikhuluma udaba lwezingane, ngicela ukuphinda ngisho ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko kalikaze nanini lithathe isinqumo sokuthi izibonelelo zesondlo sezingane kakufanele ukuba zikhokhwe noma ukuthi nxa sithatha uhulumeni lezizibonelelo ngeke zikhokhwe.  Kuyilungelo lesakhiwo lezingane ukufumana lezizibonelelo.  Kakusiso isinqumo seqembu, kepha kungumgomo wombuso.  Abanye  ohubhu kabhejane abaku-ANC bebehla benyuka bebholozana naleli lumbo ngeQembu LeNkatha Yenkululeko elingenaso neze isisekelo eqinisweni.  Esikhundleni salokho, thina esiseQenjini LeNkatha Yenkululeko sibona ukuthi izibonelelo zesondlo sezingane kufanele zikhushulwe njengoba lokho ezikunikezwayo njengamanje kakwehlukene nokuba yuphawu nje. 

 

Kepha futhi ngesikhathi esifanayo, siyazixwayisa izingane zethu ngokubona izinga lobhubhane lwesandulela-ngculaza nengculaza, ukuba zikugweme ukungaziphathi kahle ngokocansi okunomphumela wezingane eziningi ezingamavezandlebe.  Kuba yishwa elikhulu nxa ezinye zalezi zingane seziba ngumthwalo wabazali nxa labo abazizalayo sebebulewe yilolubhubhane.  Lokhu ngikukhuluma ngolwazi enginalo mina uqobo lwami.  Ngiyanicela ukuba nililungise lelilumbo elikhulunywa yi-ANC lokhuthi sake salinganisa ukuthi izibonelelo zesondlo sezingane kakufanele ukuba zikhokhwe.  Eqinisweni, thina sicabanga kufanele zikhushulwe ngaphezulu kokuphindwe kabili. 

 

Manje ngicela ukuba sike sikhulume nje ngokusobala. Ngabe sisayazi yini nokuyazi ukuthi imigomo ye-ANC iyini?  Uma ungabuza owesifazane esitaladini ukuthi i-ANC ithini ngesandulela-ngculaza nengculza, mhlawumbe umcabango wakhe wokuqala kungaba yishwa lokuphika kwalowo ebenguMengameli, uMbeki, ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi kwegciwane nesifo. Noma kungaba ngumcabango woMnu Jacob Zuma eyogeza ngesisefo ngemuva kocansi, ngethemba lokuthi uzoligeza igciwane.  Kepha buza ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko lithini lona ngesandulela-ngculaza nengculaza, abantu kungenzeka ukuba bakhumbule ukuthi ngaba ngumholi wokuqala waseNingizimu ne-Afrika ukubhidliza ukuthula nokuba ngikhulume ngokusobala ngokulahlekelwa yingane ngenxa yengculaza.  Okumqoka kakhulu ngisho nangaphezu kokubhidliza kwami ukuthula ngesandulela-ngculaza nengculaza, ngathuma lowo oweyenguNdunankulu wethu kulesiSifundaswe ngaleyonkathi, uDokotela Lionel Mtshali, ukuba ahlanganyele ne-Treatment Action Campaign (TAC) ngenkathi imangalela uhulumeni eNkatolo YeSakhiwo ngokwenqaba kwakhe ukukhipha ikhambi le-nevirapine komama abakhulelweyo.  Lokho ngakwenza ngenkathi ngisasebenza eSigungwini soMengameli uMbeki, kangaba nandaba nokuthi imiphumela yesenzo sami iyoba yini.  Ngiyethemba ukuthi nina njengomama nizokhumbula ukuthi umuntu okulinganiswa ukuthi angase abe nguNdunankulu ozolandela uma kunqoba i-ANC, uDokotela Zweli Mkhize, empeleni wasiphikisa isimangalo sethu enkantolo, ethi yena njengoNgqongqoshe Wezempilo wayenegunya lesigungu ezindabeni zezempilo, hhayi uDokotela uMtshali, kodwa wehluleka.  Yilolo hlobo lomuntu okuthiwa kufanele abe yiNhloko yalesiSifundazwe.  Nalapha futhi, umehluko phakathi kwe-ANC ne-IFP ngumehluko phakathi kokukhuluma okwethusayo nokukhuluma okunengqondo ephilayo.

