| |
umlayezo ovela
kuMntwana Mangosuthu Buthelezi iLungu lePhalamende uMengameli
weQembu LeNkatha Yenkululeko
EMFOLOZI FET COLLEGE:
ESHOWE: NOVEMBA 11,
2006
USihlalo WeSifundazwe
saKwaZulu Natali woMbutho Wabesifazane namalungu eSigungu soMbutho
Wabesifazane eSifundazweni, uSihlalo WeSifundazwe saKwaZulu Natali
woMbutho Wentsha namalungu eSigungu soMbutho Wentsha eSifundazweni,
abanye abaholi abaphezulu beQembu LeNkatha Yenkululeko abakhona, bo-Comrade
nonke!
Ngidabuka kakhulu ukuthi ngenxa yokuthi ngize ngezwa ngoLwesibili
nje ngaleNgqungquthela, ngenkathi besengivele ngavuma ezinyangeni
eziningi ezedlule ukuba ngiye kokhuluma Egoli namhlanje, kangikwazi
ukuba ngibenani kuleNgqungquthela.
Cisho lezi yizigaba ezimqoka kunazozonke zezakhiwo zeQembu lethu.
KukulesiSifundazwe, lapho iQembu lifumane khona ukwesekwa kwalo
okukhulu kunakho konke ezinkethweni kusukela ngo-1994. Abesifazane
netsha yethu sebebengumgogodla waleliQembu kusukela ekusungulweni
kwalo kuze kube namhlanje. Lokhu kufanele kukhombe ukubaluleka
kweMibutho yeQembu LeNkatha Yenkululeko yaBesifazane Neyentsha
yakulesiSifundazwe njengenjini yoqobo yayoyonke impumelelo
esesibenayo njengeQembu eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu.
Yingakho nje ngiphatheke kabi kakhulu ukuba ngincisheke ithuba
lokuba ngibenani kuleNgqungquthela yalonyaka ehlanganyelweyo emqoka
kangaka yoMbutho Wabesifazane noMbutho Wentsha yalesiSifundazwe,
ngokuba ngingaziswa ngayo kusenesikhathi.
Iningi lenu nanikhona eNgqungqutheleni yethu yonyaka ebingenyanga
edlule futhi niyaziqonda izinselelo esibhekene nazo njengeQembu.
UMbutho wethu Wabesifazane kawukayeki ukubayikhala lomzabalazo wethu
namhlanje, njengoba wawunjalo nangaphambi kwenkululeko yezwe lakithi.
Kusukela kwasekuqaleni, iSakhiwo sethu sihlinzeka ukuba lamaphiko
amabili ombutho, uphiko lwethu loMbutho Wabesifazane noPhiko lwethu
loMbutho Wentsha, kube yiwo ahola izimpi zethu. Ngiwafanisa
nezimpondo zamabutho kaZulu eziyingxenye yeqhinga elasungulwa
nguMqambi wethu nosomaqhinga kwezempi, walisebenzisa emabuthweni
akhe.
Ngakho ngikuthokozele ukuthi leNgqungquthela iyiNgqungquthela
yokhetho ehlanganyelweyo yezakhiwo ezimqoka kunazozonke zeQembu
lethu.
Uma Lombutho Wabesfazane weSifundazwe naloMbutho Wentsha
weSifundazwe ingaqinile, kakukho lutho esingalufeza njengeQembu,
ngoba ingxenye enkulu yokwesekwa kwethu ezinkethweni ivela
kulesiSifundazwe, njengoba sengike ngasho.
Lokhu nje kukodwa kwenza leNgqungquthela yokhetho ehlanganyelweyo
ibaluleke kakhulu ngenxa yokuthi sisalelwe yiminyaka emibili nje
kuphela ngaphambi kokhetho-jikelele. Nginovalo lokuthi ninesibopho
esikhulu nxa senikhetha labo abazohola ibutho lethu nxa seliyokulwa
impi. Kumqoka ukuba nikhethe abantu abafaneleyo ukuba bahole impi
yethu ukuze sinqobe empini esasihlaleleyo. Kumqoka ukukhetha abantu
abazoqiniseka ukuthi siyaphumelela. Kufanele nifune abantu
abanezimpawu zokusihola ngenkathi silwa lempi ephambi kwethu.
