INGQUNGQUTHELA YESIFUNDAZWE SAKWAZULU NATALI EHLANGANYELWEYO YOMBUTHO WABESIFAZANE NOMBUTHO WENTSHA -
INGQUNGQUTHELA YOKHETHO
 

 


umlayezo ovela kuMntwana Mangosuthu Buthelezi iLungu lePhalamende uMengameli weQembu LeNkatha Yenkululeko
 

EMFOLOZI FET COLLEGE: ESHOWE: NOVEMBA 11, 2006

USihlalo WeSifundazwe saKwaZulu Natali woMbutho Wabesifazane namalungu eSigungu soMbutho Wabesifazane eSifundazweni, uSihlalo WeSifundazwe saKwaZulu Natali woMbutho Wentsha namalungu eSigungu soMbutho Wentsha eSifundazweni, abanye abaholi abaphezulu beQembu LeNkatha Yenkululeko abakhona, bo-Comrade nonke!

Ngidabuka kakhulu ukuthi ngenxa yokuthi ngize ngezwa ngoLwesibili nje ngaleNgqungquthela, ngenkathi besengivele ngavuma ezinyangeni eziningi ezedlule ukuba ngiye kokhuluma Egoli namhlanje, kangikwazi ukuba ngibenani kuleNgqungquthela.

Cisho lezi yizigaba ezimqoka kunazozonke zezakhiwo zeQembu lethu.
KukulesiSifundazwe, lapho iQembu lifumane khona ukwesekwa kwalo okukhulu kunakho konke ezinkethweni kusukela ngo-1994. Abesifazane netsha yethu sebebengumgogodla waleliQembu kusukela ekusungulweni kwalo kuze kube namhlanje. Lokhu kufanele kukhombe ukubaluleka kweMibutho yeQembu LeNkatha Yenkululeko yaBesifazane Neyentsha yakulesiSifundazwe njengenjini yoqobo yayoyonke impumelelo esesibenayo njengeQembu eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu. Yingakho nje ngiphatheke kabi kakhulu ukuba ngincisheke ithuba lokuba ngibenani kuleNgqungquthela yalonyaka ehlanganyelweyo emqoka kangaka yoMbutho Wabesifazane noMbutho Wentsha yalesiSifundazwe, ngokuba ngingaziswa ngayo kusenesikhathi.

Iningi lenu nanikhona eNgqungqutheleni yethu yonyaka ebingenyanga edlule futhi niyaziqonda izinselelo esibhekene nazo njengeQembu. UMbutho wethu Wabesifazane kawukayeki ukubayikhala lomzabalazo wethu namhlanje, njengoba wawunjalo nangaphambi kwenkululeko yezwe lakithi. Kusukela kwasekuqaleni, iSakhiwo sethu sihlinzeka ukuba lamaphiko amabili ombutho, uphiko lwethu loMbutho Wabesifazane noPhiko lwethu loMbutho Wentsha, kube yiwo ahola izimpi zethu. Ngiwafanisa nezimpondo zamabutho kaZulu eziyingxenye yeqhinga elasungulwa nguMqambi wethu nosomaqhinga kwezempi, walisebenzisa emabuthweni akhe.

Ngakho ngikuthokozele ukuthi leNgqungquthela iyiNgqungquthela yokhetho ehlanganyelweyo yezakhiwo ezimqoka kunazozonke zeQembu lethu.

Uma Lombutho Wabesfazane weSifundazwe naloMbutho Wentsha weSifundazwe ingaqinile, kakukho lutho esingalufeza njengeQembu, ngoba ingxenye enkulu yokwesekwa kwethu ezinkethweni ivela kulesiSifundazwe, njengoba sengike ngasho.

Lokhu nje kukodwa kwenza leNgqungquthela yokhetho ehlanganyelweyo ibaluleke kakhulu ngenxa yokuthi sisalelwe yiminyaka emibili nje kuphela ngaphambi kokhetho-jikelele. Nginovalo lokuthi ninesibopho esikhulu nxa senikhetha labo abazohola ibutho lethu nxa seliyokulwa impi. Kumqoka ukuba nikhethe abantu abafaneleyo ukuba bahole impi yethu ukuze sinqobe empini esasihlaleleyo. Kumqoka ukukhetha abantu abazoqiniseka ukuthi siyaphumelela. Kufanele nifune abantu abanezimpawu zokusihola ngenkathi silwa lempi ephambi kwethu.

