| |
AMAZWI ENDUDUZO ETHULWE ENKONZWENI YESIKHUMBUZO SAMAKHANSELA
ENKATHA OMKHANDLU WASEMTSHEZI:
DOLLY DLADLA NO MNUMZANE MUSIC MCHUNU EYETHULWE NGU DR LPHM MTSHALI
Ilungu
LoMhlahlandlela, uMholi weKhokhasi yeqembu leNkatha ephalamende
laKwaZulu Natal, uSihlalo weKomidi Lezokuphepha noKuvikelwa
koMphakathi
Weenen : 21 June 2006
Mqondisi wohlelo, baba Mfundisi
osivulele lomsebenzi ngomthandazo nozakwenu abaholi bezenkolo,
imindeni emibili esizoyiduduza namhlanje: umndeni wakwaDladla
nomndeni wakwaMchunu, izihlobo zonke zalemindeni esibekelwe ifu
elimnyama, izimeya zethu namakhansela ethu, bonke abaholi, umndeni
wonke weqembu leNkatha, bafowethu nodadewethu.
Ngilapha namhlanje ngokuthunywa nguMhlonishwa uMengameli weqembu
leNkatha, uMntwana waKwaPhindangene. Ngizwakalisa ukulila komholi
wethu ngesehlo esibuhlungu esinehlele kumasipala waseMtshezi.
Sekuthanda ukuba kube nokhondolo lokubulawa kwamakhansela ethu
ngesihluku sokudutshulwa. Kwenzeka kwaze kwaphindelela kumasipala
wethu waseMbabazane. Siyakuqaphela futhi ukuthi imeya yethu
uShelembe yasinda ngokulambisa ihlaselwa ngezibhamu.
Ngibonga kakhulu iqhaza elibanjwe ngumholi wethu oqotho futhi
ozinikele enkonzweni yeqembu uMnumzane Stanley Dladla. Siyabonga
kakhulu Mgabadeli ngokusukumela phezulu kwakho uxhumanisa ozakwenu
nemindeni yamakhansela ethu ehlezi emanzini. Sibonga bonke abaholi
boMbutho weNkatha esifundeni soThukela.
Sibonga ukusabela kwenu lapho sekonakele. Sibonga ukunikela kwenu
ngesikhathi, izimoto zenu nokunye okuningi nilungisela ukuba
amakhansela ethu abekwe ngenkulu inhlonipho endaweni yawo
yokuphumula. Sibonga kakhulu kuwe Mnumzane Shelembe ngoholo
olunikezile kozakwenu emkhandliwni njenge Meya KaMasipala
waseMtshezi. Sithi uNkulunkulu anisekele ekuthwalisaneni imisebenzi
egwenya ngabanye.
Sibabaza ulaka nokuphelelwa ngunembeza kwalabo abazinikele
emsebenzini ongcolile wokuphuca abanye imiphefumulo ngezizathu
ezingaziwa. Siyakhathazeka kakhulu ngesenzo sokulalelwa unyendle
nokubulawa kwamakhansela eqembu leNkatha. Ziyohlala njalo zikhona
izinsolo zokuthi kungenzeka kube nendlela ehleliwe yokubulawa
kwamakhansela ethu. Sengathi abaphenyimacala egazi bangalekelela
ekuphenyeni kwabo ukuze kuphele ukusolana nokudlinzelana.
Izenzo ezifana nalesi esehlele amakhansela ethu zenza umphakathi
ungakhululeki futhi uhlale ngokwesaba. Kulukhuni ukwemukela ukuthi
ukuthula nokubuyisana kuyogxila ezindaweni ezifana nalapha eMtshezi.
Nginxusa wonke umphakathi ukuba ubambe iqhaza ekuthungathweni
komkhondo walezizinswelaboya ezibulale isekela lemeya yethu kanye
nekhansela ebelingusihlalo wekhokhasi. Sonke sididekile sifuna
ukwazi ukuthi ngobani laba abalimaza ikhansela lethu uLungile
Mhlongo.
Sibonga uNkulunkulu ngokusihlengela impilo kaNkosazana Lungile
Mhlongo.
Sikhathazeke kakhulu ngomfanekiso obuhlungu wokubulawa kozakwabo
phambi kwakhe kungekho lutho ayengalwenza esimeni sempi yamagwala
yokuntshontshana isinyelela. Simfisela ukululama ukuze abenomnikelo
njengekhansela leNkatha.
Nginiqinisa idolo bazalwane esimeni esibuhlungu kangaka. Ngithi
qinani okholweni nokuthemba uSomandla. Nguye yedwa ophayo.
Ngokunjalo uyasephuca labo abathandekayo kithi.Ngizwelana nemindeni
eshiywe zithandwa zayo. Lamaqhawe ephucwe injabulo yokubalwa nalabo
abenze omkhulu umnikelo eqenjini. Ngithi umfowethu nodadewethu
kabafelanga ize. Ungalahli ithemba meya yethu Shelembe.
Ophezu konke uyokunxephezela ngabanye ozakwenu.
Ngiphetha ngalamazwi enduduzo acashunwe encwadini yesibili kaPaula
eyilobele abaseKhorinte isahluko 5 v.1. Impilo yethu silapha
emhlabeni ingeyesikhashana.
Kasehlukene nalabo abagobe amadlangala. Sinesiqiniseko sokuthi
ukuphila okuphakade siyokufumana kwelizayo. Ngakhoke asifane nenceku
ethembekile akhuluma ngayo uLuka ongcwele isahluko 12v35-39.
izinkalo zenu mazibe ziboshwe nezibani zenu zivutha. Masifane
nezinceku ezethembekile ezilinde umyeni oyofika engalindelwe.
Sininika ithemba ngeculo 370 emaculweni aseSheshi.
Sivalelisa ngalamazwi kozakwethu asebesishiyile. Sithi hambani kahle
zinceku ezethembekile. Nilwile ukulwa okuhle. Niligijimile ibanga
ebenilibekelwe.
Nifanele ukuzuza umqhele. Hambani kahle maqhawe eNkatha. Silisho
ligcwale ukuthi "Amandla Awethu" "Sonqoba Simunye"
Ngiyabonga.
|