Kukhona isilinganiso esibucayi kakhulu esidinga ukusiqaphela nxa
sikhetha abaholi. Kungase kubemqoka ukubagcina abaholi eninabo
njengamanje uma nenelisiwe ukuthi bangabezinga elihle kunawowonke
ukuba babambe amatomu obuholi. Kasikho isizathu sokuba bangaqhubeki
nokwenza umsebenzi omuhle, lokhu ngikusho uma nicabanga ukuthi
bebenza konke okusemandleni abo.
Ngakolunye uhlangothi, kungaba ngukuzinquma oqhoqhoqho ukugcina
abantu ezikhundleni ngokuba niphinde nibakhethe noma kungekho lutho
abalwenzileyo ukuqhubela phambili umgomo wethu kusukela esikhathini
enabakhetha ngaso.
Laba ngabantu abebehlezi nje bethe dekle ezikhundleni enabanikeza
zona ngokhetho olwedlule, nabangenzanga lutho ukuqhubela phambili
izinhlahla zaleliQembu. Ukuhlehlela emuva esibenakho okhethweni
luka-2004 nasokhethweni lukahulumeni wasekhaya ngasekuqaleni
kwalonyaka, kufanele kufane nokukhala kwensimbi enitshena ukuthi
kufanele nivuke nonke manje emaqandeni. Kwakhanya ukuthi uma
besinamabutho anamandla eSifundazweni eMbuthweni Wabesifazane
naseMbuthweni Wentsha, bekungafanele ukuba sibenaloluhlobo
lokuhlehlela emuva iQembu lethu elibe nakho kulezizinketho
engikhuluma ngazo. Esinye sezizathu zalokhu kuhlehlela emuva
kubeyimizamo eyenziweyo yokubhidliza iQembu ngaphakathi ngokudala
uqhekeko olubenomphumela wokuba kusungulwe iqembu elisha. Uma
sasinobholi obunamandla kulesiSifundazwe eMbuthweni Wabesifazane
naseMbuthweni Wentsha, besingeke sibenakho lokhu kuhlehlela emuva
okhethweni okusibize oMasipala abaningi kangaka abebeholwa yiQembu
lethu kulesiSifundazwe. Ngikhuluma nani obala nje ukuthi ukuze
kusizakale leliQembu nokuba kusizakale impumelelo yalo, kakufanele
ukuba nicabange ngokukhetha abangani benu nibafake ezikhundleni
zobuholi lapho bebayizibonda eziyindilinga khona emigodini
eyizikwele!
Ake sikhulume nje ngokusobala singancengani. Lwenzeke kakhulu
loluhlobo lwento eNgqungqutheleni yethu yeSifundazwe edlule. Ngicela
ukuba ningalibhihlizi iqembu ngokudlala loluhlobo lwemidlalo
ngenkathi isimo sisimele kabi kangaka, njengoba sengike ngasho.
Ngiyaninxusa ukuba nithembeke nxa nikhetha abantu kusasuka phansi
nje ngenkathi niphakamisa amagama, ngicela nisebenzise ubuqotho.
Phakamisa igama uma ekujuleni kwenhliziyo yakho wenelisiwe ngukuthi
lowomuntu uzowuqhubela phambili umgomo wethu nokuthi uzokwenza
umnikelo ekuhlelweni kweQembu ukuze liphumelele.
LeliQembu liyiQembu elizabalazayo, ngakho sidinga abantu abazoba
ngabaholi abakuqondayo lokhu nabazimisele ukwenza umnikelo
empumelelweni yeQembu.
Abantu abazimisele ngokubhunkula, ukuze kusizakale iQembu. Abantu
abangadingi ukuba kubekhona umuntu ozohlala ebamele ngemuva ukuze
balisebenzele ngenkuthalo iQembu.
Sengikuqaphelile eminyakeni ukuthi nxa abantu abathile bevuma
ukumela izikhundla ezithile eQenjini, ukuthi lokho bakwenza bazi
kahle ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuthi kabazimisele ukusebenza
ngokuzikhandla.