 

Manje buzani lowo wesifazane osesitaladini ukuthi i-ANC ithini ngokuhlonipha abasemagunyeni nobuholi.  Maningi amathuba okuba acabange ngesimemezelo sikaVukayibambe we-ANC (i-ANC Youth League) sokuthi akalindelekile ukuba aphendule ku-ANC.  Noma angase akhulume ngokubona imifanekiso kumabonakude yamashoshozela e-ANC eshisa imifanekiso yoMengameli, ngisho nangenkathi esenguMengameli.  Angase futhi acabange nangezingqungquthela ze-ANC eziphazanyiswa ngamalungu e-ANC atshengisa ubuluhlaza nokweyisa abaholi babo.  Kepha buza lowo wesifazane ukuthi lithini iQembu LeNkatha Yenkululeko ngokuhlonipha abasemagunyeni, uzokhuluma ngendlela enesithunzi esiqhuba ngayo izindaba zethu, noma indlela engisolwa ngayo ngokuthi "ngingundlovu kayiphendulwa" ngenxa yokuqinisa kweQembu lami ekuziphatheni okunenhlonipho nokulalela kanye nokuhleleka kwalo. 

 

Ngenkathi i-ANC ikhipha uMengameli esikhundleni ngaleyandlela engenasithunzi, yiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elasukuma ePhalamende labasola labo ababekwazi ukuphatha isikhundla seNhloko YoMbuso nganoma iyiphi enye indlela ngaphandle kwenhlonipho epheleleyo.

 

Ithini i-ANC ngendluzula na? Yebo, into yokuqala efika emqondweni yisimemezelo esingacatshangwanga ngokuyikho soMnu Julius Malema sokuthi uVukayibambe we-ANC "uyobulala ngenxa kaZuma".  Lokhu kuhambisana kahle kakhulu neculo elithandwa nguMnu Zuma.  Kepha ngabe ithini i-IFP ngendluzula na?  Into yokuqala efika emqondweni yindlela engabhalela ngayo lowo owanguMengameli, uMandela, nginxusa ukuba senze okhukhulelangoqo abahlanganyelweyo bemihlangano kweminye imiphakathi eyayidlavuzwe kakhulu yindluzula kulesiSifundazwe, ukuze siphakamise umlayezo wokuthi sasesiphelile isikhathi sendluzula.  Isithunzi sesidalwa esingumuntu, ukuhlonipha impilo yomuntu, ilungelo lokuvikeleka - yonke lemigomo yokuziphatha yiyo esekwa yi-IFP.

 

Ngisho noma ngabe abanyundeli bethu bombusazwe bangafuna kangakanani ukubhala umlando kabusha, ngisho neKhomishani Yamaqiniso Nokubuyisana (Truth and Reconciliation Commission) yafumana ukuthi ngangingakaze ngithumelr, ngiyekele noma ngigunyaze ukuhlukunyezwa kamalungelo esintu nganoma yisiphi isikhathi.  Umlayezo okuselokhu kwathi nhlo uphuma kumholi we-IFP ungumlayezo wokuthula.  Kangikaze nginithume ukuba nithathe izikhali nihlome.  Kangikaze ngisenze isiphakamiso sokuthi kufanele nibulale ngenxa yami.  Ngakho, uma kukhona noma ngubani ku-IFP ongake asho into embi kangako, ngingaba ngowokuqala ukumfaka ezinhlelweni zokuqondisa izigwegwe, ngisho ukuthi wenza iphutha.  Kuphi ukuziphatha okunenhlonipho nokulalela ku-ANC na? 