Kukhona isilinganiso esibucayi kakhulu esidinga ukusiqaphela nxa sikhetha abaholi. Kungase kubemqoka ukubagcina abaholi eninabo njengamanje uma nenelisiwe ukuthi bangabezinga elihle kunawowonke ukuba babambe amatomu obuholi. Kasikho isizathu sokuba bangaqhubeki nokwenza umsebenzi omuhle, lokhu ngikusho uma nicabanga ukuthi bebenza konke okusemandleni abo.
Ngakolunye uhlangothi, kungaba ngukuzinquma oqhoqhoqho ukugcina abantu ezikhundleni ngokuba niphinde nibakhethe noma kungekho lutho abalwenzileyo ukuqhubela phambili umgomo wethu kusukela esikhathini enabakhetha ngaso.
Laba ngabantu abebehlezi nje bethe dekle ezikhundleni enabanikeza zona ngokhetho olwedlule, nabangenzanga lutho ukuqhubela phambili izinhlahla zaleliQembu. Ukuhlehlela emuva esibenakho okhethweni luka-2004 nasokhethweni lukahulumeni wasekhaya ngasekuqaleni kwalonyaka, kufanele kufane nokukhala kwensimbi enitshena ukuthi kufanele nivuke nonke manje emaqandeni. Kwakhanya ukuthi uma besinamabutho anamandla eSifundazweni eMbuthweni Wabesifazane naseMbuthweni Wentsha, bekungafanele ukuba sibenaloluhlobo lokuhlehlela emuva iQembu lethu elibe nakho kulezizinketho engikhuluma ngazo. Esinye sezizathu zalokhu kuhlehlela emuva kubeyimizamo eyenziweyo yokubhidliza iQembu ngaphakathi ngokudala uqhekeko olubenomphumela wokuba kusungulwe iqembu elisha. Uma sasinobholi obunamandla kulesiSifundazwe eMbuthweni Wabesifazane naseMbuthweni Wentsha, besingeke sibenakho lokhu kuhlehlela emuva okhethweni okusibize oMasipala abaningi kangaka abebeholwa yiQembu lethu kulesiSifundazwe. Ngikhuluma nani obala nje ukuthi ukuze kusizakale leliQembu nokuba kusizakale impumelelo yalo, kakufanele ukuba nicabange ngokukhetha abangani benu nibafake ezikhundleni zobuholi lapho bebayizibonda eziyindilinga khona emigodini eyizikwele!

Ake sikhulume nje ngokusobala singancengani. Lwenzeke kakhulu loluhlobo lwento eNgqungqutheleni yethu yeSifundazwe edlule. Ngicela ukuba ningalibhihlizi iqembu ngokudlala loluhlobo lwemidlalo ngenkathi isimo sisimele kabi kangaka, njengoba sengike ngasho. Ngiyaninxusa ukuba nithembeke nxa nikhetha abantu kusasuka phansi nje ngenkathi niphakamisa amagama, ngicela nisebenzise ubuqotho. Phakamisa igama uma ekujuleni kwenhliziyo yakho wenelisiwe ngukuthi lowomuntu uzowuqhubela phambili umgomo wethu nokuthi uzokwenza umnikelo ekuhlelweni kweQembu ukuze liphumelele.

LeliQembu liyiQembu elizabalazayo, ngakho sidinga abantu abazoba ngabaholi abakuqondayo lokhu nabazimisele ukwenza umnikelo empumelelweni yeQembu.
Abantu abazimisele ngokubhunkula, ukuze kusizakale iQembu. Abantu abangadingi ukuba kubekhona umuntu ozohlala ebamele ngemuva ukuze balisebenzele ngenkuthalo iQembu.