Ngukusebenza ngokuzikhandla kuphela okuzoqhubela phambili izinhlahla
zeQembu lethu. Ngakho ngiyacela bakithi, ningakwemukeli
ukuphakanyiswa kwamagama enu ngoba nje umuntu efuna ukwengeza ku-CV
yakhe ukuthi yena ungusibanibani, ophethe isikhundla esithile
eQenjini.
Ngakho ngiyabanxusa labo benu abazophakamisa abantu abazongenela
izikhundla zokuba yiziphathimandla zeQembu kuleminyaka emibili ezayo
ngaphambi kokuba siye okhethweni, ukuba nithembeke nxa niphakamisa
lawo magama. Khohlwani ngukuphakamisa abangani benu abangenakho
kwakhona nje kubo ukusebenza ngokuzikhandla, bangawagodli amandla
abo besebenzela iQembu kuleminyaka emibili ezayo. Isikhathi
sokudlala lolohlobo lwemidlalo sesiphelile uma sizofeza ukuvuselelwa
nokuzalwa kabusha kweQembu esengikhulume nani ngakho kuleminyaka
emithathu edlule.
Kuliqiniso ukuthi kunabantu abaningi esibakhethayo kulezizinketho
abasidumazayo sonke ngoba bangamavila amakhulu, behluleka ngisho
nokuphakamisa ucikicane wodwa lo nxa sekuza ekufezeni izimfuno
zobuholi.
Ngiyazi ukuthi phakathi ekujuleni kwezinhliziyo zenu ninalo
loluhlobo lwabantu ngisho naphakathi kwalabo enabakhetha ngokhetho
olwedlule.
Namhlanje ngiyaninxusa ukuba ningalibhidlizi iQembu ngokubuyisela
lolohlobo lwabantu abafe bephila ezikhundleni abebeziphethe, ngoba
nje nifuna ukubajabulisa. Lolukhetho kalusilo ithuba lokutobozana
nokuzazisa kwalabo abangabangani bakho. Izinhlangano eziningi
sezabulawa ngabantu balolohlobo, abakhethelwa ezikhundleni
ngaphandle kokucabangisisa ukuthi ngabe labobantu banazo yini
izimpawu zobuholi iQembu LeNkatha Yenkululeko elibudinga kangaka
kulesisimo esizifumana sikuso. Ngisazokubona ukwethembeka
okuzokutshengiswa namhlanje ngabantu abaphethe izikhundla
njengamanje kuyoyomibili leMibutho yethu, abaziyo ukuthi kakukho
lutho abalwenzileyo ukuqhubela umgomo wethu phambili nganoma iyiphi
indlela. Ngilindele abantu abathembekileyo ukuba benqabe uma bezoba
nonembeza abamsulwa abazobenza bangakwazi ukukhomba noma yini
abayenzileyo kusukela bakhethwa ngeNgqungquthela yokhetho edlule.
Ngeviki eledlule nje umholi we-ANC kulesiSifundazwe usiphosele
inselelo ngenkathi ekhipha ozakwethu ababili eSigungwini sakhe.
Kasinayo enye indlela ngaphandle kokuba siyemukele inselelo. Lokhu
kusho ukuthi kulesiSifundazwe ikakhulukazi, kakusafanele ukuba
sincenge. Kasisazidingi izinkuni ezibolileyo ematomini ayo yomibili
leMibutho yethu kulesisikhathi emlandweni wethu. Ukwemukela inselelo
esesiyiphoselwe ngumholi we-ANC, kusho ukuzikhandla okukhulu. Yileyo
impendulo engiyilindele kini.
Ngiyadabuka ukuthi kangikwazi ukusho lamazwi nginigqolozele
emehlweni ngqo, ukuze nibone ukuqiniseka kokuninxusa kwami, ukuba
nisenzele okufaneleyo kuleNgqungquthela yokhetho. Ngiyacela ukuba
ningalidumazi iQembu.
Hlolisisani onembeza benu ngenkathi niphakamisa amagama abantu
abazokhethwa nangenkathi nivotela abantu.