 

Ithini i-ANC ngenkohlakalo na? Lokhu kulula kakhulu, ngabe ngiyakudinga nokukudinga ukukuchaza na?  Isikhulu ngemuva kwesinye siqunjwa phansi ngamacala enkohlakalo, kepha kungake kuthiwe vu.  Kuphakathi kokuthi bayigcine imisebenzi yabo noma bakhushulwe ezikhundleni.  Kodwa uma kwenzeka begcina bengene ejele, bafumana ukuphathwa ngendlela ehlukileyo, kube nanethemba lesigwebo esinqanyulwayo.  Siya kongena okhethweni oluzayo likazwelonke sinethuba lokukhetha uMengameli obhekene namacala ayishumi nesithupha okukhwabanisa, inkohlakalo nokukhohlisa!  Sonke siyasazi isisho sesilungu esithi, 'inhlanzi iqala ukubola kusukela enhloko'.  Noma uMnu Zuma unalo icala noma akanalo, lokho kakuwuguquli umbono wokuthi i-ANC kayiyithathi inkohlakalo njengesici esifanele ukunyundela umuntu.  Ngenkathi uMnu Zuma, njengePhini lethu loMengameli, esuswa esikhundleni sakhe, ngathi mina 'inxeba lendoda kalihlekwa'.  Ngezwakalisa ithemba lokuthi lowo owayeyiPhini lethu loMengameli uyonikezwa ithuba lokuba aye ukuyozikhulumela enkantolo.  Kuyangidabukisa ukuthi lamacala abekwa wona okwenza iphutha azoqhubeka alengele phezu kwekhanda loMnu Zuma elingenacala njengenkemba okuke kukhulunywe ngayo ka-Damocles kuze kube nini nanini.  Lokhu ngeke kugcine ngokwengama isithunzi salowo owake waba yiPhini loMengameli wethu kuphela, kepha kuzokwengama nesithunzi sezwe lethu. Nganginethemba lokuthi lemibiko yayingeke inqunyelwe phezu kwesisekelo semibandela yomthetho, kepha ukuthi iyonqunywa ngendlela eyolisusa ngokupheleleyo lelifu, ngisho noma sonke sasingamthatha ngokuthi umsulwa, kuphela nje nxa bungekho ubufakazi benkantolo yomthetho bokuthi unecala. Kuyishwa elikhulu.  Kodwa kuyohlala kunombuzo emqondweni waleso naleso sakhamuzi wokuthi ngabe uMengameli wethu unecala yini noma umsulwa na?  Lesi yisimo esingafiseki neze.  Kuyadabukisa ukuthi uhlelo luthathe lwadonsa kakhulu, nokuthiseluphethe ngokusibeka lapho sikhona namhlanje ngaphandle kokuxazulula udaba.

 

Ngisho neBhayibheli likhuluma ngezimpawu ezifanele ukuba kumuntu ofisa ukungena ebuholini.  Encwadini yokuqala yoMphostoli uPhawulu kuThimothewu, isahluko 3 kuthiwa umholi kufanele "abe ngongasolekiyo" futhi "kumelwe ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle".  Kufanele ukuba aqale ngokuba ahlolwe, bese kuthi uma kungekho lutho asoleka ngalo, akwazi ukungena ebuholini.  IQembu LeNkatha Yenkululeko lisakholwa ngukuthi amaqiniso ngokuthengiselana ngezikhali kufanele adalulwe.  Encwadini Yokuqala yoMphostoli uPhawulu KwabaseThesalonika, isahluko 5 ivesi 22, kuthiwa, "dedani kukho konke okubonakala kukubi".

 

Asibuze manje ukuthi ngabe i-ANC ithini ngobubha na?  Ngenkathi iQembu LeNkatha Yenkululeko bekuselokhu kwathi nhlo lisezikanisweni lifundisa ngokuzisiza nokuzethemba, lakha izikole nemitholampilo, liqalisa imisebenzi yentuthuko yomphakathi, likhuthaza nokuphepha maqondana nokudla, obekusezihlokweni zamaphephandaba nge-ANC nxa sekuza emalini, yizigidi eziyizigidi ezingamashumi amabili nesishagalolunye zamarandi zemali eyachithwa ekuthengweni kwezikhali okudale impikiswano enkulu.  Buza lo owesifazane osesitaladini uktuhi ngabe yena wayengaqoka ukulekelelwa ukuba abeke ukudla etafuleni noma ukuba azi ukuthi umkhumbi omkhulukazi nodulayo ohamba ngaphansi kolwandle sekuseduze yini ukuba uphothulwe ukwakhiwa nokuba wehle wenyuka uvikela ugu lwethu na?  Ukuba ngangingumuntu obhejayo, ngangingafaka imali yami ekuphepheni maqondana nokudla, imisebenzi, imfundo, ukunakekelwa kwempilo, ukuphoyisa ezindaweni zasekhaya kanye nosizo enhlalweni yomphakathi.  Yilokho uquqaba lomuntu wesilisa nowesifazane abacabanga ngakho.