Sengikuqaphelile eminyakeni ukuthi nxa abantu abathile bevuma ukumela izikhundla ezithile eQenjini, ukuthi lokho bakwenza bazi kahle ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuthi kabazimisele ukusebenza ngokuzikhandla.
Ngukusebenza ngokuzikhandla kuphela okuzoqhubela phambili izinhlahla zeQembu lethu. Ngakho ngiyacela bakithi, ningakwemukeli ukuphakanyiswa kwamagama enu ngoba nje umuntu efuna ukwengeza ku-CV yakhe ukuthi yena ungusibanibani, ophethe isikhundla esithile eQenjini.

Ngakho ngiyabanxusa labo benu abazophakamisa abantu abazongenela izikhundla zokuba yiziphathimandla zeQembu kuleminyaka emibili ezayo ngaphambi kokuba siye okhethweni, ukuba nithembeke nxa niphakamisa lawo magama. Khohlwani ngukuphakamisa abangani benu abangenakho kwakhona nje kubo ukusebenza ngokuzikhandla, bangawagodli amandla abo besebenzela iQembu kuleminyaka emibili ezayo. Isikhathi sokudlala lolohlobo lwemidlalo sesiphelile uma sizofeza ukuvuselelwa nokuzalwa kabusha kweQembu esengikhulume nani ngakho kuleminyaka emithathu edlule.

Kuliqiniso ukuthi kunabantu abaningi esibakhethayo kulezizinketho abasidumazayo sonke ngoba bangamavila amakhulu, behluleka ngisho nokuphakamisa ucikicane wodwa lo nxa sekuza ekufezeni izimfuno zobuholi.
Ngiyazi ukuthi phakathi ekujuleni kwezinhliziyo zenu ninalo loluhlobo lwabantu ngisho naphakathi kwalabo enabakhetha ngokhetho olwedlule.
Namhlanje ngiyaninxusa ukuba ningalibhidlizi iQembu ngokubuyisela lolohlobo lwabantu abafe bephila ezikhundleni abebeziphethe, ngoba nje nifuna ukubajabulisa. Lolukhetho kalusilo ithuba lokutobozana nokuzazisa kwalabo abangabangani bakho. Izinhlangano eziningi sezabulawa ngabantu balolohlobo, abakhethelwa ezikhundleni ngaphandle kokucabangisisa ukuthi ngabe labobantu banazo yini izimpawu zobuholi iQembu LeNkatha Yenkululeko elibudinga kangaka kulesisimo esizifumana sikuso. Ngisazokubona ukwethembeka okuzokutshengiswa namhlanje ngabantu abaphethe izikhundla njengamanje kuyoyomibili leMibutho yethu, abaziyo ukuthi kakukho lutho abalwenzileyo ukuqhubela umgomo wethu phambili nganoma iyiphi indlela. Ngilindele abantu abathembekileyo ukuba benqabe uma bezoba nonembeza abamsulwa abazobenza bangakwazi ukukhomba noma yini abayenzileyo kusukela bakhethwa ngeNgqungquthela yokhetho edlule.

Ngeviki eledlule nje umholi we-ANC kulesiSifundazwe usiphosele inselelo ngenkathi ekhipha ozakwethu ababili eSigungwini sakhe. Kasinayo enye indlela ngaphandle kokuba siyemukele inselelo. Lokhu kusho ukuthi kulesiSifundazwe ikakhulukazi, kakusafanele ukuba sincenge. Kasisazidingi izinkuni ezibolileyo ematomini ayo yomibili leMibutho yethu kulesisikhathi emlandweni wethu. Ukwemukela inselelo esesiyiphoselwe ngumholi we-ANC, kusho ukuzikhandla okukhulu. Yileyo impendulo engiyilindele kini.

Ngiyadabuka ukuthi kangikwazi ukusho lamazwi nginigqolozele emehlweni ngqo, ukuze nibone ukuqiniseka kokuninxusa kwami, ukuba nisenzele okufaneleyo kuleNgqungquthela yokhetho. Ngiyacela ukuba ningalidumazi iQembu.
Hlolisisani onembeza benu ngenkathi niphakamisa amagama abantu abazokhethwa nangenkathi nivotela abantu.