Kukhona enye into futhi engibona ukuthi kufanele siyiqonde. Kuyinto
enhle futhi ukuba sifunde ukunikeza abanye abantu amathuba ukuba
nabo batshengise izimpawu zabo zobuholi. Mina nganikela ngokuba
ngesule ngonyaka ka-2004, ngaphinda futhi ngomhlaka-8 Apreli kuwo
lonyaka. Lokhu kwakungenxa yokuba izitha zethu zase zigxilise
ezingqondweni zabambalwa phakathi kwethu ukuthi leliQembu lidinga
omunye umuntu ebuholini balo ongalihola kangcono kunendlela mina
engilihola ngalo. Ngalesisizathu nganikeza iQembu ithuba lokuba
licinge omunye umuntu ngoba ngangingafuni ukuba ngibe yisithiyo
empumelelweni yaleliQembu. Kuzozombili lezizikhathi, ngabona ukuthi
kufanele nginikeze abanye ithuba lokwenza kangcono kunami. Kuyinto
esingayithokozela sonke uma kungabakhona phakathi kwabantu
enabakhetha ngokwedlule, abathile abangase babone ukuthi kabakwazi
ukusinikeza konke okusemandleni abo kuleminyaka emibili ebucayi
ngaphambi kokhetho luka-2009, nganoma yisiphi isizathu, ukuba
labobantu benqabe ukuba kuphakanyiswe amagama abo. Kakufanele ngisho
nokuba bacabange ukuthi bayizehluleki. Qha.
Abantu asebevele bebambeke ngokweqisa kunoma yini enye abayenzayo,
ukuba bangaphumelela ukusinikeza lesosikhathi sokwengeza eQenjini,
kufanele bethembeke benqabe ukuba kuphakanyiswe amagama abo ukuze
kusizakale iQembu.
Sifuna abantu abazokuqonda ukuthi ukuba yisiphathimandla eSigungwini
soMbutho Wabesifazane noma eSigungwini soMbutho Wentsha kakulona nje
ithuba lokuthasisela okuthile emlandweni wabo, uma umuntu engenaso
isikhathi noma amandla okwethula umsebenzi. Umuntu angaphumelela
kuphela ukwethula umsebenzi ngokusebenza ngokuzikhandla. Kuyoyonke
leminyaka ngigcizelele ukuthi umuntu akakwazi ukuba athi usebenza
ngokuzikhandla ngaphandle kokuba usebenza ngisho nalapho usubona
ukuthi sekubuhlungu ukusebenza!
Ngamafushane, ubuholi bufanele ukusho ukusebenza ungalali. Noma
ngubani ongazimisele ukwenza lokho, kakufanele ukuba amele ukhetho
namhlanje.
Sidinga abantu abazimisele ukusebenza kanzima nabazimisele
ukuqhubeka nokusebenza kanzima, baphinde basebenze kanzima futhi
size sifeze izinjongo zethu ngokwethula ukusizakala kubantu bakithi,
okuthi naphezu kwenkululeko yethu, basaqhubeka nokuba YIZINKUBELE
ZOBUGEBENGU, UKUNGAQASHWA, YISIFO SENGCULAZI, UBUBHA, kanye
nokuntuleka kwamanye amathuba okufinyelela ekugcwalisekeni kwabo.
Njengoba nginibhalela lomlayezo, kuphakathi kwamabili futhi
ngikholweni nxa ngithi kakusiyo neze into engajwayelekile le.
Selokhu kwathi nhlo, ngibona ukuthi ngisho nakho konke okusemandleni
ami kakwenele ngempela.
Nginifisela ukhetho oluyimpumelelo, sengathi uNkulunkulu uBaba
angabanathi namhlanje, ngoba lokukhetho yilo oluzonquma ikusasa
leQembu LeNkatha Yenkululeko, ukuthi ngabe lizoqhubeka yini nokuba
neqhaza esikhathini esizayo. Ngicela ukuba nihlolisise onembeza benu
ngaphambi kokuba niphakamise amagama abazomela ukhetho noma
ngaphambi kokuba nivote. |