 

Ezingeni lesifundazwe, uhulumeni oholwa yi-ANC KwaZulu Natali usengamele uhlelo olukhulu kunazo zonke lokusetshenziswa kwemali ngokweqisa lesisifundazwe esake salubona.  I-IFP isikusho ikuphindelela ukuthi imigomo eyakhiwa ePitoli noma eKibhithawini kakusho ukuthi ifanelekile esimeni sesifundazwe noma sikahulumeni wasekhaya. Nendlela ye-ANC yesicathulo esilingana wonke umuntu seyehluleke iphindaphinda.  Kulesisifundazwe, imigomo yezomnotho yeqembu elibusayo seyibe nomnikelo esimeni esibucayi esibhekene naso kwezempilo nasemfundweni njengamanje.  Kukhona isimo esibucayi ngempela futhi kakusekho emandleni abo ukubhekana naso.  Kanti okubi kakhulu, yimikhonyovu ethile efana nehlazo lezinkomo zamaNguni ezingagcinanga nje ngokuba zinikezwe abalimi abancane, kepha ezanikezwa ngisho kwabona abakhethiweyo abakuhulumeni.  Kukhona nevenge elikhulu ebhange, Ithala, esalisungulela ukunikeza abampofu ukunababonke intuba yokufinyelela ekuhlinzekweni ngezimali, eliya kwabakhetheweyo kuhulumeni.

Yana kunoma yisiphi isibhedlela, uyozibonela ukuthi amashalofu emithi akanalutho kangakanani ngenxa yokuchithwa kwezimali ngokweqisa kulowoMnyango.  Usuhlangana nabantu bethi kungcono ukufela ekhaya kunokuba basiwe ezibhedlela zethu, ngenxa yalokhu kungabikho kwemithi. 

 

Ngenxa yokuthi lolukhetho oluzayo luqondene nokuhlanganisa intando yeningi, kungaba ngukudembesela kimi ukuba ngingambuzi owesifazane osesitaladini ukuthi ngabe ucabanga ukuthi i-ANC ithini ngentando yeningi na?.  IQembu LeNkatha Yenkululeko liyazi ukuthi intando yeningi isho inkululeko yokuzikhethela.  Kepha nxa kuqubuka amahlebezi okwakhiwa kweqembu elisha lombusazwe, abasobambiswaneni lwe-ANC bagxuma babheke phezulu bamemeze bathi "sizobacoboshisa".  I-ANC kuyithukuthelisa kabi ukuphikiswa.  Iyehluleka ukukuqonda ukuthi abantu banelungelo lokukhetha ubuholi obehlukileyo nokuthi lokhu yikho intando yeningi eqondene nakho.  Ngisho noMengameli we-ANC watshengisa ukungazi, kungasakhulunywa ngokuqhosha, ngenkathi ngelinye ilanga ethi: "I-ANC iyobusa kuze kubuye indodana yomuntu".