Kukhona enye into futhi engibona ukuthi kufanele siyiqonde. Kuyinto enhle futhi ukuba sifunde ukunikeza abanye abantu amathuba ukuba nabo batshengise izimpawu zabo zobuholi. Mina nganikela ngokuba ngesule ngonyaka ka-2004, ngaphinda futhi ngomhlaka-8 Apreli kuwo lonyaka. Lokhu kwakungenxa yokuba izitha zethu zase zigxilise ezingqondweni zabambalwa phakathi kwethu ukuthi leliQembu lidinga omunye umuntu ebuholini balo ongalihola kangcono kunendlela mina engilihola ngalo. Ngalesisizathu nganikeza iQembu ithuba lokuba licinge omunye umuntu ngoba ngangingafuni ukuba ngibe yisithiyo empumelelweni yaleliQembu. Kuzozombili lezizikhathi, ngabona ukuthi kufanele nginikeze abanye ithuba lokwenza kangcono kunami. Kuyinto esingayithokozela sonke uma kungabakhona phakathi kwabantu enabakhetha ngokwedlule, abathile abangase babone ukuthi kabakwazi ukusinikeza konke okusemandleni abo kuleminyaka emibili ebucayi ngaphambi kokhetho luka-2009, nganoma yisiphi isizathu, ukuba labobantu benqabe ukuba kuphakanyiswe amagama abo. Kakufanele ngisho nokuba bacabange ukuthi bayizehluleki. Qha.
Abantu asebevele bebambeke ngokweqisa kunoma yini enye abayenzayo, ukuba bangaphumelela ukusinikeza lesosikhathi sokwengeza eQenjini, kufanele bethembeke benqabe ukuba kuphakanyiswe amagama abo ukuze kusizakale iQembu.
Sifuna abantu abazokuqonda ukuthi ukuba yisiphathimandla eSigungwini soMbutho Wabesifazane noma eSigungwini soMbutho Wentsha kakulona nje ithuba lokuthasisela okuthile emlandweni wabo, uma umuntu engenaso isikhathi noma amandla okwethula umsebenzi. Umuntu angaphumelela kuphela ukwethula umsebenzi ngokusebenza ngokuzikhandla. Kuyoyonke leminyaka ngigcizelele ukuthi umuntu akakwazi ukuba athi usebenza ngokuzikhandla ngaphandle kokuba usebenza ngisho nalapho usubona ukuthi sekubuhlungu ukusebenza!
Ngamafushane, ubuholi bufanele ukusho ukusebenza ungalali. Noma ngubani ongazimisele ukwenza lokho, kakufanele ukuba amele ukhetho namhlanje.
Sidinga abantu abazimisele ukusebenza kanzima nabazimisele ukuqhubeka nokusebenza kanzima, baphinde basebenze kanzima futhi size sifeze izinjongo zethu ngokwethula ukusizakala kubantu bakithi, okuthi naphezu kwenkululeko yethu, basaqhubeka nokuba YIZINKUBELE ZOBUGEBENGU, UKUNGAQASHWA, YISIFO SENGCULAZI, UBUBHA, kanye nokuntuleka kwamanye amathuba okufinyelela ekugcwalisekeni kwabo. Njengoba nginibhalela lomlayezo, kuphakathi kwamabili futhi ngikholweni nxa ngithi kakusiyo neze into engajwayelekile le. Selokhu kwathi nhlo, ngibona ukuthi ngisho nakho konke okusemandleni ami kakwenele ngempela.

Nginifisela ukhetho oluyimpumelelo, sengathi uNkulunkulu uBaba angabanathi namhlanje, ngoba lokukhetho yilo oluzonquma ikusasa leQembu LeNkatha Yenkululeko, ukuthi ngabe lizoqhubeka yini nokuba neqhaza esikhathini esizayo. Ngicela ukuba nihlolisise onembeza benu ngaphambi kokuba niphakamise amagama abazomela ukhetho noma ngaphambi kokuba nivote.

 

 

Designed and maintained by Byte Internet Services - Copyright © 2006