 

Kufanele ngengeze ngokuthi nxa isilwane sibhajwe egumbini, siyaluma.  Ukuba konke kwakukuhle ku-ANC, beyingasoze yasebenzisa izinsongo nokwesabisa ukuqhuba lokho okubonakala kungumgomo wayo wombuso weqembu elilodwa.  Izinto kazilungile neze ku-ANC. Ngabe elaKwaZulu Natali lingakumela yini ukuholwa yiqembu elisesimeni esibucayi na?  Ngabe iNingizimu ne-Afrika ingakumela yini ukubukela isimo esibucayi emnothweni womhlaba, isimo esibucayi sesandulela-ngculaza nengculaza, isimo esibucayi sokungaqashwa, isimo esibucayi sobugebengu, isimo esibucayi emfundweni kanye nesimo esibucayi ekuhlinzekweni kwezindlu, ihlale nje yakhe umkhanya ngenkathi ibukele sijula isimo esibucayi ngaphakathi eqenjini elibusayo na?  Kepha uzwa umholi we-ANC uqobo lwakhe eqhikiza amahlombe akhe kumabonakude ethi, 'isimo esibucayi?

Nisho siphi isimo esibucayi?'

 

Kayisekho indlela yokusiphika isimo esibucayi.  Ukubheduka okusanda kwenzeka ezikhundleni eziphezulu zobuholi ezweni lakithi kunikeza ubufakazi boqhekeko eqenjini elibusayo. NgeNgqungquthela-Jikelele yethu Yonyaka ngo-Agasti, kuwo lonyaka, ngexwayisa ngathi kukhona abashayeli ababili bomkhumbi nokuthi umkhumbi we-ANC usenkingeni.  IQembu kalikwazi ukuholwa ngabaholi ababili.

UMnu Thabo Mbeki wacelwa ukuba ashiye isikhundla sobemengameli ngendlela nangejubane elashiya iningi baseNingizimu ne-Afrika benkemile ngokungakholwa, kwakhethwa uMengameli Kgalema Motlanthe, ezinyangeni nje ngemuva kokufakwa kwakhe eMkhandlwini Kazwelonke.  Indlela enesithunzi uMnu Mbeki aphuma ngayo yenza okuncane kakhulu ukwemboza uqhekeko ngenkathi oNgqongqoshe abayishumi nanye nePhini loMengameli nabo behla ezikhundleni zabo ngaso lesosikhathi. 

 

Isahlukaniso ngaphakathi ku-ANC sesifake iqembu enxushunxushwini ejulileyo.

Kuyamangalisa ukuthi ezinyangeni ezimbili nje ezedlule, uMnu Zuma wenza isitatimede Emgababa esaqubula amahlebezi "omshado" phakathi kwe-ANC ne-IFP.

Ngokusombuluka kwezehlo zakamuva, umuntu akakwazi ukuba angamangali azibuze noma ngabe wayesevele esesihlelile yini isahlukaniso se-ANC nokuthi ngabe wayesethungatha omunye "umfazi' yini.  Kepha thina kasizange sikwemukele ukuqonyiswa ngaleyonkathi futhi ngeke siqome namanje.

 

Kubonakala sengathi i-ANC isafunda ebhukwini elithi "Umbusazwe Wabasaqalayo", njengoba isasebenzisa amatulo afanayo namadala zonke izinketho.  Bazama ukudida abavoti ukuba bakholwe ngukuthi i-IFP izohlangana ne-ANC, ukuze abavoti bathi "kakusizi ngalutho ukuvotela i-IFP, uma sebevele sebengene ku-ANC".  Ngicela ukukusho kuzwakale kahle kucace - iQembu LeNkatha Yenkululeko (i-IFP) liyiqembu elizimeleyo.  Simele imogomo yokuziphatha ecacileyo, engakwaziyo ukufakwa ebucayini.  Ngeke sihlanganyele enxushunxushwini eku-ANC.  Ngeke sinindwe yisimo sombusazwe esibucayi.

Kuyakhuluma ukuthi amazwi oMnu Zuma okubuyisana akazange alandelwe ngumoya onehlonipho ngasohlangothini lobuholi beqembu lakhe esifundazweni owawubhekiswe ku-IFP.  Kayikho inhloso yokuhlangana noma umshado phakathi kwethu.

 

Iqembu elibusayo seliwuqalisile umkhankaso walo wokhetho.  Umkhankaso walo ugxile ekuqiniseni amazipho alo kwelaKwaZulu Natali nakuyoyonke iNingizimu ne-Afrika.  Thina kufanele sigxile ngokusobala ekuqhaqheni lawo mazipho.

Into yokuqala efanele ukuba semiqondweni yethu, kufanele kube yukhetho.

Ukuthi sikukhulisa kanjani ukwesekwa kwethu futhi silibuyisa kanjani elaKwaZulu Natali sifumane nokwesekwa nakwezinye iZifundazwe na?  Lokhu kasikwenzeli amandla nje ngenxa yawo, kepha sikwenzela abantu baseNingizimu ne-Afrika abadinga ubuholi obusha.  IQembu LeNkatha Yenkululeko linolwazi ngokubusa.  Umlando wethu uyisimangaliso.  Iqembu lethu lihlangene futhi likulungele ukuhola.  Izakhiwo zethu sezakhiwe futhi namalungu ethu akulungele ukusebenza. 

 

Kulesisikhathi, ngifisa ukusebenzisa lelithuba ngincome uMbutho Wabesifazane ngokuhlonipha ubuholi beqembu, ukulandela imigomo yeqembu nokutshengisa inhlonipho nokulalela, ngenkathi beqhubeka bethatha isinyathelo sokuqhuba imisebenzi yokukhushulwa nokuthuthukiswa komphakathi.  Ngifisa futhi nokuhalalisela uNkosikazi Thembi Nzuza ngonyaka owodwa ebambe amatomu oMbutho Wabesifazane.  Indima yakhe isiklanyiwe manje njengoba sigijima sibheke okhethweni nomgomo ocacileyo ozwakalisa imigomo yokuziphatha yeQembu LeNkatha Yenkululeko esizweni esesilahlekelwe yindlela ngenxa yokuba abaholi balo sephambukile endleleni yomsebenzi abawuthunyiweyo wokusebenzela abanye abantu.

 

Abesifazane sekufanele basukume manje babhekane nenselelo yokuba bakhulume umbusazwe, bezwakalise nokuthi yiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elingasibuyisela endleleni yokunethezeka, isimo esizinzileyo nokuvikeleka.

YiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elingakwazi ukugwedla lomkhumbi liwudlulise ezivunguvungwini zombusazwe, ngoba linobunye, linesibindi futhi lizinikele ekusebenzeleni lesisizwe.  Yimigomo yezomnotho yeQembu leNkatha Yenkululeko kuphela engasilekelela ukuba sedlule kulesisimo esibucayi kwezomnotho emhlabeni esiphezu kwethu.  YiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela elinesibindi ngokweneleyo ukuvuma ukuthi iNingizimu ne-Afrika idinga usizo.

Ngeke sihlale phansi sithi dekle noma siqhoshe ngempumelelo yethu yesikhathi sethu esedlule.  Futhi ngeke siguqule leyo naleyonkinga siyenze umbukiso wobunye bethu osemcabangweni.

 

Ngiyazi ukuthi siyiQembu elimesabayo uNkulunkulu nelingenawo amahloni okumemezela ukuthembela kwethu kuNkulunkulu.  Kodwa kufanele ngixwayise ngalokhu.  Ngisho kwayena uSomandla angasiza labo abazisiza bona zingqobo zabo kuphela.  Ukuba ngangikwazi ukwenza intando yami, ngabe nonke niyasitshena ukuthi lowo nalowo wenu nenzani ukubutha ukwesekwa kwethu ngamavoti ezindaweni zenu.  Kakwenele ukuba sivele sisebenze amaziko ethu kuphela.  Sidinga ukubutha ukwesekwa sedlule emalungeni anamathikithi obulungu beQembu lethu nje kuphela.  Yilokho okubizwa ngevoti elintantayo okuyikhona okuphendula isikali kunoma yiluphi ukhetho.  Ngingafisa ukwazi ukuthi ngabe senike nabalekelela nje abantu abasha abazofinyelela eminyakeni eyishumi nesishagalolunye ukuba bafumane omazisi ukuze bakwazi ukuvota ngonyaka ozayo.  Ngingafisa ukwazi noma senike nawahlola yini amalungu ethu anomazisi ukuthi abhalisile ezikhungweni zokuvota ezifaneleyo na.

Ngingafisa ukwazi ngaphambi kokuba kwedlule lengqungquthela ukuthi bangakhi kini enikuleNgqungquthela esenike navolontiya ukuba nibe ngabaqaphi ezikhungweni zethu zokuvota okhethweni lwangonyaka ozayo.  Ngifisa ukwazi ukuthi mizamo mini eseniyenzile ukuqoqa izimali ukuze labo abavolontiya ukuba ngabaqaphi bezikhungo zethu zokuvota bakwazi ukufumana izinto zokubathutha nokuba baphiwe ukudla.  Lezi yizona zinto ezifanele ukuxakekisa lowo nalowo kithi kulezizinyanga ezimbalwa ezizayo.  Uma ningazenzi, lokho kungasho ukuthi ukunqotshwa kwethu sekunesiqiniseko.

 

Kudingeka kakhulu ukuthembeka, ubuqotho nesibindi seQembu LeNkatha Yenkululeko.  Ukhetho oluzayo yilo oluzolawula ikusasa lezwe lakithi.

Ukunqoba kwe-ANC ngamavoti amaningi kakhulu kuyosho ukuhhidlika kwezwe lakithi liyongena esiweni.  Kuyokwemboza iNingizimu ne-Afrika ngombusazwe wokubhocana ngodaka.  Kasifuni ukuba izwe lethu lingcwatshwe wukuhhidlika komhlaba wombusazwe ngenxa yombusazwe nje, lapho kungekho ludaba lwempela okubhekwana nalo.  Ukuze zonke izindaba zempela zikhishwe ekuxovweni yi-ANC, kumqoka ukuba ukunqoba okuyingqophamlando kwe-IFP okhethweni lwangonyaka ozayo kuthumele umlayezo wokuthi abantu balelizwe sebesuthi, ngakho sebefuna uguquko.

 

IQembu LeNkatha Yenkukuleko linamandla oguquko.  Okudingwa yiNingizimu ne-Afrika. nelaKwaZulu Natali ikakhulukazi, yinto engamuki ilandele ukugeleza kwamanzi.  Abesifazane kabasakwazi ukuba beme bakhe umkhanya, babukele ngenkathi kuqoshwa umlando walelizwe.  Nidinga ukuba nisukume niphumele obala: thathani izikhundla zobuholi nihole njengoba kungahola aesifazane kuphela.  Yenzani lokho njengabesifazane beseNingizimu ne-Afrika bazozonke izinhlanga namasiko.  Kufanele sigxile ezinhlelweni zethu zokusebenza eziphathekayo, emaqhingeni ethu okusebenza aphathekayo kanye nasemaswini ethu okusebenza aphathekayo.  Ukusebeza yikho okumqoka manje; ngakho amazwi abesifazane bethu kufanele baqalise ukuphehla izinto ukuze kusetshenzwe.

 

Manje, ukwedlula noma yisiphi esinye isikhathi, ngethembele kwabesifazane beQembu Lenkatha Yenkululeko.  Manje, ukwedlula noma yisiphi esinye isikhathi, iNingizimu ne-Afrika kufanele yethembele kwabesifazane beQembu LeNkatha Yenkululeko, abayinqaba yesizwe sethu yethemba nokuthembeka.

Iqhaza lenu licacisiwe: yibani yizwi lemigomo yokuziphatha ecacileyo, ethembekileyo nephilayo. Yibani yizwi lemigomo yokuziphatha iQembu LeNkatha Yenkululeko elizoyedlulisela enyakeni wokhetho nelizoyithatha liyibeke ngale kokhetho.  Yibani yizwi lemigomo yokuziphatha iNingizimu ne-Afrika eyidingayo esikhathini esikhathini esibucayi enhlalweni yophakathi, kwezomnotho nakwezombusazwe.  Yibani yizwi lethemba nezwi lokunokwenzeka.

Kufanele abavoti sibatshengise elinye ithuba lempela abangalikhetha.

 

 

Contact:
Jon Cayzer, 084 555 7144